PHAPHAMA! No. 2 2018 | Izinto Ezingu-12 Ezenza Imindeni Iphumelele
Izinto Ezingu-12 Ezenza Imindeni Iphumelele
Sivame ukuzwa ngezinto eziningi ezibangela ukuba imindeni ingaphumeleli. Kodwa ikhona imindeni ejabulayo. Yini eyenza iphumelele?
Phakathi kuka-1990 no-2015 laphindeka kabili inani labantu abaneminyaka engaphezu kwengu-50 abadivosa e-United States. Kanti elabaneminyaka engaphezu kwengu-65 laphindeka kathathu.
Abazali badidekile: Abanye ochwepheshe bathi kufanele abazali bazincome njalo izingane zabo, kanti abanye bathi akufanele.
Intsha ikhula ingenawo amakhono ewadingayo ukuze iphumelele ekuphileni.
Noma kunjalo, iqiniso liwukuthi . . .
Umshado ungajabulisa futhi uhlale njalo.
Abazali bangafunda ukuyala izingane zabo ngendlela enothando.
Intsha ingawafunda amakhono ezowadinga lapho isikhulile.
Kanjani? Le Phaphama! izixoxa ngezinto ezingu-12 ezenza imindeni iphumelele.
1: Ukuzinikela
Amacebiso amathathu angasiza abantu abashadile bajabule.
2: Ukubambisana
Ingabe oshade naye usefana nomuntu ohlalisene naye?
3: Ukuhloniphana
Amacebiso angasiza wena noshade naye ukuba nikwazi ukuphathana nokukhulumisana ngendlela ebonisa inhlonipho.
4: Ukuthethelela
Yini engakusiza ungagxili emaphutheni oshade naye?
5: Ukuxoxa
Kunezinto ezintathu ezingakusiza usondelane nezingane zakho.
6: Ukuyala
Ingabe ukuyala ingane kuyenza izenyeze?
7: Ukufundisa
Yini okufanele uyifundise izingane zakho?
8: Ukuba Isibonelo
Okufundisa izingane zakho kufanele kuhambisane nezenzo zakho.
9: Ukuzazi
Abantu abasha bangakulwela kanjani lokho abakukholelwayo?
10: Ukwethembeka
Kubalulekile ukuba wenze abazali bakho bakwethembe.
11: Ukukhuthala
Ukuzijwayeza ukusebenza ngokuzikhandla usemusha kungakusiza uphumelele kukho konke okwenzayo ekuphileni.
12: Ukuzibekela Imigomo
Ukufinyelela imigomo kungakusiza uzethembe, uqinise ubungane bakho nabanye, futhi uhlale ujabule.
Okunye Okungasiza Imindeni
Izeluleko eziseBhayibhelini zingakusiza emshadweni wakho futhi zenze nomndeni wakho ujabule.