Kungakusiza Kanjani Ukwazi UNkulunkulu?
Kuze kube manje sifunde ngezinto ezisisize ukuba sithole impendulo yombuzo othi, Singamazi yini uNkulunkulu? Siqale ngokufunda eBhayibhelini ukuthi igama lakhe uJehova, nokuthi uthando ubuntu bakhe obuvelele. Sifunde nangalokho akwenzile, nalokho asazokwenza ukuze kuzuze bonke abantu. Nakuba kukuningi okusafanele sikufunde ngoNkulunkulu, ungase uzibuze ukuthi ukwenza kanjalo kuzokusiza ngani.
UJehova uthembisa ukuthi “uma umfuna, uyozenza atholakale kuwe.” (1 IziKronike 28:9) Njengoba uqhubeka wenza umzamo wokumazi kangcono uNkulunkulu, uzothola into eyigugu kunazo zonke—“ukusondelana noJehova”! (IHubo 25:14) Yini ongayithola ngokuba umngane kaNkulunkulu?
Injabulo yangempela. UJehova uchazwa ngokuthi ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Ukusondelana naye nokulingisa indlela enza ngayo kuzokunikeza injabulo yangempela engakuzuzisa ngokomzwelo, ngokwengqondo nangokomzimba. (IHubo 33:12) Uzothola injabulo ngoba uzogwema indlela yokuphila eyingozi, wenze izinto ezizokusiza futhi ulondoloze ubuhlobo obuhle nabanye. Ekugcineni uzovumelana nomhubi owathi: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.”—IHubo 73:28.
Ukunakekelwa. UJehova uthembisa izinceku zakhe: “Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” (IHubo 32:8) Lokhu kusho ukuthi uJehova unaka isikhonzi sakhe ngasinye futhi asinikeze usizo kuye ngokuthi sidingani. (IHubo 139:1, 2) Lapho usunobuhlobo obuqinile noJehova, uyothola ukuthi uhlale eseduze nawe.
Ikusasa elihle. UJehova uNkulunkulu akagcini ngokukusiza ube nokuphila okujabulisayo nokwanelisayo manje, kodwa ukuvulela nethuba lokuba nekusasa elihle esikhathini esizayo. (Isaya 48:17, 18) IBhayibheli lithi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kulezi zikhathi ezinzima, leli themba uNkulunkulu asinikeza lona lingaba njengehange elisigcina ‘siqinisekile futhi siqinile.’—Hebheru 6:19.
Lezi kumane kungezinye zezizathu ezibalulekile zokuba wazi uNkulunkulu kangcono futhi wakhe ubungane naye. Ungakhuluma nomunye woFakazi BakaJehova uma ufuna ukuthola olunye ulwazi olungakusiza, noma ungene ku-jw.org/zu.