ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 7
INGOMA 15 Dumisani IZibulo LikaJehova!
Indlela UJehova Athethelela Ngayo—Isho Ukuthini Kuwe?
“Uthethelela ngeqiniso.”—IHU. 130:4.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Ngokuhlola eminye imifanekiso ecacile eseBhayibhelini, siyombonga nakakhulu uJehova ngendlela athethelela ngayo ngeqiniso umuntu ngamunye.
1. Kungani kunzima ukuqonda ukuthi umuntu usuke esho ukuthini uma ethi “ngiyakuxolela”?
“NGIYAKUXOLELA.” Lawo mazwi angakwenza ukhululeke ikakhulukazi uma wazi ukuthi usho noma wenza into emzwise ubuhlungu omunye umuntu! Kodwa kusho ukuthini ngempela ukuthi “Ngiyakuxolela?” Ingabe umuntu omzwise ubuhlungu uthi niseyibo abangani? Noma ingabe umane usho ukuthi akasafuni ukukhuluma ngento enixabanisile? Kungaba nzima ukuqonda ukuthi umuntu usuke esho ukuthini uma ethi “ngiyakuxolela.”
2. Indlela uJehova athethelela ngayo ichazwe kanjani emiBhalweni? (Bheka nombhalo waphansi.)
2 Indlela uJehova asithethelela ngayo ihluke kakhulu endleleni esithethelelana ngayo. Akekho ongathethelela njengoJehova. Umhubi wathi ngoJehova: “Uthethelela ngeqiniso, ukuze uhlonishwe.” a (IHu. 130:4) Ngempela uJehova “uthethelela ngeqiniso.” Usibekela isibonelo esihle ngempela sokuthi kusho ukuthini ukuthethelela. Kwamanye amavesi emibhalweni yesiHebheru, ababhali beBhayibheli bachaza indlela uJehova athethelela ngayo besebenzisa igama ababengakaze balisebenzise lapho bechaza indlela abantu abathethelelana ngayo.
3. Ukuthethelela kukaJehova kuhluke kanjani endleleni esithethelela ngayo? (Isaya 55:6, 7)
3 Lapho uJehova ethethelela umuntu, isono salowo muntu sisulwa ngokuphelele. Lowo muntu uyakwazi ukuphinde abe umngani kaJehova. Simbonga kakhulu uJehova ngokuthi usithethelela ngokuphelele futhi akayigodli intethelelo yakhe.—Funda u-Isaya 55:6, 7.
4. UJehova usisiza kanjani siqonde ukuthi kusho ukuthini ukuthethelela ngeqiniso?
4 Uma uJehova ethethelela ngendlela ehlukile kunathi, thina bantu abanesono singakuqonda kanjani ukuthi kusho ukuthini ukuthethelela ngeqiniso? UJehova usebenzisa imifanekiso ecacile ukuze asisize siqonde indlela athethelela ngayo. Kulesi sihloko sizoxoxa ngeminye yayo. Izosibonisa indlela uJehova asithethelela ngayo, ngesikhathi esifanayo asenze siphinde sibe abangani bakhe. Njengoba sixoxa ngale mifanekiso siyomthanda futhi simbonge nakakhulu uBaba wethu onothando, osibonisa ngezindlela eziningi ukuthi uyasithethelela.
UJEHOVA UYAZITHETHELELA IZONO ZETHU
5. Kwenzekani lapho uJehova ethethelela izono zethu?
5 EBhayibhelini, izono zivame ukufaniswa nemithwalo esindayo. INkosi uDavide yazichaza ngale ndlela izono zayo: “Iziphambeko zami zinqwabelane zadlula ikhanda lami; njengomthwalo osindayo, ziyangisinda kakhulu.” (IHu. 38:4) Kodwa uJehova uyazithethelela [uyazixolela] izono zezoni eziphendukayo. (IHu. 25:18; 32:5) Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “thethelela” lisho “ukuphakamisa” noma “ukuthwala.” Singafanisa uJehova nendoda enamandla esisusa umthwalo wesono osemahlombe ethu isithwalele wona.
6. UJehova uziqhelisa kude kangakanani nathi izono zethu?
6 Omunye umfanekiso ubonisa ukuthi uJehova uziqhelisa kude kangakanani nathi izono zethu. IHubo 103:12 lithi: “Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, uzibeke kude kangako izono zethu.” Impumalanga iqhelelene kakhulu nentshonalanga. Lezi zindawo ezimbili azisoze zahlangana. Ngamanye amazwi uJehova uziqhelisa kude kakhulu nathi izono zethu, njengoba singase sicabange. Lokho kusenza siqiniseke ukuthi uJehova usithethelela ngokuphelele!
7. IBhayibheli likuchaza kanjani lokho uJehova akwenzayo ngezono zethu? (Mika 7:18, 19)
7 Nakuba uJehova ezisusa kithi izono zethu ngomqondo ongokomfanekiso, uyaqhubeka yini esibambele zona? Cha. INkosi uHezekiya yathi ngoJehova: “Zonke izono zami uziphonse ngemva kwakho.” Noma njengoba umbhalo waphansi usho, “uzisusile phambi kwakho.” (Isaya 38:9, 17; mbhw.) Lokhu kusho ukuthi uJehova uyazilahla azisuse phambi kwakhe izono zabaphendukayo. Le nkulumo ingahunyushwa nangokuthi: “Wenze [izono zami] kwaba sengathi azikaze zibe khona.” IBhayibheli liphinde liligcizelele leli phuzu komunye umfanekiso okuMika 7:18, 19. (Yifunde.) Lawo mavesi athi uJehova uziphonsa ekujuleni kolwandle izono zethu. Ezikhathini zasendulo, umuntu wayengeke akwazi ukuthola into ephonswe ekujuleni kolwandle.
8. Yini esesiyifundile kuze kube manje?
8 Ngale mifanekiso sifunde ukuthi lapho uJehova esithethelela, usethula umthwalo wezono zethu. Kunjengoba nje uDavide asho, “Bayajabula labo okuthethelelwe izenzo zabo zokungabi namthetho nabazono zabo zimboziwe; uyajabula umuntu uJehova angeke asibale isono sakhe.” (Roma 4:7, 8) Leyo intethelelo yeqiniso!
UJEHOVA UYAZESULA IZONO ZETHU
9. Yimiphi imifanekiso uJehova ayisebenzisayo ukuze achaze indlela asithethelela ngayo?
9 UJehova usebenzisa neminye imifanekiso ukuze asisize sibonise ukubonga ngendlela asula ngayo izono zabantu abaphendukayo esebenzisa umhlatshelo wesihlengo. Ngomqondo ongokomfanekiso, eBhayibhelini sifunda ukuthi uJehova ugeza futhi asuse izono. Umphumela uba ukuthi isoni siyahlanzeka. (IHu. 51:7; Isaya 4:4; Jer. 33:8) UJehova uyichaza ngale ndlela imiphumela yaleyo nqubo: “Nakuba izono zenu zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa; nakuba zibomvu njengendwangu ebomvu okwegazi, zizoba njengoboya bezimvu.” (Isaya 1:18) Kunzima kakhulu ukususa amabala abomvu okwegazi endwangini. Nokho, ngalo mfanekiso uJehova usiqinisekisa ngokuthi izono zethu zingagezwa zize zingabonakali ngisho nokubonakala.
10. Yimuphi omunye umfanekiso uJehova awusebenzisayo ukuze achaze indlela asithethelela ngayo ngokukhululekile?
10 Njengoba kushiwo esihlokweni esidlule, izono zibuye zifaniswe ‘nezikweletu.’ (Math. 18:32-35) Ngakho, njalo lapho sona kuJehova kuba njengokungathi isikweletu sethu siyakhula. Simkweleta isizumbulu semali! Kodwa lapho esithethelela, kuba njengokungathi usula isikweletu sethu. Akasho ukuthi asiphinde sikhokhele izono esezithethelelwe. Lona umfanekiso omuhle ngempela ochaza indlela esijabula ngayo lapho uJehova esithethelela!
11. Lichaza ukuthini iBhayibheli uma lithi izono zethu ‘zesuliwe’? (IzEnzo 3:19)
11 UJehova akagcini nje ngokucisha izikweletu zethu noma izono zethu njengokungathi uzicisha ngo-X; uyazesula. (Funda izEnzo 3:19.) Lapho isikweletu sicishwa, singase sicabange ngo-X omkhulu odwetshwe ngepeni phezu kwemali oyikweletayo. Nokho, izinombolo ezingaphansi kwalowo X zisengabonakala. Kodwa ukusula kona kuhlukile. Ukuze siqonde lo mfanekiso, kudingeka sikhumbule ukuthi ezikhathini zasendulo uyinki owawusetshenziswa kwakulula ukuwesula ngamanzi. Umuntu wayengasebenzisa isipontshi esimanzi ukuze asule okubhaliwe. Ngakho lapho isikweletu ‘sisulwa,’ sasiphela ngokuphelele. Abantu babengasakwazi ukukubona obekubhaliwe. Obekubhaliwe kuba sengathi akukaze kube khona. Kuthinta inhliziyo ngempela ukwazi ukuthi uJehova akagcini ngokucisha izono zethu kodwa uphinde azisule ngokuphelele!—IHu. 51:9.
12. Sifundani emfanekisweni wefu elimnyama?
12 UJehova usebenzisa umfanekiso othi awufane ukuze achaze indlela asula ngayo izono zethu. Uthi: “Ngizozimboza iziphambeko zakho ngokungathi ngefu, nezono zakho ngokungathi ngamafu amnyama.” (Isaya 44:22) Lapho uJehova ethethelela, kunjengokungathi usebenzisa ifu elimnyama ukuze amboze iziphambeko zethu zishabalale zingabonakali nhlobo.
13. Sizizwa kanjani lapho uJehova ethethelela izono zethu?
13 Isifundisani le mifanekiso? Lapho uJehova ethethelela izono zethu, akufanele sicabange ukuthi siyoba nebala lalezo zono ukuphila kwethu konke. Umhlatshelo kaJesu Kristu uzikhokhele ngokuphelele izono zethu. Lapho uJehova esithethelela kunjengokungathi asikaze sone. Yileyo ndlela uJehova asithethelela ngayo lapho siphenduka ezonweni zethu.
UJEHOVA UPHINDE ASIVUMELE SIBE NOBUHLOBO OBUHLE NAYE
14. Kungani singamethemba uJehova uma ethi uyasithethelela? (Bheka nesithombe.)
14 Ukusithethelela kukaJehova ngeqiniso kusenza sibe nobuhlobo obuhle naye. Kusisiza sigweme ukunqotshwa imizwa yecala. Akudingeki sesabe ukuthi uJehova usasibambele amagqubu futhi ufuna indlela azosijezisa ngayo. Akasoze enze into enjalo. Kungani singamethemba uJehova uma ethi uyasithethelela? UJehova wathi kumprofethi uJeremiya: “Ngiyosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.” (Jer. 31:34) Ebhekisela kula mazwi, umphostoli uPawulu wasebenzisa inkulumo efanayo ethi: “Ngeke ngisazikhumbula izono zabo.” (Heb. 8:12) Kodwa lokho kusho ukuthini ngempela?
15. Kushiwo ngamuphi umqondo ukuthi uJehova akasazikhumbuli izono zethu?
15 EBhayibhelini igama elithi “khumbula” alisho ngaso sonke isikhathi ukuthi umuntu akakhumbule okwenzekile noma acabange ngakho. Kunalokho, lingasho nokuthi umuntu akenze okuthile. Isigebengu esasilenga esigxotsheni eduze kukaJesu samcela lokhu: “Jesu, ngikhumbule lapho ungena eMbusweni wakho.” (Luka 23:42, 43) Kwakungekhona nje ukuthi sasimane sicela uJesu ukuba acabange ngaso ngaleso sikhathi. Impendulo kaJesu yabonisa ukuthi wayezokwenza okuthile ukuze avuse lesi sigebengu. Ngakho, lapho uJehova ethi akasazikhumbuli izono zethu, usho ukuthi usesithethelele futhi ngeke asijezisele lezo zono esikhathini esizayo.
16. IBhayibheli liyichaza kanjani inkululeko esiyithola ngenxa yokuthethelelwa ngeqiniso?
16 IBhayibheli lisebenzisa omunye umfanekiso ukuze lisisize siqonde indlela esikhululeka ngayo lapho uJehova esithethelela ngeqiniso. Ngenxa yokuthi sinesono sifana ‘nezigqila zesono.’ Kodwa lapho uJehova esithethelela, sifana nezigqila ‘ezikhululwe esonweni.’ (Roma 6:17, 18; IsAm. 1:5) Ngempela, intethelelo kaJehova isenza sijabule kakhulu ngenxa yokuthi sikhululiwe ebugqilini.
17. Ukuthethelelwa kusenza kanjani selapheke? (Isaya 53:5)
17 Funda u-Isaya 53:5. Umfanekiso wokugcina esizoxoxa ngawo usifanisa nabantu abanesifo esibulalayo. Ngenxa yomhlatshelo wesihlengo uJehova asilungiselele wona ngeNdodana yakhe, siye selashwa ngomqondo ongokomfanekiso. (1 Pet. 2:24) Lapho sona silimaza ubuhlobo bethu noJehova, kodwa ngenxa yesihlengo angasithethelela siphinde sibe nobuhlobo obuhle naye. Njengoba umuntu olashwe isifo esibucayi ejabula kakhulu, nathi siyajabula lapho selashwa ngokomoya, siphinde samukelwe uJehova ngemva kokusithethelela.
ISITHINTA KANJANI INDLELA UJEHOVA ASITHETHELA NGAYO?
18. Sifundeni emifanekisweni eseBhayibhelini ekhuluma ngendlela uJehova asithethelela ngayo? (Bheka nebhokisi elithi “Indlela UJehova Asithethelela Ngayo.”)
18 Sifundeni emifanekisweni eseBhayibhelini ekhuluma ngendlela uJehova asithethelela ngayo? Lapho esithethelela usithethelela ngokuphelele futhi kuphela nya ngalezo zono. Lokho kusenza sibe nobuhlobo obuhle noBaba wethu. Ngesikhathi esifanayo, siyakhumbula ukuthi intethelelo yeqiniso iyisipho. Siyithola ngenxa yothando lukaJehova nomusa wakhe omkhulu awubonisa abantu abanesono. Asiyitholi ngoba nakhu isifanele.—Roma 3:24.
19. (a) Yini okufanele siyibonge? (Roma 4:8) (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Funda eyabaseRoma 4:8. Simbonga ngempela uJehova ngokuthi unguNkulunkulu ‘othethelela ngeqiniso’! (IHu. 130:4) Nokho, ukuze asithethelele kunokuthile okubalulekile okumele sikwenze. UJesu wachaza: “Uma ningabathetheleli abantu amaphutha abo, noYihlo ngeke awathethelele amaphutha enu.” (Math. 6:14, 15) Kusobala ukuthi kubalulekile ukuba silingise indlela uJehova athethelela ngayo. Kodwa singakwenza kanjani lokho? Isihloko esilandelayo sizosibonisa ukuthi singakwenza kanjani lokho.
INGOMA 46 Siyakubonga Jehova
a Imibhalo yokuqala yesiHebheru isebenzisa inkulumo ethi “intethelelo yangempela,” okudlulisela umqondo wokuthi iwukuphela kwentethelelo yeqiniso nakuba zikhona ezinye izinhlobo zokuthethelela.