Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LAPHO KUSHONA OTHANDEKAYO

Ukubhekana Nosizi

Ukubhekana Nosizi

Ziningi izeluleko uma kuziwa kule ndaba. Nokho akuzona zonke eziwusizo. Ngokwesibonelo, abanye bangase bakweluleke ukuba ungakhali noma ukuba ungayivezi imizwa yakho. Abanye bangase bakukhuthaze ukuba wenze okuphambene nalokho, bathi yiveze yonke imizwa yakho. IBhayibheli linombono olinganiselayo kule ndaba osekelwa ucwaningo lwanamuhla.

Kwamanye amasiko ukukhala kwendoda kubhekwa njengehlazo. Kodwa ingabe sikhona ngempela isidingo sokuba namahloni ngokukhala ngisho naphambi kwabantu? Izazi zokusebenza kwengqondo ziyavuma ukuthi kungokwemvelo ukukhala lapho usosizini. Ngokuhamba kwesikhathi, ukudabuka kungakusiza ukuba uqhubeke nokuphila naphezu kobuhlungu obukhulu obuzwayo. Nokho, ukufihla ubuhlungu obuzwayo kungakulimaza kunokuba kukusize. IBhayibheli aliwusekeli umbono wokuthi kubi noma kuyihlazo ukukhala kwendoda lapho isosizini. Ngokwesibonelo, cabanga ngoJesu. Lapho kushone umngane wakhe othandekayo uLazaru, uJesu wakhala obala, ngisho noma ayenamandla okuvusa abafileyo!—Johane 11:33-35.

Kuyinto evamile ukucasulwa ubala lapho sishonelwe, ikakhulukazi lapho othandekayo eshone ngokuzumayo. Ziningi izinto ezingathukuthelisa umuntu oshonelwe, njengokuthi umuntu ohloniphekile asho izinto ezibuhlungu noma angaqiniseki ngazo. UMike waseNingizimu Afrika uthi: “Ngangineminyaka engu-14 lapho kushona ubaba. Emngcwabeni, umfundisi waseSheshi wathi uNkulunkulu udinga abantu abalungile futhi usheshe abathathe. * Lokho kwangicasula ngoba sasimdinga ngempela ubaba. Nakuba sekuphele iminyaka engu-63, kusangizwisa ubuhlungu.”

Kuthiwani ngomuzwa wecala? Ikakhulu endabeni yokufa okungalindelekile, oshonelwe angalokhu ecabanga, ‘Mhlawumbe ukube bengenze ngendlela ehlukile ngabe akashonanga.’ Noma mhlawumbe naxabana nomufi ngesikhathi nigcina ukubonana. Lokhu kungakwenza uzizwe unomuzwa wecala nakakhulu.

Uma ukhathazwa imizwa enjalo yecala nentukuthelo, kubalulekile ukukhuluma ngayo. Khuluma nomngane ozokulalela futhi akuqinisekise ngokuthi leyo mizwa ijwayelekile kwabaningi abashonelwe. IBhayibheli liyasikhumbuza: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

UMngane omkhulu umuntu oshonelwe angaba naye uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. Thululela isifuba sakho kuye ngomthandazo ‘ngoba uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uthembisa bonke abenza kanjalo ukuthi ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga’ kuyoduduza imicabango nemizwa yabo. (Filipi 4:6, 7) Vumela nokuba uNkulunkulu akusize welulame ngeZwi lakhe elinenduduzo, iBhayibheli. Yenza uhlu lwemiBhalo eduduzayo. (Bheka  ibhokisi.) Ungafuna nokuyibamba ngekhanda eminye yayo. Ukucabanga ngezinto ezinjalo, kungakusiza nakakhulu ebusuku lapho uwedwa futhi ukuthola kunzima ukulala.—Isaya 57:15.

Indoda eneminyaka engu-40 esizoyibiza ngoJack, isanda kushonelwa yinkosikazi yayo ebinesifo somdlavuza. UJack uthi ngezinye izikhathi uzizwa enomzwangedwa. Kodwa umthandazo uye wamsiza. Uyachaza, “Lapho ngithandaza kuJehova angibi nawo umzwangedwa. Ngivame ukuphaphama ebusuku ngingabe ngisakwazi ukulala. Ngemva kokufunda nokuzindla ngamazwi aduduzayo aseBhayibhelini nokutshela uJehova lokho okusenhliziyweni yami ngomthandazo, ngifikelwa ukuthula nokuzola okubangela ukuba ingqondo nenhliziyo yami kuphumule futhi ngikwazi ukulala.”

Intokazi egama layo linguVanessa yashonelwa umama wayo owayegula. Nayo iye yawabona amandla omthandazo. Ithi: “Ngezikhathi ezinzima ngangivele ngibize igama likaNkulunkulu bese ngiyakhala. UJehova wayeyilalela imithandazo yami futhi njalo enginika amandla engangiwadinga.”

Abanye abeluleki babantu abashonelwe baluleka labo abakuthola kunzima ukubhekana nosizi ukuba banikele ngesikhathi sabo ekusizeni abanye. Ukwenza kanjalo kungabenza bajabule futhi kungadambisa ubuhlungu bokushonelwa. (IzEnzo 20:35) AmaKristu amaningi ashonelwe aye athola ukuthi ukusiza abanye kuye kwawaduduza kakhulu.—2 Korinte 1:3, 4.

^ isig. 5 Lena akuyona imfundiso yeBhayibheli. IBhayibheli liveza izimbangela ezintathu zokufa.—UmShumayeli 9:11; Johane 8:44; Roma 5:12.