Okwenza Kubaluleke Ukuthola Ukuthi Ukhona Yini UMdali
Kungani kubalulekile ukuthola ukuthi ukhona yini uMdali? Uma bukwanelisa ubufakazi bokuthi uNkulunkulu uMninimandla Onke ukhona, ungase uthande ukuhlola ubufakazi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. Uma ukwethemba lokho okushiwo yiBhayibheli, ungase uzuze ngalezi zindlela ezilandelayo.
Ukuphila kwakho kuzoba nenjongo
IBHAYIBHELI LITHI: ‘[UNkulunkulu] wenza izinto ezinhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, enanelisa ngokudla, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokwenama okukhulu.’—IzEnzo 14:17.
LOKHO OKUKUSHOYO: Yonke into oyijabulelayo emhlabeni iyisipho esivela kuMdali. Uzozijabulela nakakhulu lezo zipho uma uthola ukuthi Lowo okuphe zona ukukhathalela kangakanani.
Uzothola isiqondiso ongasethemba esingakusiza nsuku zonke
IBHAYIBHELI LITHI: “Uyokuqonda okulungile, okunobulungisa nokufanele, yonke inkambo yokuhle.”—IzAga 2:9.
LOKHO OKUKUSHOYO: Njengoba enguMdali wakho, uNkulunkulu uyazi ukuthi yini oyidingayo ukuze ujabule. Uma ufunda iBhayibheli, uzothola izinto eziningi ezingakusiza ekuphileni kwakho.
Uzothola izimpendulo zemibuzo yakho
IBHAYIBHELI LITHI: “Uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu.”—IzAga 2:5.
LOKHO OKUKUSHOYO: Ukuthola ukuthi uMdali ukhona kungakusiza uthole izimpendulo zemibuzo ebalulekile enjengokuthi: Iyini injongo yokuphila? Kungani kunokuhlupheka okungaka? Kwenzekani uma sifa? Ungathola izimpendulo ezanelisayo eBhayibhelini.
Uzoba nethemba lokuba nekusasa elihle
IBHAYIBHELI LITHI: “‘Ngikwazi kahle engikucabangayo ngani,’ kusho uJehova, ‘ngizoninika ukuthula, hhayi inhlekelele, ukuze nibe nekusasa elihle nethemba.’”—Jeremiya 29:11.
LOKHO OKUKUSHOYO: UNkulunkulu uthembisa ukuthi esikhathini esizayo uzoqeda ububi, ukuhlupheka ngisho nokufa. Uma uzethemba izithembiso zikaNkulunkulu, ithemba lokuba nekusasa elihle lizokusiza ubhekane nezinkinga zosuku ngalunye ngesibindi.