Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umbuzo Olula Ongabuzwa Yinoma Ubani

Umbuzo Olula Ongabuzwa Yinoma Ubani

UMary nomyeni wakhe uJohn, a bahlala ezweni elinabantu abaningi abavela ePhilippines abeze ngomsebenzi futhi bayakujabulela ukushumayeza labo bantu. Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19, uMary akagcinanga nje ngokuqalisa izifundo zeBhayibheli nabantu basezweni ahlala kulo, kodwa uziqalise nanabantu bakwamanye amazwe. Wakwenza kanjani lokho?

UMary wayebuza abantu afunda nabo iBhayibheli ukuthi, “Ukhona yini omaziyo ongathanda ukutadisha iBhayibheli?” Uma bethi bakhona, wayecela ukuba bamxhumanise nalabo bantu. Ukubuza lo mbuzo olula kuvame ukuba nemiphumela emihle. Kungani? Kungenxa yokuthi abantu abakuthandayo lokho abakufunda eZwini likaNkulunkulu, ngokuvamile bafuna ukukuxoxela amalungu emindeni yabo nabangani babo lokho abakufundayo. Ube yini umphumela wokubuza lo mbuzo?

UJasmin, owayetadisha iBhayibheli noMary, wamtshela ngabanye abane nabo ababefuna ukutadisha iBhayibheli. Omunye wabo, uKristine, wayekujabulela ukutadisha iBhayibheli kangangokuba waze wacela uMary ukuba afunde naye kabili ngeviki. Lapho uMary ebuza uKristine ukuthi ukhona yini umuntu amaziyo ofuna ukutadisha iBhayibheli, uKristine wathi, “Yebo, ngizokuxhumanisa nabangani bami.” Emavikini ambalwa nje, uKristine waxhumanisa uMary nabangani bakhe abane ababefuna ukutadisha iBhayibheli. Kamuva, uKristine waxhumanisa uMary nabanye abangani bakhe, nabo benza okufanayo.

UKristine wayefuna umndeni wakhe ohlala ePhilippines ukuba nawo ufunde iBhayibheli. Ngakho wakhuluma nendodakazi yakhe u-Andrea. Ekuqaleni, u-Andrea wayecabanga ukuthi, ‘OFakazi bayinkolo exakile, abakholelwa kuJesu futhi basebenzisa iTestamente Elidala kuphela.’ Kodwa ngemva kwesifundo esisodwa nje seBhayibheli waqaphela ukuthi lokho ayekucabanga ngoFakazi kwakuyiphutha. Lapho eqhutshelwa isifundo seBhayibheli, wayethi: “Uma lokho kuseBhayibhelini, kumele ukuba kuyiqiniso!”

Ngokuhamba kwesikhathi, u-Andrea waxhumanisa uMary nabangani bakhe ababili kanye nomuntu ayesebenza naye, abaqala ukutadisha iBhayibheli. Okunye uMary ayengakwazi ukuthi u-anti ka-Andrea, ongaboni emehlweni okuthiwa u-Angela, wayebalalele njengoba babefunda iBhayibheli. Kwabe sekuthi ngolunye usuku, u-Angela wacela u-Andrea ukuba amxhumanise noMary, wabe esecela ukuba naye aqhutshelwe isifundo seBhayibheli. U-Angela wayekuthanda lokho ayekufunda. Ingakapheli inyanga, u-Angela wayesebambe imiBhalo eminingi ngekhanda futhi wayefuna ukufunda kane ngeviki! Esizwa u-Andrea, u-Angela waqala ukuba khona njalo emihlanganweni esebenzisa ividiyo.

Lapho uMary ethola ukuthi umyeni kaKristine uJoshua wayehlale ekhona lapho befunda, uMary wambuza ukuthi angathanda yini ukufunda nabo. UJoshua wathi, “Ngizolalela nje, kodwa ungangibuzi imibuzo; uma ungibuza imibuzo ngizonishiya.” Ingakapheli imizuzu emihlanu befunda, wabuza imibuzo eminingi ukwedlula uKristine futhi wayesafuna ukuqhubeka nokufunda.

Umbuzo kaMary olula wamenza wathola abantu abaningi azofunda nabo iBhayibheli. Abaningana babo wacela abanye oFakazi ukuba bafunde nabo. Ngenxa yokuthi uMary wabuza lowo mbuzo, abantu abangu-28 basemazweni amane ahlukahlukene baqala ukutadisha iBhayibheli.

UJasmin okunguye aqala ukufunda naye iBhayibheli wabhapathizwa ngo-Ephreli 2021. UKristine wabhapathizwa ngoMeyi 2022 futhi usebuyele ePhilippines ukuze abe nomndeni wakhe. Abanye ababili uMary ayefunda nabo iBhayibheli axhumana nabo ngenxa kaKristine babhapathizwa. U-Angela wabhapathizwa ngemva kwezinyanga ezimbalwa kubhapathizwe uKristine futhi manje useyiphayona elivamile. Umyeni kaKristine uJoshua nendodakazi yabo u-Andrea kanye nabanye abaningana okufundwa nabo iBhayibheli bathuthuka kahle.

Ngekhulu lokuqala, abantu abaningi ababezwe izindaba ezinhle babezixoxela amalungu emindeni yabo nabangani ngokushesha. (Joh. 1:​41, 42a; IzE. 10:​24, 27, 48; 16:​25-33) Buza abantu ofunda nabo iBhayibheli nabanye abanesithakazelo ukuthi, “Ukhona yini omunye omaziyo ongathanda ukutadisha iBhayibheli?” Uma ubuza lo mbuzo olula, mhlawumbe nawe uyothola abantu abengeziwe abafuna ukutadisha iBhayibheli.

a Amagama ashintshiwe.