ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 9
Zinsizwa—Ningabenza Kanjani Abanye Banethembe?
“Iqembu lakho lezinsizwa linjengamaconsi amazolo.”—IHU. 110:3.
INGOMA 39 Ukuzenzela Igama Elihle KuNkulunkulu
AMAZWIBELA *
1. Yini eyiqiniso ngabazalwane abasebasha?
BAZALWANE abasebasha, ningafeza lukhulu ebandleni. Iningi lenu linamandla nomdlandla. (IzAga 20:29) Nilusizo ngempela ebandleni. Mhlawumbe ungumzalwane ongathanda ukuba inceku ekhonzayo. Noma kunjalo, ungase ubone sengathi abanye bacabanga ukuthi usemncane kakhulu noma kusadingeka ukhule ukuze uphathiswe umsebenzi obalulekile. Nakuba usemncane, kunezinto ongazenza kwamanje ukuze ibandla likwethembe futhi likuhloniphe.
2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
2 Kulesi sihloko, sizohlola ukuphila kweNkosi uDavide. Sizoxoxa kafushane nangezigameko zokuphila kuka-Asa noJehoshafati—amakhosi amabili akwaJuda. Sizoxoxa ngezinhlobo zezinselele la madoda amathathu abhekana nazo, indlela asabela ngayo kuzo, nokuthi abazalwane abasebasha bangafundani kulezi zibonelo.
FUNDA ENKOSINI UDAVIDE
3. Iyiphi enye indlela abasha abangasiza ngayo asebekhulile ebandleni?
3 Esemusha, uDavide wafunda amakhono abanye ababewazisa. Kusobala ukuthi wayengokomoya, wathuthukisa ikhono lakhe njengomculi, walisebenzisa lelo khono ukuze asize uSawule, inkosi emiswe uNkulunkulu. (1 Sam. 16:16, 23) Ingabe nina zinsizwa ninalo ikhono elingazuzisa abanye ebandleni? Iningi lenu linalo. Ngokwesibonelo, kungenzeka uyabona ukuthi asebekhulile bayakujabulela ukuboniswa izindlela zokusebenzisa amathebhulethi abo kanye nezinye izinto zobuchwepheshe lapho benza isifundo somuntu siqu nasemhlanganweni. Ulwazi lwakho kwezobuchwepheshe lungabazuzisa kakhulu asebekhulile.
4. NjengoDavide, iziphi izimfanelo abazalwane abasebasha okufanele babe nazo? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)
4 Ekuphileni kwakhe kwansuku zonke, uDavide wabonisa ukuthi wayengumuntu othembekile. Ngokwesibonelo, eseyinsizwa wazikhandla lapho enakekela izimvu zikayise. Leso kwaba yisabelo esiyingozi. Kamuva uDavide wathi eNkosini uSawule: “Inceku yakho yaba umalusi wezimvu zikayise, kwaqhamuka ibhubesi lathatha imvu emhlanjini. Ngesinye isikhathi kwaqhamuka ibhere lenza okufanayo. Ngakulandela ngakubulala ngazophula emlonyeni wako.” (1 Sam. 17:34, 35) UDavide wayazi ukuthi kufanele azinakekele izimvu, ngakho wazilwela ngesibindi. Abazalwane abasebasha bangalingisa uDavide ngokuzikhandla lapho benza noma yisiphi isabelo abasinikeziwe.
5. NgokweHubo 25:14, iyiphi into ebaluleke kakhulu abazalwane abasebasha abangayenza?
5 UDavide osemusha waba nobuhlobo obuseduze noJehova. Lobo buhlobo babubaluleke kakhulu kunesibindi uDavide ayenaso nekhono lokudlala izinsimbi zomculo ezinezintambo. UJehova akagcinanga nje ngokuba uNkulunkulu kaDavide, kodwa futhi wayenguMngane wakhe—uMngane wakhe oseduze. (Funda iHubo 25:14.) Bazalwane abasebasha, into ebaluleke kakhulu eningayenza ukuqinisa ubuhlobo benu noYihlo osezulwini, futhi lokho kunganenza nithole amalungelo engeziwe.
6. Yimiphi imibono engemihle abanye ababenayo ngoDavide?
6 UDavide kwadingeka alwe nemibono engemihle abanye ababenayo ngaye. Ngokwesibonelo, lapho uDavide evolontiyela ukuyolwa noGoliyati, iNkosi uSawule yazama ukumdikibalisa, yathi: “Ungumfana nje.” (1 Sam. 17:31-33) Ngaphambilini, umfowabo kaDavide wamsola ngokuthi ubudedengu. (1 Sam. 17:26-30) Noma kunjalo, uJehova akambhekanga uDavide njengomuntu ongavuthiwe noma obudedengu. Wayeyazi kahle le nsizwa. Ngokuthembela kuMngane wakhe, uJehova, ukuze athole amandla, uDavide wamqumba phansi uGoliyati.—1 Sam. 17:45, 48-51.
7. Ungafundani endabeni kaDavide?
7 Yini esingayifunda kulokho okwenzeka kuDavide? Sifunda ukuthi kufanele sibe nesineke. Kungase kubathathe isikhathi labo abakwazi useyingane ukuba baqale ukukubheka njengomuntu osekhulakhulile. Noma kunjalo, ungaqiniseka ngokuthi uJehova ubona okungaphezu kokubukeka kwakho kwangaphandle. Ukwazi kahle futhi uyazi nokuthi yini ongase ukwazi ukuyenza. (1 Sam. 16:7) Qinisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu. UDavide wenza lokho ngokuhlolisisa imisebenzi kaJehova yokudala. UDavide wacabanga ngokuthi leyo misebenzi yembulani ngoMdali. (IHu. 8:3, 4; 139:14; Roma 1:20) Okunye ongakwenza ukucela amandla kuJehova. Ngokwesibonelo, ingabe abanye ofunda nabo bahlekisa ngawe ngenxa yokuthi unguFakazi KaJehova? Uma kunjalo, thandaza ucele uJehova akusize ubhekane nale nselele. Bese usebenzisa iseluleko esiwusizo esitholakala eZwini lakhe nasezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini namavidiyo. Isikhathi ngasinye lapho ubona uJehova ekusiza ukuba ubhekane nenselele, uyomethemba nakakhulu. Ngaphezu kwalokho, lapho abanye bebona ukuthi uthembela kuJehova, bazokwethemba.
8-9. Yini eyasiza uDavide wakulinda ngesineke ukuba yinkosi, futhi abazalwane abasebasha bangafundani esibonelweni sakhe?
8 Cabanga ngenye inselele uDavide abhekana nayo. Ngemva kokugcotshwa njengenkosi, uDavide kwadingeka alinde iminyaka eminingi ngaphambi kokuba aqale ukubusa kwaJuda. (1 Sam. 16:13; 2 Sam. 2:3, 4) Phakathi naleso sikhathi, yini eyamsiza walinda ngesineke? Kunokuba ukudikibala kumqede amandla, wagxila kulokho ayengakwenza. Ngokwesibonelo, njengoba ayephila njengombaleki endaweni yamaFilisti, uDavide walisebenzisa ithuba lokulwa nezitha zama-Israyeli. Ngokwenza kanjalo, wavikela imingcele yakwaJuda.—1 Sam. 27:1-12.
9 Yini engafundwa abazalwane abasebasha esibonelweni sikaDavide? Sebenzisani amathuba eninawo ukuze nikhonze abafowenu. Cabanga ngesibonelo sikaMfoweth’ uRicardo. * Kusukela esemncane, wayefuna ukuba yiphayona elivamile. Kodwa wayengakakulungeli. Kunokuba ayeke noma aphatheke kabi, uRicardo wathuthukisa inkonzo yakhe. Uthi: “Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi kwangisiza ukwenza intuthuko edingekayo. Ngagxila ekulandeleleni abantu engibatholayo abafuna ukufunda iqiniso, futhi ngathuthukisa indlela engibasiza ngayo. Ngaze ngaqhuba ngisho isifundo sami seBhayibheli sokuqala. Njengoba ngangiqhubeka nenkonzo, kwakhula nokuzethemba kwami.” Manje uRicardo uyiphayona elivamile eliphumelelayo futhi useyinceku ekhonzayo.
10. Kwesinye isenzakalo, yini uDavide ayenza ngaphambi kokuba enze isinqumo esasibalulekile?
10 Cabanga ngokunye okwenzeka ekuphileni kukaDavide. Ngesikhathi yena namadoda ayekanye nawo bephila njengababaleki, bashiya imindeni yabo ukuze bayolwa. Besahambile kwafika izitha zahlasela amakhaya abo zathumba nemindeni yabo. UDavide wayengase acabange ukuthi ulwazi ayenalo njengeqhawe wayengalusebenzisa ukuze athole indlela yokukhulula imindeni yabo. Kunalokho uDavide wafuna isiqondiso sikaJehova. Ngosizo lompristi u-Abhiyathara, uDavide wabuza kuJehova wathi: “Ngilijahe yini leli viyo 1 Sam. 30:7-10) Yini ongayifunda kulesi senzakalo?
labaphangi?” UJehova watshela uDavide ukuthi akalijahe futhi wamqinisekisa ngokuthi wayeyophumelela. (11. Yini ongayenza ngaphambi kokuba wenze izinqumo?
11 Cela iseluleko ngaphambi kokwenza izinqumo. Khuluma nabazali bakho. Ungathola iseluleko esihle nangokukhuluma nabadala. UJehova uyawethemba la madoda amisiwe, nawe ungawethemba. UJehova uwabheka ‘njengezipho’ ebandleni. (Efe. 4:8) Uzozuza ngokulingisa ukholo lawo nangokulalela izeluleko zawo ezihlakaniphile. Manje ake sixoxe ngalokho esingakufunda eNkosini u-Asa.
FUNDA ENKOSINI U-ASA
12. Yiziphi izimfanelo iNkosi u-Asa eyayinazo lapho iqala ukubusa?
12 Iseyinsizwa, iNkosi u-Asa yayithobekile futhi inesibindi. Ngokwesibonelo, lapho engena esikhundleni sikayise u-Abhiya, waqeda ukukhonzwa kwezithixo. Waphinde “watshela uJuda ukuba afune uJehova uNkulunkulu wokhokho bakhe nokuba agcine uMthetho nomyalo.” (2 IziKr. 14:1-7) Ngesikhathi uZera umTopiya ehlasela amaJuda ngamasosha angu-1 000 000, ngokuhlakanipha u-Asa wacela usizo kuJehova wathi: “O Jehova, akunandaba kuwe ukuthi labo obasizayo baningi noma abanamandla. O Jehova Nkulunkulu wethu, sisize ngoba sithembele kuwe.” La mazwi amahle kangaka abonisa ukuthi u-Asa wayemethemba kangakani uJehova ukuthi uzokwazi ukumsindisa yena kanye nabantu bakhe. U-Asa wathembela kuBaba wakhe osezulwini futhi “uJehova wawahlula amaTopiya.”—2 IziKr. 14:8-12.
13. Yini eyenzeka kamuva ku-Asa, futhi kungani?
13 Cishe uzovuma ukuthi ukubhekana nebutho lamasosha angu-1 000 000 kwaba inselele enkulu, kodwa u-Asa wabhekana nayo ngokuphumelelayo. Nokho, ngokudabukisayo lapho u-Asa ebhekana nenye inselele engenkulu njengeyasekuqaleni, akazange acele usizo kuJehova. Lapho esongelwa inkosi embi yakwa-Israyeli uBhahasha, u-Asa wafuna usizo enkosini yaseSiriya. Leso sinqumo saholela enhlekeleleni! Esebenzisa umprofethi uHanana, uJehova watshela u-Asa: “Ngenxa yokuthi uthembele enkosini yaseSiriya wangathembela kuJehova uNkulunkulu wakho, 2 IziKr. 16:7, 9; 1 AmaKh. 15:32) Sifundani?
ibutho lenkosi yaseSiriya liphunyukile esandleni sakho.” Empeleni, kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, u-Asa walwa izimpi ezingapheli. (14. Ungathembela kanjani kuJehova, futhi ngokweyoku-1 Thimothewu 4:12, uyoba yini umphumela uma wenza kanjalo?
14 Hlale uthobekile, uqhubeke uthembela kuJehova. Ngesikhathi ubhapathizwa, wabonisa ukuthi unokholo olukhulu kuJehova nokuthi uyamethemba. UJehova wakwamukela ngenjabulo njengelungu lomndeni wakhe. Okufanele ukwenze manje ukuqhubeka uthembela kuJehova. Kungase kubonakale kulula ukuthembela kuJehova lapho kumelwe wenze izinqumo ezibalulekile, kodwa wenzenjani ngezinye izikhathi? Ave kubalulekile ukuba uthembele kuJehova lapho wenza izinqumo, okuhlanganisa ngisho nalezo eziphathelene nezokuzijabulisa, umsebenzi wokuziphilisa nemigomo ozibekela yona ekuphileni! Ungathembeli ekuhlakanipheni kwakho. Kunalokho, funa izimiso zeBhayibheli ezizosebenza ezimweni zakho, bese wenza ngokuvumelana naleso siqondiso. (IzAga 3:5, 6) Uma wenza kanjalo, uyojabulisa uJehova futhi abasebandleni bayokuhlonipha.—Funda eyoku-1 Thimothewu 4:12.
FUNDA ENKOSINI UJEHOSHAFATI
15. Njengoba kubhalwe kweyesi-2 IziKronike 18:1-3; 19:2, yimaphi amaphutha iNkosi uJehoshafati eyawenza?
15 Kuyiqiniso ukuthi njengathi sonke, nawe unesono futhi ngezinye izikhathi uzowenza amaphutha. Noma kunjalo, lokho akufanele kukuvimbele ukuba wenze konke ongakwenza enkonzweni kaJehova. Cabanga ngesibonelo seNkosi uJehoshafati. Wayenezimfanelo eziningi ezinhle. Eseyinsizwa, “wafuna uNkulunkulu kayise, walandela umyalo wakhe.” Ngaphezu kwalokho, wathumela izikhulu ukuba zihambe ziye emadolobheni akwaJuda ziyofundisa abantu ngoJehova. (2 IziKr. 17:4, 7) Nokho, nakuba uJehoshafati ayeqotho, ngezinye izikhathi wenza izinqumo ezimbi. Ngenxa yesinye isinqumo esibi asenza, uJehoshafati wathola iseluleko esinzima komunye wabameleli bakaJehova. (Funda eyesi-2 IziKronike 18:1-3; 19:2.) Ungafundani kule ndaba?
16. Ungafundani kulokho okwenzeka kuRajeev?
16 Yamukela iseluleko futhi usisebenzise. kweyoku-1 Thimothewu 4:8.” URajeev wasamukela ngokuthobeka leso seluleko, wahlola kabusha izinto ezibalulekile ekuphileni kwakhe. Uthi: “Nganquma ukuthi ukukhonza uJehova kuzoza kuqala ekuphileni kwami.” Waba yini umphumela? URajeev uyachaza, “Eminyakeni embalwa ngemva kokuthola leso seluleko, ngafanelekela ukukhonza njengenceku ekhonzayo.”
Mhlawumbe njengezinye izinsizwa eziningi, nawe ukuthola kunzima ukuhlela izinto eziza kuqala. Ungadikibali. Phawula lokho okwenzeka kuRajeev, umzalwane osemusha. Lapho ebhekisela eminyakeni yobusha bakhe, uthi: “Ngezinye izikhathi ngangingazi ukuthi ngifuna ukwenzani ngokuphila kwami. Njengentsha eningi, ngangithanda ezemidlalo nokuzijabulisa kunokuya emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini.” Yini eyasiza uRajeev? Umdala okhathalelayo wamnika iseluleko. URajeev uyachaza: “Wangisiza ngacabangisisa ngesimiso esitholakalaYENZA UBABA WAKHO WASEZULWINI AZIQHENYE NGAWE
17. Asebekhulile bazizwa kanjani ngezinsizwa ezikhonza uJehova?
17 Asebekhulile banazisa ngempela nina zinsizwa enikhonza uJehova “ngobunye” kanye nabo! (Zef. 3:9) Bayayithanda intshiseko yenu, umdlandla nokuzikhandla kwenu lapho nenza umsebenzi eninikwe wona. Bayajabula ngani.—1 Joh. 2:14.
18. Njengoba kuboniswe encwadini yezAga 27:11, uJehova uzizwa kanjani ngezinsizwa ezimkhonzayo?
18 Bazalwane abasebasha, ningalinge nikhohlwe ukuthi uJehova uyanithanda futhi uyanethemba. Wabikezela ukuthi phakathi nezinsuku zokugcina, kwakuyoba neqembu lezinsizwa elaliyozinikela ngokuzithandela. (IHu. 110:1-3) Uyazi ukuthi niyamthanda, nifuna nokwenza konke eningakwenza ukuze nimkhonze. Ngakho yiba nesineke lapho usebenzelana nabanye, uzibekezelele nawe. Lapho wenza amaphutha, yamukela ukuqeqeshwa nesiyalo, ukubheke njengokuvela kuJehova. (Heb. 12:6) Zikhandle lapho wenza noma isiphi isabelo onikwa sona. Okubaluleke nakakhulu, yenza uBaba wakho wasezulwini aziqhenye ngawe kukho konke okwenzayo.—Funda izAga 27:11.
INGOMA 135 UJehova Uyanxusa: “Hlakanipha, Ndodana”
^ par. 5 Njengoba abazalwane abasebasha bevuthwa ngokomoya, bafuna ukumkhonza nangezinye izindlela uJehova. Ukuze bafaneleke ukuba yizinceku ezikhonzayo, kufanele bakusebenzele ukuhlonishwa abasebandleni futhi bayilondoloze leyo nhlonipho. Yiziphi izinyathelo laba bazalwane abangazithatha?
^ par. 9 Amanye amagama ashintshiwe.