IMihlangano Yesigodi ‘Yokufundisa Kwaphezulu’
IMihlangano Yesigodi ‘Yokufundisa Kwaphezulu’
BONKE labo abafisa ukufundiswa uJehova babheke phambili ngentshiseko eMihlanganweni Yesigodi ‘Yokufundisa Kwaphezulu.’ Isimiso sezinsuku ezine siyoqokomisa izici ezibalulekile zemfundo engokomBhalo ezivikela amaKristu kulezikhathi zezinkinga zomuntu siqu ezandayo nesiyaluyalu somhlaba wonke. Lesimiso siyowasiza ukuba amelane ngokuqinile ‘nokuphambene nesifundiso esiphilileyo’ futhi abe abafundisi abangcono beZwi likaNkulunkulu.—1 Thimothewu 1:10.
Yeka isibonelo esihle esinaso sokusilingisa! Akekho omunye uMfundisi Omkhulu kunabo bonke ngaphandle kukaJehova uNkulunkulu ngokwakhe! Ngakho, u-Elihu washo ngokufanelekile kuJobe ukuthi uJehova ‘usifundisa phezu kwezilwane zomhlaba, asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’ Futhi wabuza ngokuqondene noJehova: “Ngubani ofundisa njengaye na?” (Jobe 35:11; 36:22) Ku-Isaya 30:20 (NW), uNkulunkulu kubhekiselwa kuye ‘njengoMfundisi Omkhulu.’
Umfundisi wesibili ngobukhulu ngemva kukaJehova uJesu Kristu. Wayaziwa ‘njengoMfundisi,’ kubhekiselwa kuye njengonjalo izikhathi ezingaba ngu-50 emaVangelini. Naphezu kokuphulukisa kwakhe okuningi okushukumisayo nezinye izimangaliso, uJesu wayengaziwa njengoDokotela kodwa wayaziwa njengoMfundisi.—Mathewu 8:19; Luka 5:5; Johane 13:13.
Ngokufaneleke, uJesu wafundisa abafundi bakhe nabaphostoli ukuthi babe abafundisi njengaye. Lokhu singakubona kuMathewu 10:5 kuya ku-11:1 nakuLuka 10:1-11. Ngaphambi nje kokwenyukela ezulwini, uJesu wanikeza abafundi bakhe umsebenzi wokuthunywa kokufundisa owaziwayo olotshwe kuMathewu 28:19, 20. Incwadi yezEnzo, kanye nezincwadi eziphefumlelwe eziyilandelayo emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, zilandisa ngendlela abalandeli bakaJesu bokuqala abawufeza ngayo ngentshiseko, ngekhono, nangokwethembeka lomsebenzi wokuthunywa kokufundisa.
Namuhla lomsebenzi wokufundisa uphuthuma kakhulu kunanini ngaphambili. Siphila ezinsukwini zokugcina zalesimiso sezinto, futhi ngenxa yalokho, ukuphila kuhilelekile. Ukuze abantu bangahlanganyeli ezonweni zeBabiloni Elikhulu futhi bangamukeli ingxenye yezinhlupho zalo, kumelwe bafundiswe futhi basizwe ukuba baphume eBabiloni futhi bamelele uJehova noMbuso wakhe.—IsAmbulo 18:4.
Ukuze kusizwe bonke oFakazi BakaJehova emizamweni yabo yokufeza umsebenzi wokuthunywa kokufundisa, uJehova ngenhlangano yakhe uye walungiselela iMihlangano Yesigodi ‘Yokufundisa Kwaphezulu.’ Kwangathi inceku ngayinye kaJehova ezinikezele ingaqiniseka ukuthi ibe khona okungenani kowodwa walemihlangano, ibe khona futhi ilalele kusukela engomeni yokuvula nomthandazo ngoLwesine ntambama kuze kube umthandazo wokuphetha ngeSonto ntambama.