Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UNkulunkulu Uyakuthanda

UNkulunkulu Uyakuthanda

IBhayibheli linezeluleko eziningi ezingasisiza ngoba liyiZwi likaNkulunkulu. Aliyona incwadi yezokwelapha kodwa lingasinika amacebiso okubhekana nezimo ezicindezelayo, indlela yokucabanga eshintshashintshayo, imizwa ebuhlungu nezinkinga ezingokwenyama nezingokwengqondo.

Okubaluleke nakakhulu, ukuthi iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uMdali wethu, uJehova a uNkulunkulu, uyayiqonda imizwa yethu nesikucabangayo ukwedlula noma yimuphi omunye umuntu. Uhlale ekulungele ukusisiza kunoma yiziphi izinkinga esinazo. Ake ucabange ngale miBhalo emibili eduduzayo:

“UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; uyabasindisa abadangele.”—IHUBO 34:18.

“Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambe isandla sakho sokudla, mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’” —ISAYA 41:13.

UJehova usisiza kanjani silwisane nezinkinga zokuphazamiseka kwengqondo? Ezihlokweni ezilandelayo, uzobona ukuthi uJehova usisiza ngezindlela eziningi, ebonisa ukuthi uyasithanda.

a UJehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.