Ubumnandi Bokuphila Ukuphila Okulula
UDANIEL NOMIRIAM bashada ngo-September 2000 futhi bahlala edolobheni laseBarcelona, eSpain. UDaniel uyalandisa: “Sasiphila ukuphila okubhekwa njengokuvamile. Imisebenzi yethu yayisivumela ukuba sidle ezitolo zokudla eziphambili, sivakashele phesheya futhi sigqoke izingubo ezibizayo. Sasikwazi nokuya njalo ensimini.” Nokho lwafika ushitsho.
Emhlanganweni wesifunda wango-2006, uDaniel wathintwa kakhulu inkulumo eyaphakamisa umbuzo othi: “Ingabe senza konke esingakwenza ukuze sisize labo ‘abayendayendela ekuhlatshweni’ ukuba bangene endleleni eya ekuphileni okuphakade?” (IzAga 24:11) Yagcizelela ukubaluleka kokwenza umyalezo weBhayibheli osindisa ukuphila waziwe. (IzE. 20:26, 27) UDaniel uyakhumbula, “Kwaba sengathi uJehova ukhuluma nami.” Inkulumo yaveza nokuthi ukwandisa inkonzo kwandisa nenjabulo. UDaniel wayazi ukuthi iqiniso lelo. UMiriam wayeseqalile kakade ukuphayona futhi wayethola izibusiso eziningi.
UDaniel uthi, “Ngaphetha ngokuthi kwase kuyisikwathi sokuba ngenze ushintsho olukhulu.” Wenza kanjalo ngempela. Wanciphisa amahora awasebenza emsebenzini, waqala ukuphayona futhi wacabanga ngenjabulo abangayithola benoMiriam uma bengakhonza lapho kunesidingo esikhulu khona sabamemezeli boMbuso.
IZINSELELE EZALANDELWA IZINDABA EZIMNANDI
Ngo-May 2007, uDaniel noMiriam basula emsebenzini futhi bathuthela ePanama, izwe ababeye balivakashela. Insimu yabo entsha yayineziqhingi eziningana eBocas del Toro Archipelago olwandle lwaseCaribbean, ezazihlala abantu bomdabu amaGuaymi. UDaniel noMiriam bazitshela ukuthi uma besebenzisa imali ababeyibekile bangakwazi ukuhlala izinyanga ezingu-8 ePanama.
Babezihamba ngezikebhe nangamabhayisikili iziqhingi futhi balukhumbula kahle uhambo lwabo lokuqala ngamabhayisikili—cishe lwamakhilomitha angu-32 benyuka izintaba elangeni elishisa bhe. UDaniel wacishe waquleka ngenxa yokukhathala. Noma kunjalo, imindeni yamaGuaymi eyayiseduze nendlela, yayibamukela kahle, ikakhulu ngesikhathi sebefunde nezindlela zokukhuluma ulimi lwendawo kancane. Kungakabiphi, base befundela abantu abangu-23 iBhayibheli.
Nokho, lapho imali ababeyibekile iphela, injabulo yabo yaphenduka usizi. UDaniel uyakhumbula: “Lapho sicabanga ngohambo olubuyela eSpain sakhala izinyembezi. Kwakusiphatha kabuhlungu ukuthi sizoshiya abantu esifunda nabo iBhayibheli.” Nokho, ngemva kwenyanga bathola izindaba ezijabulisayo. UMiriam uthi: “Sathola isabelo sokukhonza njengamaphayona akhethekile. Sajabula kakhulu ngoba sasesizoqhubeka nenkonzo yethu!”
OKWABAJABULISA KAKHULU
Ngenxa yezinguquko enhlanganweni, ngo-2015 uDaniel noMiriam bacelwa ukuba baqhubeke bekhonza njengamaphayona avamile. Babezokwenzenjani? Bakhumbula isithembiso esisencwadini yeHubo 37:5: “Gingqela indlela yakho kuJehova, wethembele kuye, yena uyothatha isinyathelo.” Bathola umsebenzi wokubasekela njengoba bephayona, namuhla bakhonza ebandleni elisesifundeni saseVeraguas, ePanama.
UDaniel uyalandisa: “Ngaphambi kokuba sihambe eSpain, sasingaqiniseki ngokuthi singakwazi yini ukuphila ukuphila okulula. Namuhla siphila ukuphila okulula futhi asiswele lutho olubalulekile.” Yini ebajabulisa kakhulu? Bathi, “Ukusiza abantu abathobekile ukuba bafunde ngoJehova kuyinjabulo engenakuqhathaniswa!”