Balusa Amawundlu Ngozwela
Balusa Amawundlu Ngozwela
KUZO zonke izilwane ezifuywayo, asikho esifana nemvu yasekhaya. Izilwane eziningi zinamandla nemizwelo edingekayo ukuze zihlwaye ukudla futhi zibalekele izilwane ezizidlayo, kodwa imvu ihlukile. Ayivikelekile ezilwaneni eziyidlayo, inekhono elincane kakhulu lokuzivikela. Uma umelusi engekho, imvu iyesaba futhi ayikwazi ukuzisiza. Lapho ingekho emhlanjini, ilahleka kalula. Ngakho-ke izimvu ezithobile zinezizathu ezinamandla zokuzizwa zisondelene nomelusi wazo. Ngaphandle kwakhe zingaba nethuba elincane lokusinda. Ngenxa yalezizici, iBhayibheli lisebenzisa izimvu ngomqondo ongokomfanekiso ukuze lichaze abantu abamsulwa, abaxhashazwayo, noma abangenakuzivikela.
Ngokuqinisekile umelusi ufanelwe imivuzo yakhe. Ukuphila kwakhe akulula neze. Akavikelekile ekushiseni nasemakhazeni, futhi uyaqwasha ebusuku. Kufanele avikele umhlambi ezilwaneni ezifuna ukuwuhlasela, ngokuvamile efaka ukuphila kwakhe engozini. Njengoba umelusi kumelwe agcine umhlambi undawonye, isikhathi sakhe esiningi usichitha efunana nezimvu ezinhlanhlathayo noma ezidukayo. Kufanele elaphe ezigulayo nezilimele. Amawundlu antekenteke noma akhathele kufanele etshathwe. Kuhlala kunokukhathazeka kokuthi kuzotholakala yini ukudla okwanele namanzi. Akuyona into engavamile ukuba umelusi alale endle ukuze aqikelele ukuthi umhlambi uphephile. Ngakho-ke, ukwelusa kuyindlela yokuphila enzima edinga izinkonzo zomuntu onesibindi, okhuthele, nonekhono. Ngaphezu kwakho konke, kumelwe abe nekhono lokubonisa ukuwukhathalela okuqotho umhlambi aphathiswe wona ukuba awunakekele.
Ukwelusa Umhlambi KaNkulunkulu
IBhayibheli lichaza abantu bakaNkulunkulu njengezimvu ezithobile nalabo abazinakekelayo njengabelusi. UJehova ngokwakhe ‘unguMalusi noMbonisi wemiphefumulo yethu.’ (1 Petru 2:25) UJesu Kristu, ‘umalusi omuhle,’ wazwakalisa isifiso sakhe sokuba izimvu zinakekelwe ngozwela lapho etshela umphostoli uPetru: ‘Yipha amawundlu ami, yalusa izimvu zami, yipha izimvu zami.’ (Johane 10:11; 21:15-17) Ababonisi abangamaKristu baye baphathiswa umthwalo wemfanelo ongathi sína ‘wokwalusa ibandla likaNkulunkulu.’ (IzEnzo 20:28) Futhi umsebenzi wabo njengabelusi abangokomoya udinga izimfanelo zomelusi omuhle ongokoqobo—isibindi, inkuthalo, ukuba nekhono, futhi ngokuyinhloko, ukukhathalela inhlalakahle yomhlambi okusuka enhliziyweni.
Ezinsukwini zomprofethi kaNkulunkulu uHezekiya, iningi labelusi elalimiselwe ukunakekela izidingo zabantu bakaJehova kwa-Israyeli lahluleka ukufeza imisebenzi yalo. Umhlambi kaNkulunkulu wahlupheka kabi, abaningi kuwo bakushiya ukukhulekela kweqiniso. (Hezekeli 34:1-10) Namuhla, abefundisi beLobukholwa baziveza bengabelusi balokho okubizwa ngokuthi ibandla lobuKristu, kodwa isimo salo esigulayo ngokomoya sifakazela ukuthi abefundisi banjengabakhohlisi abonakele abangabanakanga futhi ababexhaphaza abantu ngesikhathi uJesu esemhlabeni. Abaholi benkolo beLobukholwa bafana ‘nomuntu okhokhelwayo ongazinakekeli izimvu.’ (Johane 10:12, 13) Abazimisele neze, abakwazi, noma abakufanelekele nganoma iyiphi indlela ukwelusa umhlambi kaNkulunkulu.
Abelusi Abakhathalela Ngempela
UJesu wababekela isibonelo esiphelele bonke ababezokwelusa umhlambi kaJehova. Wayenothando, enomusa, enozwela, futhi ewusizo kubafundi bakhe ngazo zonke izindlela. Wayethatha isinyathelo kuqala sokucinga labo abantulayo. Nakuba uJesu ayematasa futhi ngokuvamile ekhathala, njalo wayezinika isikhathi sokulalela izinkinga zabo futhi abanikeze isikhuthazo. Ukuzimisela kwakhe ukudela umphefumulo wakhe ngenxa yabo kwakuwukubonakaliswa kothando okukhulu kakhulu.—Johane 15:13.
Namuhla, bonke abadala bebandla abamisiwe, kanye nezinceku ezikhonzayo, bahlanganyela lomthwalo wemfanelo womhlambi. Ngakho-ke, ngisho nezinzuzo zezinto ezibonakalayo abangase bazithole kwelinye izwe azilihehi iningi lalamadoda anemithwalo yemfanelo ukuba lithuthele kwelinye izwe futhi ngaleyondlela lishiye amabandla engenalo usizo nokuqondiswa okwanele. Njengoba uphila ‘ezikhathini ezinzima,’ umhlambi udinga isikhuthazo nesiqondiso. (2 Thimothewu 3:1-5) Kuhlala kukhona ingozi yokuthi abanye bayowela ogibeni lukaSathane, ‘onjengebhubesi elibhodlayo, elifuna elingamgwinya.’ (1 Petru 5:8) Manje kunanini ngaphambili, kubalulekile ukuba abelusi abangamaKristu ‘baluleke abangahambi ngomthetho‚ bathokozise abadanileyo‚ basekele ababuthakathaka.’ (1 Thesalonika 5:14) Ukuhlala beqaphile kuyadingeka uma befuna ukuvimbela abangagxilile ukuba bangawushiyi umhlambi.—1 Thimothewu 4:1.
Umelusi angathola kanjani ukuthi kunini lapho imvu idinga khona usizo? Ezinye zezimpawu ezisobala kakhulu ziwukwehluleka ukuba khona emihlanganweni yobuKristu, ukungahlanganyeli njalo enkonzweni yasensimini, nokuthambekela kokugwema ubudlelwano obuseduze nabanye. Ubuthakathaka futhi bungabonakala ngokuphawula ngokucophelela isimo sengqondo sezimvu nokuthi izingxoxo zazo zithambekelephi. Zingase zithambekele ekugxekeni abanye, mhlawumbe zibonise imizwa yenzondo. Izingxoxo zazo zingase zigxile ngokweqile ekuphishekeleni izinto ezibonakalayo kunasemigomweni engokomoya. Ukuntuleka kwentshiseko, ukungabi nethemba lokuhle, nokuntuleka kwenjabulo kungase kusho ukuthi ukholo lwazo selubuthakathaka. Ubuso obudabukisayo bungase bube uphawu lokuthi zicindezelwa izihlobo noma abangane bezwe abaphikisayo. Lapho ephawula lezimpawu, umelusi usengasebenzela ekutholeni ukuthi hlobo luni losizo oludingekayo.
Lapho bevakasha ukuze basize abakholwa kanye nabo, abelusi abangamaKristu kudingeka bakhumbule injongo yabo eyinhloko. Akukhona nje ukuvakasha kobungane kokuxoxa ngezinto ezincane ezingabalulekile. Injongo yomphostoli uPawulu yokuvakashela abazalwane bakhe ‘yayiwukubabela isipho esithile somusa sokomoya ukuba baqiniswe, baduduzane.’ (Roma 1:11, 12) Ukuze kufezwe lokhu, kudingeka ukulungiselela kusengaphambili.
Okokuqala, thola uhlobo lomuntu ayilo, bese uzama ukuthola ukuthi sinjani isimo sakhe esingokomoya. Uma usukutholile lokho, cabangela ukuthi hlobo luni lwesiqondiso, isikhuthazo, noma iseluleko esiyoba esizuzisa kakhulu. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, kufanele libe umthombo oyinhloko wokwaziswa ngoba “linamandla.” (Heberu 4:12) Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bangahlolwa ukuze kutholwe izihloko ezikhuluma ngezidingo ezithile zezimvu ezibhekene nezingqinamba ezikhethekile. Okuhlangenwe nakho okuvusa amadlingozi nokuqabulayo kungatholakala kuyi-Yearbook of Jehovah’s Witnesses. Injongo iwukudlulisela okuthile okungokomoya ‘okuyoba-kuhle kumuntu, kumakhe.’—Roma 15:2.
Ukwelusa Okwakhayo
Umelusi womhlambi wezimvu ezingokoqobo uyazi ukuthi zithembele kuye ukuze zithole isivikelo
nokunakekelwa. Izingozi ezivame kakhulu zibangelwa ukunhlanhlatha, ukugula, ukukhathala, ukulimala, nezitha ezidla izimvu. Ngendlela efanayo umelusi ongokomoya kumelwe azazi futhi abhekane nezingozi ezifanayo ezisongela inhlalakahle yomhlambi. Okulandelayo izinkinga ezivamile nokusikisela okumbalwa okungase kushiwo ukuze kudluliselwe ukwaziswa okwakhayo ngokomoya.(1) Njengezimvu ezingaqaphile, amanye amaKristu ayaphambuka emhlanjini kaNkulunkulu ngenxa yokuthi ahehwa izinto ezikhangayo ezibonakala zimsulwa futhi zijabulisa. Angase aphazamiseke noma ngisho akhukhuleke ngenxa yokuphishekela imigomo ehlangene nezinto ezibonakalayo, ezokuzilibazisa, noma ezokuzijabulisa. (Heberu 2:1) Abantu abanjalo bangakhunjuzwa ngokuphuthuma kwezikhathi, ngesidingo sokuhlala besondelene nenhlangano kaJehova, nangokubaluleka kokubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni. (Mathewu 6:25-33; Luka 21:34-36; 1 Thimothewu 6:8-10) Iseluleko esiwusizo sitholakala esihlokweni se-Phaphama! ka-March 8, 1985, amakhasi 28-31, esithi “Gcina Ukulinganisela Kwakho—Kanjani?”
(2) Umelusi kudingeka alungiselele okokwelapha imvu egulayo. Ngokufanayo, abelusi abangokomoya kumelwe basize amaKristu agulayo ngokomoya ngenxa yezici ezingajabulisi ekuphileni kwawo. (Jakobe 5:14, 15) Kungenzeka awasebenzi, anenkinga yempilo engathi sína, noma abhekene nezinkinga ekuphileni kwawo komkhaya. Abantu abanjalo bangase bangabi nasithakazelo sokudla okungokomoya noma sokuhlangana nabantu bakaNkulunkulu. Lokhu kuphumela ekubeni unkom’ idla yodwa nasekudikibaleni. Adinga ukuqinisekiswa ukuthi uJehova uyawakhathalela futhi uyowasekela ezikhathini ezinzima. (IHubo 55:22; Mathewu 18:12-14; 2 Korinte 4:16-18; 1 Petru 1:6, 7; 5:6, 7) Kungase kube usizo futhi ukubukeza isihloko esithi “Bheka Phambili NjengomKristu,” esitholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 1980, amakhasi 20-4.
(3) Abelusi kufanele baqaphele izimvu ezikhathalayo. Ezinye ziye zakhuthazela ngokwethembeka enkonzweni kaJehova iminyaka eminingi. Ziye zabhekana novivinyo oluningi. Manje sezibonisa izimpawu zokukhathala ekwenzeni okuhle futhi zingase ngisho zizwakalise nokungabaza ngesidingo sokuzikhandla emsebenzini wokushumayela. Kubalulekile ukuvuselela umoya wazo, ukuhlumelela ukwazisa kwazo ngezinjabulo nezibusiso ezivela enkonzweni yenhliziyo yonke eya kuNkulunkulu zilingisa uJesu Kristu. (Galathiya 6:9, 10; Heberu 12:1-3) Mhlawumbe zingasizwa ukuba zibone ukuthi uJehova uyayazisa inkonzo yazo yokwethembeka futhi angazinika amandla okubhekana nemisebenzi yesikhathi esizayo kube udumo kuye. (Isaya 40:29, 30; Heberu 6:10-12) Kungase kube yinzuzo ukuhlanganyela amaphuzu asesihlokweni esithi “Ungakhathali Ekwenzeni Okuhle,” esiku-Nqabayokulinda ka-July 15, 1988, amakhasi 9-14.
(4) Njengezimvu ezilimalayo, amanye amaKristu aye alinyazwa yilokho akubheka njengokuziphatha okunengekayo. Nokho, uma sibathethelela abanye, uBaba wethu wasezulwini uyosithethelela njengokufaneleyo. (Kolose 3:12-14; 1 Petru 4:8) Kungenzeka abanye abazalwane noma odade bathola iseluleko noma ukuyalwa ababa nomuzwa wokuthi kwakungafanele. Nokho, sonke singazuza eselulekweni noma ukuyalwa okungokomoya, futhi kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova uyabayala labo abathandayo. (Heberu 12:4-11) Ngenxa yokuthi abanikezwanga amalungelo enkonzo abanomuzwa wokuthi bayawafanelekela, abanye baye bavumela inzondo ukuba yakhe igebe phakathi kwabo nebandla. Kodwa ukuba besingaqhelela kude nenhlangano kaJehova, bekungeke kube khona enye indawo ebesingaya kuyo ukuze sithole insindiso nenjabulo yangempela. (Qhathanisa noJohane 6:66-69.) Ukwaziswa okuwusizo mayelana nalokhu kungatholakala esihlokweni esithi “Ukulondoloza Ubunye BobuKristu,” esitholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1988, amakhasi 28-30.
(5) Izimvu kumelwe zivikelwe ezilwaneni ezifuna ukuzihlasela. Uma siqhathanisa, kungenzeka abanye baphikiswe futhi besatshiswe izihlobo noma abantu abasebenza nabo abangakholwa. Mathewu 5:11, 12; 10:32-39; 24:9; 2 Thimothewu 3:12) Kungase kube yinzuzo ukubatshela ukuthi uma bethembekile, uJehova akasoze abashiya futhi uyokuvuza ukukhuthazela kwabo. (2 Korinte 4:7-9; Jakobe 1:2-4, 12; 1 Petru 5:8-10) Isihloko esithi “Ukukhuthazela Ngenjabulo Naphezu Kokushushiswa” esitholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1982, amakhasi 19-26, sinikeza isikhuthazo esengeziwe.
Ubuqotho babo bungase buhlaselwe lapho becindezelwa ukuba banciphise inkonzo yabo eya kuNkulunkulu noma bayeke ukuhlanganyela enkonzweni yobuKristu. Nokho, bayaqina lapho besizwa ukuba baqaphele ukuthi kufanele bakulindele ukuphikiswa futhi kungobunye bobufakazi bokuthi singabafundi beqiniso bakaJesu Kristu. (Belusi—Fezani Imithwalo Yenu Yemfanelo
Ziningi izidingo zomhlambi kaNkulunkulu, futhi ukuqapha okufanele kuwumsebenzi obizelayo. Ngakho-ke abelusi abangamaKristu kumelwe babe nozwela, bakukhathalele ngeqiniso ukusiza futhi babe nesithakazelo sako. Ukubekezela nokuqonda kubalulekile. Nakuba abanye abantu besidinga iseluleko nesixwayiso, abanye bazuza kakhulu esikhuthazweni. Ngezinye izikhathi ukuvakasha komuntu siqu okumbalwa kungase kwanele, kanti kwabanye kungase kudingeke isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Kunoma yikuphi injongo eyinhloko iwukudlulisela isiqondiso esakhayo ngokomoya noma iseluleko sothando esiyoshukumisela lowomuntu ukuba aqalise imikhuba emihle yokutadisha, abe khona njalo noma aqhubeke eba khona njalo emihlanganweni yebandla, futhi ajabulele ukuhlanganyela ngenkuthalo enkonzweni yobuKristu. Lezi izindlela eziyinhloko zokusiza esikholwa nabo futhi sibasize ukuba bavulele umoya ongcwele kaJehova indlela ukuze ugeleze ngokukhululeka.
Abelusi abanikeza lolohlobo lokusekela benzela umhlambi kaNkulunkulu inkonzo eyigugu kakhulu. (Bheka INqabayokulinda ka-November 15, 1985, amakhasi 23-7.) Umhlambi ukwazisa kakhulu lokho abelusi abangokomoya abakwenzayo. Ngemva kokuthola usizo olunjalo, enye inhloko yomkhaya yathi: ‘Ngemva kokuba seqinisweni iminyaka engu-22, uthando lwezinto ezibonakalayo lwasidonsela ezweni. Sasifuna ukuya emihlanganweni, kodwa sasivele sehluleke ukuya khona. Asizange ngempela sifaneleke esimisweni sikaSathane, ngakho sasisodwa, siwonkom’ idla yodwa. Lokhu kwasishiya sikhungathekile futhi sicindezelekile. Sasidinga amazwi esikhuthazo. Lapho umdala othile esivakashela, salamukela ngentokozo ilungiselelo lesifundo seBhayibheli ekhaya lethu. Manje sonke sesibuyele enhlanganweni kaJehova elondekile. Angikwazi ukuyichaza injabulo engiyizwayo!’
Kunesizathu sokujabula okukhulu lapho abazalwane nodadewethu abebenhlanhlatha noma bedikibele bevuselelwa ngokomoya. (Luka 15:4-7) Injongo kaJehova ngabantu bakhe ibonakala lapho bemunye “njengomhlambi phakathi kwedlelo.” (Mika 2:12) Kulendawo elondekile, ‘imiphefumulo yabo ifumana impumuzo’ ngosizo lukaMalusi Omuhle, uJesu Kristu. (Mathewu 11:28-30) Umhlambi womhlaba wonke onobunye uthola isiqondiso, induduzo, nesivikelo kanye nenala yokudla okungokomoya.
Namuhla, ngalomsebenzi wokwelusa, uJehova wenza ukuba kwenziwe umsebenzi wothando ovumelana nesithembiso sakhe sasendulo: “Mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge. . . . Ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo . . . Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle . . . Ngiyakufuna ezilahlekileyo, . . . ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo.” (Hezekeli 34:11-16) Yeka induduzo okuyiyo ukwazi ukuthi uJehova unguMalusi wethu!—IHubo 23:1-4.
Ngenxa yelungiselelo laphezulu lokwelusa umhlambi kaNkulunkulu, njengezinceku zikaJehova singahlanganyela imizwa kaDavide, owathi: “Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena-Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.” (IHubo 4:8) Yebo, abantu bakaJehova bazizwa belondekile ngokunakekela kwakhe kothando futhi bayabonga ngokuthi abadala abangamaKristu belusa izimvu ezincane ngozwela.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 20]
Potter’s Complete Bible Encyclopedia