Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LAPHO KUSHONA OTHANDEKAYO

Ingabe Akulungile Ukuba Lusizi?

Ingabe Akulungile Ukuba Lusizi?

Ingabe wake wagula isikhathi esifushane? Mhlawumbe walulama ngokushesha kangangokuthi wakhohlwa ngokuphelele ukuthi uke wagula. Nokho, usizi alunjalo. Encwadini yakhe ethi Healing a Spouse’s Grieving Heart, uDkt. Alan Wolfelt wabhala: “Usizi alupheli.” Nokho, uyanezela: “Ngokuhamba kwesikhathi njengoba usekelwa abanye, usizi lwakho luyodamba.”

Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela inzalamizi u-Abrahama eyasabela ngayo lapho kushona inkosikazi yayo. IBhayibheli lithi “u-Abrahama wangena ukuzolilela uSara nokuzomkhalela.” Igama elithi “ukuzolilela” lisikisela ukuthi kwathatha isikhathi esithile ukuba abhekane nokushonelwa. * Esinye isibonelo uJakobe, owakhohliswa ukuba akholelwe ukuthi indodana yakhe uJosefa yabulawa isilwane sasendle. Waba lusizi “izinsuku eziningi” futhi amalungu omndeni wakhe ayengakwazi ukumduduza. Ngisho nangemva kweminyaka eminingana, wayesadangele kakhulu ngokushona kukaJosefa.—Genesise 23:2; 37:34, 35; 42:36; 45:28.

U-Abrahama wamlilela uSara wakhe othandekayo

Nanamuhla kusenzeka okufanayo kwabaningi abashonelwe umuntu abasondelene kakhulu naye. Cabanga ngezibonelo ezimbili ezilandelayo.

  • “Umyeni wami uRobert washona ngo-July 9, 2008. Usuku okwenzeka ngalo ingozi afa kuyo, lwalungahlukile kwezinye izinsuku. Ngemva kokudla kwasekuseni, njengoba sasihlale senza ngaphambi kokuba aye emsebenzini, saqabulana, sangana futhi satshelana ukuthi: ‘Ngiyakuthanda.’ Ngisabuzwa ubuhlungu, nakuba sekudlule iminyaka eyisithupha. Angiboni ukuthi buyoke buphele ubuhlungu bokushonelwa uRob.”—UGail, oneminyaka engu-60.

  • “Nakuba sekuphele iminyaka engu-18 inkosikazi yami ethandekayo yashona, ngisayikhumbula futhi kusebuhlungu namanje. Noma nini lapho ngibona into ekhangayo emvelweni, ngivele ngicabange ngendlela ebiyokujabulela ngayo ukubona lokhu engikubonayo.”—U-Etienne, oneminyaka engu-84.

Kusobala ukuthi ubuhlungu obunjalo nobungapheli bungokwemvelo. Umuntu ngamunye ulila ngendlela yakhe futhi kungaba ukungahlakaniphi ukwahlulela indlela omunye umuntu asabela ngayo lapho eshonelwe. Ngesikhathi esifanayo, kungase kudingeke ukuba sigweme ukuzizwa kabi uma indlela esisabela ngayo ibonakala inokweqisa. Singabhekana kanjani nosizi?

^ isig. 4 Indodana ka-Abrahama u-Isaka nayo yaba lusizi isikhathi eside. Njengoba sizobona esihlokweni esithi “Lingisa Ukholo Lwabo” esikulo magazini, u-Isaka wayesadabukile ngokushona kukanina uSara, ngisho noma kwase kuphele iminyaka emithathu eshonile.—Genesise 24:67.