Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

LISEKHONA YINI ITHEMBA NGOMHLABA?

Amanzi Esiwaphuzayo

Amanzi Esiwaphuzayo

AKUKHO lutho olungaphila emhlabeni ngaphandle kwamanzi, ikakhulukazi ahlanzekile. Empeleni, ezintweni eziningi eziphilayo, ingxenye enkulu amanzi. Amadamu, imifula, amachibi namanzi angaphansi komhlaba, kunikeza abantu nezilwane amanzi okuphuza, kusisize sinisele nezitshalo zethu.

Izinto Ezingcolisa Amanzi

Izingxenye eziningi zomhlaba wethu zimbozwe amanzi. Noma kunjalo, i-World Meteorological Organization ithi, “ingxenye encane kakhulu yamanzi asemhlabeni aphuzekayo nasebenzisekayo.” Nakuba kuyile ngxenye encane kuphela yamanzi asebenzisekayo emhlabeni kodwa yanele ukuze isekele ukuphila. Ingxenye yawo enkulu ingcolile noma abantu abakwazi ukuyithola ngenxa yesidingo sawo noma ukushintsha kwesimo sezulu. Ochwepheshe babikezela ukuthi eminyakeni engu-30 ezayo abantu abayizigidigidi ezinhlanu kungenzeka bangabi nawo amanzi ahlanzekile enele.

Umhlaba Wethu Unamandla Okuzivuselela

Umhlaba wadalwa ngendlela yokuthi amanzi ahlale ekhona njalo. Umhlabathi, izinto eziphila emanzini ngisho nelanga, kuyasebenzisana ukuze kuhlanze amanzi. Ake sibheke obunye ubufakazi obubonisa ukuthi umhlaba udalwe ngendlela yokuthi ukwazi ukuzivuselela.

  • Kutholakale ubufakazi bokuthi umhlabathi uyakwazi ukuhlanza amanzi. Ezindaweni ezingamaxhaphozi, kunezitshalo ezikwaziyo ukususa i-nitrogen, i-phosphorus nokubulala izinambuzane.

  • Ososayensi bathole izindlela ezingokwemvelo zokuhlanza amanzi angcolile. Izinto eziyingozi ziyaphela njengoba amanzi ehamba ngoba amabhaktheriya ayaziqeda.

  • Izimbaza a zikwazi ukumunca amakhemikhali ayingozi asemanzini ngezinsuku ezimbalwa nje, ngezinye izikhathi zikwenza ngezinga elikhulu ukudlula indlela abantu abayisebenzisayo ukuhlanza amanzi.

  • Umhlaba wethu uyakwazi ukugcina amanzi ngokulokhu uwajikelezisa. Lo mjikelezo nezinye izinqubo ezingokwemvelo zivikela amanzi ukuba angashabalali emkhathini noma aphele.

Imizamo Eyenziwayo Ukuze Kuxazululwe Le Nkinga

Uma silungisa izimoto ezivuza uwoyela, silahla amakhemikhali ayingozi ngendlela efanele, singasiza ukugcina imithombo yamanzi ihlanzekile

Ochwepheshe basikhuthaza ukuba senze konke esingakwenza ukuze songe amanzi. Ukuze sinciphise ukungcoliswa kwamanzi baseluleka ukuba silungise izimoto uma kunowoyela ovuzayo nokuba singalahli imithi esingayisebenzisi emathoyilethi asebenzisa amanzi nokuba singafaki amakhemikhali ayingozi emapayipini amanzi.

Onjiniyela baqhamuke nezindlela zesimanjemanje zokukhipha usawoti emanzini. Umgomo wabo ukuba kutholakale amanzi amaningi ahlanzekile.

Kodwa kusekuningi okusafanele kwenziwe. Ukukhipha usawoti emanzini kubonakala kungesona isixazululo esihle ngoba kumba eqolo futhi kudinga amandla amaningi. Embikweni wango-2021 omayelana nokongiwa kwamanzi, umthombo weNhlangano Yezizwe wathi: “Emhlabeni wonke, kudingeka kuphakanyiswe amasokisi ukuze kube nenqubekela phambili.”

Okushiwo YiBhayibheli—Isizathu Sokuba Nethemba

“UNkulunkulu . . . udonsa amathonsi amanzi awakhuphule; inkungu iyancibilika yakhe imvula; amafu abe eseyehlisela phansi; ayenze ine phezu kwesintu.”—Jobe 36:​26-28.

UNkulunkulu wadala imijikelezo yemvelo ukuze avikele amanzi.—UmShumayeli 1:7.

Cabanga ngalokhu: Uma uMdali esungule izinqubo zemvelo zokuhlanza amanzi, angahluleka yini ukulungisa umonakalo owenziwe abantu emanzini? Bheka isihloko esithi, “UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba,” ekhasini 15.

a Uhlobo lwezinhlanzi ezihlala emagobolondweni lunamathele emadwaleni.