Sidinga Umhlaba Ongcono!
U-António Guterres ongunobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene wathi “siphila ezweni eligcwele izinxushunxushu.” Ngokuqinisekile nawe uyavumelana nalokhu.
Imibiko eminingi yezindaba iyacindezela
Izifo nobhubhane lwezifo
Izinhlekelele zemvelo
Indlala nokuhlupheka
Ukungcola komhlaba nokufudumala kwawo
Ubugebengu, ubudlova nokukhwabanisa
Izimpi
Kusobala ukuthi siyawudinga umhlaba ongcono. Umhlaba lapho
Abantu bengaguli
Abantu bephephile futhi belondekile
Kunenala yokudla
Abantu besendaweni enempilo
Bonke abantu bephathwa ngobulungisa
Kunokuthula yonke indawo
Sisuke sisho ukuthini uma sikhuluma ngomhlaba ongcono?
Kuzokwenzekani ngomhlaba esiphila kuwo manje?
Yini esingayenza ukuze siphile emhlabeni ongcono?
Le Nqabayokulinda izochaza izimpendulo zeBhayibheli eziduduzayo zale mibuzo neminye ehlobene nayo.