Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI KUMELWE UTHEMBEKE?

Indlela Ukungathembeki Okukuthinta Ngayo

Indlela Ukungathembeki Okukuthinta Ngayo

“Kuhlale kunezimo ezinzima ezingalungiswa ukungathembeki.” ​—USamantha, eNingizimu Afrika.

Ingabe uyavumelana nalawo mazwi? NjengoSamantha ngezinye izikhathi sonke sake sabhekana nezimo ezinzima. Indlela esisabela ngayo lapho sibhekene nezimo ezisilinga ukuba singathembeki ingembula ukuthi yini ebaluleke kakhulu kithi. Ngokwesibonelo, uma sikhathalela kakhulu ukuthandwa abanye cishe siyobheka ukungathembeki njengento efanelekayo. Nokho, lapho abanye bethola iqiniso ngokwenzekile, ukungathembeki kuvame ukubangela imiphumela edabukisayo. Cabanga ngalokhu okulandelayo.

UKUNGATHEMBEKI KUQEDA UKWETHEMBANA

Ubuhlobo nabanye busekelwe ekwethembaneni. Lapho abantu ababili bethembana bazizwa bephephile futhi belondekile. Kodwa kuthatha isikhathi eside ukwethemba umuntu. Ukuchitha isikhathi ndawonye, ukukhuluma iqiniso nokwenza izinto ngendlela engenabugovu kubangela ukuba abantu bathembane. Nokho, ukwethembana kungaqedwa isenzo esisodwa sokungathembeki. Kungaba nzima kakhulu ukuphinde uthembe umuntu ngemva kokuba ekukhohlisile.

Ingabe wake wakhohliswa umuntu owawucabanga ukuthi ungumngane wakho omkhulu? Uma kunjalo, wazizwa kanjani? Cishe wezwa ubuhlungu futhi wazizwa ukhohlisiwe. Lokho kuyaqondakala. Akungabazeki ukuthi ukungathembeki kungaqeda ubuhlobo obuhle.

UKUNGATHEMBEKI KUBANGELA UKUNGATHEMBEKI

Ucwaningo olwenziwa uprofesa wezomnotho uRobert Innes e-University of California, lwabonisa ukuthi “ukungathembeki kuyathelelana ngempela.” Ngakho ukungathembeki kungafaniswa negciwane​—ukuchitha isikhathi esiningi nomuntu ongathembekile kukubeka engozini yokuba ungathembeki njengaye.

Ungakugwema kanjani ukuwela ogibeni lokungathembeki? IBhayibheli lingakusiza. Sicela ucabange ngezimiso zeBhayibheli ezimbalwa.