Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yashintsha Indlela Yayo Yokuphila

Yashintsha Indlela Yayo Yokuphila

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Yashintsha Indlela Yayo Yokuphila

NGOKUNGANGABAZEKI uye wayibona ikhuluma nabanye emigwaqweni, ihamba indlu ngendlu, noma isemihlanganweni yobuKristu emaHholo OMbuso ahlanganyela kuwo. Sikhuluma ngentsha egqoka kahle yoFakazi BakaJehova. Kungenzeka uye waphetha ngokuthi ingoFakazi ngoba abazali bayo beye bayifundisa ukuba ibe yibo, futhi junjalo ngeningi layo. Ngakolunye uhlangothi, kunabanye kulabantu abasha abanesizinda esihluke kakhulu nabandlela y abo yokuphila yokuqala yayingafani ngokuphelele nokuphila abakuphila manje. Eqinisweni, leyo eboniswe ekhasini elilandelayo yayijwayelene namaqembu lapho ubugebengu nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kwakuyizenzakalo zansuku zonke. Yini okwayenza yashintsha ukuphila kwayo ngokuphelele kangaka? Ake sivakashele idolobha laseNorway futhi sibone abanye balabantu abasha abaye benza izinguquko ezinjalo.

Isisekelo Soshintsho

Lapho oFakazi ababili behlangana noAnnette emsebenzini wendlu ngendlu, wayeneminyaka engu-19. “Ngangiye ngatshelwa kaningi ukuthi ngingakhulumi noFakazi BakaJehova, kodwa nganginelukuluku lokufuna ukwazi futhi ngabangenisa,” ekhumbula. Wayebhema izidakamizwa kusukela eneminyaka engu-11 futhi wayehileleke ekugqekezeni okuningi nokweba izimoto.

Izindaba ezinhle zoMbuso zakhanga kuye. Wakhuthazwa ngokukhethekile yithemba lovuko, njengoba ashonelwa unina eneminyaka emihlanu. Ngakho wamukela isifundo seBhayibheli samahhala futhi waqala ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso. Watshela isoka lakhe nabanye ngalokho ayekufunda. Basabela kanjani? Abafunanga kuzwa lutho ngakho futhi basala uAnnette ngokuthi wayeyengwe ngobuqili. Nokuba kunjalo, abanye balabo ababephikisa kakhulu kamuva baqalisa ukutadisha iBhayibheli.

Ngokwesibonelo, cabangela uEspen, insizwa eneminyaka engu-20. Wezwa izindaba ezinhle zoMbuso ngesoka lika-Annette futhi ngokushesha wafuna isifundo seBhayibheli. Nokho, wayelindele ukudonsa isigwebo sasejele sezinyanga ezine, njengoba ayehileleke ekushushumbiseni izidakamizwa nasekugqekezeni okuningi njengoAnnette. Wayebhema nogwayi, insangu, nezinye izidakamizwa. Manje, yini eyayingenza umuntu owayehileleke ezintweni ezinjalo afune ukuqalisa ukutadisha iBhayibheli? UEspen waqala ukuqaphela ubuze nokuntuleka kwenjongo endleleni yakhe yokuphilo. Uyalandisa: UNgakhangwa izithembiso zeBhayibheli zekusasa ezanginikeza injongo ekuphileni. Ngakho ngaqalisa ukutadisha ukuze ngithole ukuthi ngangitshelwe iqiniso yini.

Abanye Bafuna Ukutadisha IBhayibheli

Cishe ngalesikhathi, insizwa yeqembu elifanaya lentsha yezwa izindaba ezinhle, futhi nayo yaqalisa ukutadisha nokuba khona emihlanganweni. Ngokulandelayo, kwaqaliswa isifundo nomunye kulentsha, futhi waqalisa ukuba khona emihlanganweni. Ngokushesha ngemva kwalokho, nenye insizwa yajoyina abangane bayo ekutadisheni iBhayibheli nasekwenzeni intuthuko engokomoya. Khona-ke nenye insizwa kulo leloqembu yahlatshwa umxhwele ushintsho oluhle abangane bayo ababelwenza, futhi phakathi nesikhathi esifushane, yafuna ukutadisha iBhayibheli.

UGilbert, umculi osemusha weqembu elifanayo, manje waqala ukutadisha iBhayibheli. Abazali bakhe bobabili babebulawe umdlavuza, ngakho waduduzwa yithemba leBhayibheli lovuko. (Johane 5:28, 29) Naye wayebhema insangu futhi ephila ukuphila okungcolile, futhi wayenesifiso sokuba umculi werock wodumo. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, wenza intuthuko enhle engokamoya futhi ngokushesha wanquma ukuba uFakazi kaJehova. Ekugcineni, umfowabo kaEspen omncane waqala ukuhlola iBhayibheli nokujwayelana naFakazi.

Iqiniso LeBhayibhili Liguqula Ukuphila

Kwenzeka ushintsho olukhulu kulentsha eyayivamise ukugqoka ngokungazinaki, ukungakami izinwele, nokuhileleka ezidakamizweni, ukweba, nobunye ubugebengu. UAnnette ungummemezeli waMbuso okahle futhi wakhonza njengephayona isikhathi esinganganyaka. UEspen noGilbert boye bakhonza njengamaphayona asizayo, futhi bayizinceku ezikhonzayo. Bobabili baye bashada phakathi kwebandla lobuKristu. Abanye abane kuleliyaqembu lokuqala nabo bangabamemezeli boMbuso abashisekayo!

Kuthiwani ngesigwebo sezinyanga ezine uEspen okwakumelwe asidonse? Ngenxa yezinguquko azenza ekuphileni kwakhe, isigwebo sakhe sashintshwa saba amahora angu-80 enza umsebenzi womphakathi. Ngemvume yamaphoyisa nabanye, wachitha lamahora esebenza eHhalo LoMbuso lendawo loFakazi BakaJehava. Amaphoyisa alijabulela kakhulu lelilungiselela.

Yebo, enye intsha eningi kuwo wonke umhlaba inesizinda sobugebengu. Kodwa iqiniso leZwi likaNkulunkulu liye layinikeza izimpendulo emibuzweni ebalulekile nethemba eliqinisekile ngekusasa. Ngakho, ayisezona izigebengu noma ababhemi bezidakamizwa, futhi ayisahambi igqoke ngokungazinaki. Njengaba iye yashintsha indlela yayo yokuphila, ifana ncimishl nabantu abashiwo ngenhla—aFakazi BakaJehova abasebasha, abagqoka kahle, nabashisekayo. Ifuna ukwazisa abanye ikhambi leBhayibheli elihlala njalo ezinkingeni abasha abaningi kangaka abanazo namuhla.—Bheka eyoku-1 Korinte 6:9-11.

[Isithombe ekhasini 8]

Intsha yaseNorway isabela eqinisweni