Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UNkulunkulu Uyayizwa Imithandazo Yakho?

Ingabe UNkulunkulu Uyayizwa Imithandazo Yakho?

Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyakuzwa ngempela lapho uthandaza?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

  • UNkulunkulu uyalalela. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, useduze nabo bonke abambiza ngeqiniso. . . . Uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo, abakhulule.”—IHubo 145:18, 19.

  • UNkulunkulu ufuna uthandaze kuye. IBhayibheli liyasimema: “Zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.

  • UNkulunkulu uyakukhathalela. UNkulunkulu uyakwazi lokho okusikhathazayo futhi ufuna ukusisiza. IBhayibheli lithi, “Niphonse zonke izinkathazo zenu kuye, ngoba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:7.