Ukuhlakanipha Okukwenza Ujabule Ekuphileni
URani * uthi: “Nakuba ngidabuka lapho ngibona ububi obugcwele emhlabeni—izimpi, indlala, izifo kanye nokuhlukunyezwa kwezingane—senginethemba.”
URani wathola injabulo yangempela lapho efunda ngoMdali wethu, uNkulunkulu uMninimandla onke, onguMthombo wokuhlakanipha kwangempela. Njengoba ufunda lezi zihloko ezilandelayo, bona indlela izimfundiso zakhe ezingakusiza ngayo ukuze . . .
ube nomndeni ojabulayo
uphile ngokuthula nabanye
ujabule futhi waneliseke
uqonde ukuthi kungani sihlupheka futhi sifa
ube nethemba lokuba nekusasa elijabulisayo
wazi uMdali wethu futhi ube umngane wakhe
Uzobona nokuthi ukuhlakanipha koMdali wethu akunikwa abambalwa kuphela kodwa kunikwa wonke umuntu okufunayo.
^ par. 2 Amanye amagama akulo magazini ashintshiwe.