Indaba Yokuphila
UJehova Akakaze Angidumaze!
Ngangiphakathi kwamantombazanyane amane ayekhethiwe ukuze anike u-Adolf Hitler izimbali ngemva kokubeka inkulumo. Kungani ngakhethwa? Ubaba wayehileleke kakhulu emsebenzini wamaNazi futhi engumshayeli wemoto yomholi wegatsha waleli qembu endaweni yangakithi. Umama weyengumKatolika oshisekayo futhi wayefuna ngibe yindela. Naphezu kokukhuliswa abazali ababenethonya elinamandla, angizange ngibe iNazi noma indela. Ake ngikuxoxele ukuthi kungani.
NGAKHULELA eGraz, e-Austria. Ngesikhathi ngineminyaka engu-7, ngayiswa esikoleni esifundisa ngenkolo. Kodwa, ngashaqeka lapho ngibona abapristi nezindela beziphatha kabi ngokocansi. Ngakho umama wangivumela ukuba ngiphume kuleso sikole ungakapheli unyaka.
Kamuva ngayiswa esikoleni okuhlalwa kuso. Ngobunye ubusuku, ubaba wangithatha wangiyisa endaweni ephephile ngoba iGraz yayihlaselwa ngamabhomu. Sabalekela edolobheni laseSchladming. Lapho nje sifika kulelo dolobha, ibhuloho esasisanda kuwela kulo laqhunyiswa ngebhomu. Ngesinye isikhathi, amabhanoyi ayendizela phansi adubula egcekeni mina nogogo esasihlezi kulo. Lapho impi iphela sasala sidumazekile ngoba isonto nohulumeni kwakuhlulekile ukusisiza.
UKUFUNDA NGOKUSEKELA OKUNGADUMAZI
Ngo-1950, uFakazi KaJehova waqala ukuxoxa nomama ngomyalezo weBhayibheli. Ngangizilalela izingxoxo zabo, ngezinye izikhathi ngize ngihambe nomama lapho eya emihlanganweni yebandla. Eqiniseka ngokuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso, umama wabhapathizwa ngo-1952.
Ngaleso sikhathi, ibandla langakithi ngangilibona lifana nendawo okuhlangana kuyo omama asebekhulile. Nokho, kamuva savakashela ibandla elalinentsha eningi—elalingafani neze nendawo okuhlangana kuyo omama asebekhulile! Lapho ngibuyela eGraz, ngaqala ukuya kuyo yonke imihlangano futhi ngokushesha nami ngaqiniseka ngokuthi lokho engangikufunda kuyiqiniso. UJehova ngamazi njengoNkulunkulu ongahluleki ukusekela izinceku zakhe. Wenza lokho ngisho nalapho sinomuzwa wokuthi akekho ongasisiza ezimweni ezinzima esibhekana nazo.—IHu. 3:5, 6.
Ngafuna ukuxoxela abanye iqiniso. Ngaqala ngokuxoxela izingane zakithi, ubhuti wami nodadewethu abahlanu. Odadewethu abane base behambile ekhaya, bengothisha ezikoleni.
Ngabavakashela ezindaweni ezihlukene ababehlala kuzo ngabakhuthaza ukuba batadishe iBhayibheli. Ekugcineni, zonke izingane zakithi zatadisha iBhayibheli futhi zaba oFakazi BakaJehova.Ngesonto lesibili ngishumayela endlini ngendlu, ngahlangana nowesifazane owayevile eminyakeni engu-30 engaqala ukufunda naye iBhayibheli. Wathuthuka waze wabhapathizwa, kamuva kwabhapathizwa umyeni namadodana akhe amabili. Ukufundela lona wesifazane kwaluqinisa ukholo lwami. Kungani? Phela akekho umuntu owake wangifundela iBhayibheli. Kwakudingeka ngisilungiselele kahle isifundo ngasinye. Lokho kwakungisiza ngizifundise mina kuqala bese ngifundisa engimqhubela isifundo seBhayibheli! Lokho kwenza ukuba ngiliqonde nakakhulu iqiniso. Ngo-Ephreli 1954, ngabhapathizwa ngokucwiliswa emanzini ngibonisa ukuzinikezela kwami kuJehova.
“SIYASHUSHISWA, KODWA ASISHIYWA DENGWANE”
Ngo-1955, ngaya emihlanganweni yezizwe zonke eJalimane, eFrance naseNgilandi. Ngesikhathi ngiseLondon, ngahlangana no-Albert Schroeder. Wayenguthisha eSikoleni SeBhayibheli SaseGileyadi futhi kamuva wakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo. Ngesikhathi sivakashele iBritish Museum, uMfoweth’ uSchroeder wasikhombisa eminye yemiBhalo yesandla yasendulo yeBhayibheli. Yayinegama likaNkulunkulu ngezinhlamvu zesiHebheru wabe esechaza ukubaluleka kwayo. Lokhu kwangenza ngamthanda nakakhulu uJehova neqiniso, okwangikhuthaza ukuba ngishumayele iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu.
Ngaba yiphayona lesikhathi esigcwele ngoJanuwari 1, 1956. Ngemva kwezinyanga ezine, ngathola isimemo sokukhonza njengephayona elikhethekile e-Austria. Ngaleso sikhathi, babengekho oFakazi eMistelbach, okuyidolobha engangizokhonza kulo. Ngabe sengibhekana nenselele. Mina nodade engangiphayona naye sasingafani nhlobo. Ngangineminyaka engu-18 ngisuka edolobheni; yena eneminyaka engu-25 esuka emaphandleni. Ngangingakuthandi ukusheshe ngivuke kanti yena wayekuthanda ukusheshe avuke. Mina ngangithanda ukulala ebusuku kakhulu kanti yena wayethanda ukusheshe alale. Nakuba kunjalo, sasebenzisa iseluleko seBhayibheli, salungisa ukungaboni ngasolinye futhi sakujabulela ukusebenza ndawonye.
Empeleni, sanqoba nezinye izinselele ezinzima kakhulu kunalena. Saze ngisho sashushiswa, kodwa asizange ‘sishiywe dengwane.’ (2 Kor. 4:7-9) Ngesinye isikhathi sishumayela emaphandleni, abantu kuleyo ndawo badedela izinja zabo ukuba zisilume. Mina nengangiphayona naye sazithola sesizungezwe izinja ezinkulu zikhonkotha zifuna ukusiluma. Sabambana ngezandla, mina ngaze ngathandaza, “Jehova ngiyacela, uma zisiluma sicela ukusheshe sife!” Lapho nje sekusele kancane zigxavule izingalo zethu, zavele zama, zanyakazisa imisila, zahamba. Sabona ukuthi uJehova usivikelile. Ngemva kwalokho, sashumayela kuyo yonke leyo ndawo futhi okujabulisayo ukuthi abantu babesilalela. Mhlawumbe babemangazwe ukuthi izinja azizange zisilume noma ukuthi leso sigameko sezinja asisiyekisanga ukushumayela. Ngokuhamba kwesikhathi abanye kubo baba oFakazi.
Kukhona okunye okwasithusa. Ngolunye usuku umnikazi wendawo esasihlala kuyo wafika edakiwe, wathi uzosibulala esisola ngokuphazamisa umphakathi. Umkakhe wazama ukukhuluma naye, kodwa lutho ukudamba. Sezwa konke lokhu sisegumbini lethu esitezi esiphezulu. Ngokushesha sabeka izihlalo phambi komnyango wethu ukuze ungavuleki, sabe sesipakisha izinto zethu. Lapho sivula umnyango, lo mnikazi wendawo wayemi ezitebhisini ephethe ummese omkhulu. Ngakho sabaleka saphuma ngomnyango ongemuva, sagijima engadini ende siphethe zonke izinto zethu, asiphindanga salubhada lapho.
Saya ehotela sacela igumbi lokulala. Sagcina sesihlala lapho cishe unyaka wonke, okuyinto eyasisiza kakhulu enkonzweni yethu. Kanjani? Ihotela lalimaphakathi nedolobha, ngakho abanye babantu esasibafundela babefuna sifundele lapho. Kungakabiphi sasesiqhuba isifundo sencwadi nesifundo se-Nqabayokulinda masonto onke egumbini lethu futhi kwakuba khona abantu abangaba ngu-15.
Sahlala eMistelbach isikhathi esingaphezu konyaka. Ngemva kwalokho ngabelwa ukuyokhonza eFeldbach eningizimu-ntshonalanga yeGraz. Ngathola umuntu omusha engizophayona naye kodwa lalingekho ibandla lapho. Sasihlala egumbini elincane esitezi sesibili endlini eyakhiwe ngezingodo. Umoya wawubanga umsindo lapho ungena ezikhaleni eziphakathi kwezingodo, ngakho sazama ukuzivala izikhala ngamaphephandaba. Kwakudingeka nokuba sikhe amanzi emthonjeni. Kodwa asizisolanga ngalokho. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, kwamiswa iqembu. Ngokuhamba kwesikhathi, amalungu angu-30 omndeni esasifunda nawo alamukela iqiniso!
Zonke lezi zinto zangenza ngaqiniseka ngokuthi uJehova uyohlale ebasekela labo ababeka uMbuso wakhe kuqala. Ngisho noma engekho umuntu ongasisiza, uJehova uyohlale ekhona ukuze asisize.—IHu. 121:1-3.
UKUSEKELWA ISANDLA “SOKUNENE SOKULUNGA” SIKANKULUNKULU
Ngo-1958 kwakuzoba nomhlangano wezizwe zonke eNew York City, eYankee Stadium nasePolo Grounds. Ngafaka isicelo sokuya khona, igatsha lase-Austria labe selibuza ukuthi ngingathanda yini ukuya ekilasini lesi-32 leSikole SaseGileyadi. Ngangingalenqaba kanjani ilungelo elinjalo? Ngokushesha ngathi, “Yebo!”
Ekilasini laseGileyadi ngangihlala eduze kukaMartin Poetzinger. Wayebhekene
nobunzima obukhulu emakamu okuhlushwa amaNazi. Naye kamuva wakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo. Ekilasini, ngezinye izikhathi uMartin wayehlebeza athi, “Erika, lokhu kusho ukuthini ngesiJalimane?”Lapho sesimaphakathi nesikole, uNathan Knorr wasitshela izabelo zethu. Mina ngangizoyokhonza eParaguay. Ngenxa yokuthi ngangisemusha, ngangidinga imvume kababa ukuze ngingene kulelo zwe. Ngemva kokuyithola ngafika eParaguay ngoMashi 1959. Ngabelwa ukuyokhonza ekhaya lezithunywa zevangeli e-Asunción, nomunye udade.
Kungakabiphi, ngahlangana noWalter Bright, isithunywa sevangeli esaphothula ekilasini lesi-30. Ngokuhamba kwesikhathi, sashada futhi sabhekana nezinselele zokuphila ndawonye. Noma nini lapho sibhekana nenkinga enzima, sasifunda isithembiso sikaJehova esiku-Isaya 41:10 esithi: “Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa.” Lokhu kwakusiqinisekisa ngokuthi uma nje silwela ukuhlala sithembekile kuNkulunkulu futhi sibeka uMbuso wakhe kuqala, wayengeke asidumaze.
Ngokuhamba kwesikhathi, sabelwa endaweni eseduze nomngcele waseBrazil. Lapho, abefundisi babekhuthaza intsha ukuba ijikijele amatshe ekhaya lezithunywa zevangeli, elalisesimweni vele esingesihle. Ngemva kwalokho, uWalter wafundela isikhulu samaphoyisa. Leso sikhulu saqikelela ukuthi amaphoyisa agada umuzi esasihlala kuwo isonto lonke futhi lokho kwabangela ukuba singabe sisahlushwa. Ngokushesha ngemva kwalokho, sathuthela endaweni ekahle ngale komngcele waseBrazil. Lokhu kwaba usizo ngoba sasikwazi ukuba nemihlangano eParaguay naseBrazil. Ngaphambi kokuba sihambe kuleso sabelo, kwase kunamabandla amancane amabili.
UJEHOVA UYAQHUBEKA ENGISEKELA
Odokotela bangitshela ukuthi ngeke ngikwazi ukuba nezingane, ngakho samangala lapho ngithola ukuthi ngikhulelwe ngo-1962! Kamuva sazinza eHollywood, eFlorida eduze nomndeni wakubo kaWalter. Kwaphela iminyaka eminingi mina noWalter singakwazi ukuphayona. Kwakudingeka sinakekele umndeni. Noma kunjalo saqhubeka sibeka uMbuso kuqala.—Math. 6:33.
Lapho sifika eFlorida ngoNovemba 1962, samangala ukuthola ukuthi abantu bakuleyo ndawo babengathandi ukuba abantu abamnyama nabamhlophe babe nemihlangano endaweni eyodwa futhi babeshumayela ezindaweni ezihlukene. Kodwa uJehova akabahlukanisi ngaleyo ndlela abantu ngenxa yalokho amabandla agcine enabantu bezinhlanga ezihlukahlukene. Isandla sikaJehova kulelo lungiselelo sasicacile, njengoba manje kunamabandla amaningana kule ndawo.
Ngokudabukisayo, uWalter washona ngo-2015 ngenxa yomdlavuza wengqondo. Wayengumyeni omuhle kakhulu iminyaka engu-55, owayethanda uJehova nowasiza abazalwane abaningi. Ngilangazelela ukumbona emhlabeni engumqemane lapho esevusiwe.—IzE. 24:15.
Kungijabulisa kakhulu ukuthi ngichithe iminyaka engaphezu kwengu-40 enkonzweni yesikhathi esigcwele futhi ngiye ngathola imivuzo eminingi. Ngokwesibonelo, mina noWalter sasiba khona njalo lapho kubhapathizwa abantu esasibafundela iBhayibheli abangu-136. Ubunzima babukhona, kodwa asizange sibheke lokho njengesizathu sokuyeka ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Kunalokho, sasondela kuye siqiniseka ukuthi uyozilungisa izinto ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe. Yilokho kanye akwenza!—2 Thim. 4:16, 17.
Ngimkhumbula kakhulu uWalter, kodwa ukuphayona kungisiza ngibhekane nesimo. Kuyangisiza kakhulu ukufundisa abanye, ngisho nokuxoxa nabo ngethemba lovuko. Ngempela, ngezindlela eziningi uJehova akakaze angidumaze. Uye wenza ngokuvumelana nesithembiso sakhe, wangisekela, wangiqinisa futhi waqhubeka engibambe ‘ngesandla sakhe sokunene sokulunga.’—Isaya 41:10.