Ubuhle Buqhathaniswa Nobubi—Impi Esinesikhathi Eside
Ubuhle Buqhathaniswa Nobubi—Impi Esinesikhathi Eside
EZITHOMBENI zebhayisikobho zangonyaka odlule, “umuntu owayenza okuhle” ngaso sonke isikhathi wayenqoba amandla obubi. Kodwa ukuphila okungokoqobo akukaze kube lula kanjalo. Ngokuvamile emhlabeni ongokoqobo, ububi bubonakala budlangile.
Imibiko ethusayo ngezenzo ezimbi iyingxenye evamile yezindaba zasebusuku. Enyakatho yeUnited States, indoda yaseMilwaukee ibulala abantu abangu-11 futhi ifihla izinsalela zemizimba yabo ecwiyiwe esiqandisini sayo. Ezansi le eningizimu, umuntu ongaziwa ushayisa indawo yokudlela yaseTexas futhi uqala ukudubula ngokungakhethi imizuzu eyishumi, ushiya abantu abangu-23 befile, kuhlanganise naye uqobo. Umphikisi onganelisekile eKorea wokhela iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova, ubulala abakhulekeli abangu-14.
Akukhona nje ukuthi kunalokhu kwanda kobubi okungavamile kuphela kodwa kukhona nobunye ububi obesabekayo obuthinta izwe—ukubhujiswa kwesizwe ngamabomu. Kulinganiselwa ukuthi abantu baseArmenia abayisigidi, amaJuda ayizigidi eziyisithupha, nabantu baseCambodia abangaphezu kwesigidi baye baqothulwa ezimpini zobuhlanga nezezombangazwe kulelikhulu leminyaka kuphela. Lokho okubizwa ngokuthi ukuhlanzwa kobuzwe kuye kwahlasela abaningi ezweni elaliyiYugoslavia. Akekho owaziyo ukuthi izigidi ezingaki zabantu abangenacala eziye zahlushwa ngonya emhlabeni wonke.
Izenzakalo ezibuhlungu ezinjengalezi zisiphoqa ukuba sibhekane nombuzo ophazamisayo, Kungani abantu benza ngaleyondlela? Ngeke simane nje singabunaki lobudlova njengobuwumphumela wabantu abambalwa abahlanyayo. Bona kanye
ubukhulu bobubi obenziwayo ekhulwini lethu leminyaka buyayiphikisa incazelo enjalo.Isenzo esibi sichazwa ngokuthi isenzo esingalungile ngokwezimiso zokuhle. Yisenzo esenziwa othile okwaziyo ukukhetha phakathi kokwenza okuhle nokwenza okubi. Ngandlela-thile ukwahlulela kwakhe okuhle kuyaphendukezelwa futhi ububi bunqobe. Kodwa kungani lokhu kwenzeka futhi kwenzeka kanjani?
Izincazelo ezingokwenkolo ngobubi ngokuvamile azenelisi. Isazi sefilosofi esingumKatolika uThomas Aquinas sathi “izinto eziningi ezinhle zaziyothathwa ukuba uNkulunkulu akabuvumelanga ububi ukuba bube khona.” Izazi eziningi zefilosofi ezingamaProthestani zinemibono efanayo. Ngokwesibonelo, njengoba kuboniswe kuyiEncyclopaedia Britannica, uGottfried Leibniz wayebheka ububi ‘njengobuhlobisa ubuhle obusezweni, lobo ububi obubukhulisayo ngokwenza kube nomehluko.’ Ngamanye amazwi, wayekholelwa ukuthi siyabudinga ububi ukuze sikwazi ukwazisa ubuhle. Ukucabanga okunjalo kufana nokutshela isiguli esiphethwe umdlavuza ukuthi isifo saso siyilokho kanye okudingekayo ukuze kwenziwe omunye umuntu azizwe ephile ngempela.
Izinhloso ezimbi kumelwe ukuba zivela endaweni ethile. Ingabe uNkulunkulu ngandlela-thile kumelwe asolwe? IBhayibheli liyaphendula: “Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: Ngiyengwa nguNkulunkulu; ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngobubi, naye uqobo akayengi-muntu.” Uma kungeyena uNkulunkulu, ubani-ke? Amavesi alandelayo anikeza impendulo: “Yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe sizala ukufa.” (Jakobe 1:13-15) Ngakho isenzo sobubi siba khona lapho isifiso esibi sihlakulelwa kunokuba silahlwe. Nokho, kuhileleke okwengeziwe.
ImiBhalo ichaza ukuthi izifiso ezimbi ziba khona ngenxa yokuthi isintu sinobuthakathaka obuyisisekelo—ukungapheleli esizalwa nakho. Umphostoli uPawulu wabhala: “Njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Ngenxa yesono esisizuze njengefa, kungenzeka ubugovu bunqobe umusa ekucabangeni kwethu, nonya kungenzeka luqede uzwela.
Yiqiniso, abantu abaningi ngokwemvelo bayazi ukuthi ukuziphatha okuthile akulungile. Unembeza wabo—noma ‘umthetho olotshwe ezinhliziyweni zabo’ njengoba uPawulu ewubiza kanjalo—awubavumeli ukuba benze isenzo esibi. (Roma 2:15) Nakuba kunjalo, indawo ezungezile enonya ingayicindezela imizwa enjalo, futhi unembeza ungafa uma ushaywa indiva ngokuphindaphindiwe. *—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:2.
Ingabe ukungapheleli komuntu kukodwa kuyimbangela yobubi obudlangile besikhathi sethu? Isazi-mlando uJeffrey Burton Russell waphawula: “Kuyiqiniso ukuthi ngamunye wethu unobubi obungaphakathi kuye, kodwa ukuhlanganisa ndawonye ngisho nenani elikhulu lobubi babantu akukuchazi ukuba khona kwe-Auschwitz . . . Ububi ngalesilinganiso bubonakala buhlukile ngokwezinga nangokwenani.” KwakunguJesu Kristu owakhomba lomthombo wobubi ohlukile ngokwezinga.
Sekusondele ukufa kwakhe, uJesu wachaza ukuthi abantu ababehlela ukumbulala babengenzi ngokwentando yabo siqu ngokuphelele. Babeqondiswa amandla angabonakali. UJesu wabatshela: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni.” (Johane 8:44) UDeveli, lowo uJesu ambiza ngokuthi “umbusi walelizwe,” ngokusobala unendima enkulu ekwandiseni ububi.—Johane 16:11; 1 Johane 5:19.
Kokubili ukungapheleli komuntu kanye nethonya likaSathane kuye kwaphumela ekuhluphekeni okukhulu izinkulungwane zeminyaka. Futhi alukho uphawu lokuthi umphumela wako esintwini uyancipha. Ingabe ububi buyohlala bukhona? Noma ingabe amandla obuhle ekugcineni ayoqothula ububi?
[Umbhalo waphansi]
^ par. 10 Abacwaningi muva nje baye babona ubudlelwano phakathi kobudlova obenziwa obala kuthelevishini nobugebengu bentsha. Izindawo lapho ubugebengu budlange khona nemikhaya engenabo ubunye nakho kuyizici ezibangela ukuziphatha okuhlukile ezindinganisweni zomphakathi. EJalimane lobuNazi inkulumo-ze eqhubekayo yobuhlanga yaholela abanye abantu ukuba babubheke njengobamukelekayo—futhi babudumise nokoubudumisa—ubudlova kumaJuda nakumaSlav.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Cover: U.S. Army photo
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
U.S. Army photo