Ukukhuthazela—Kubalulekile KumaKristu
Ukukhuthazela—Kubalulekile KumaKristu
“Nelekele . . . ekukholweni . . . ukukhuthazela.”—2 PETRU 1:5, 6.
1, 2. Kungani kumelwe sonke sikhuthazele kuze kube sekupheleni?
UMBONISI ojikelezayo nomkakhe babevakashele umKristu abakanye naye oseminyakeni yakhe yawo-90. Wayesebenzise amashumi amaningi eminyaka enkonzweni yesikhathi esigcwele. Njengoba babexoxa, lomzalwane osekhulile wakhumbula amanye amalungelo ayewajabulela eminyakeni eminingi edlule. “Kodwa,” ekhala njengoba izinyembezi zaziqala ukwehla ebusweni bakhe, “manje angisakwazi ukwenza lutho olwengeziwe.” Umbonisi ojikelezayo wavula iBhayibheli lakhe wafunda uMathewu 24:13, lapho uJesu Kristu ecashunwa khona ethi: “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” Khona-ke lombonisi ojikelezayo wabheka lomzalwane othandekayo wayesethi: “Isabelo sokugcina sonke esinaso, kungakhathaliseki ukuthi singenza okuningi noma okuncane kangakanani, ukukhuthazela kuze kube sekupheleni.”
2 Yebo, njengamaKristu sonke kumelwe sikhuthazele kuze kube sekupheleni kwalesimiso sezinto noma ekupheleni kokuphila kwethu. Ayikho enye indlela yokuthola ukuvunyelwa uJehova ukuze sisinde. Sisemncintiswaneni wokuphila, futhi kumelwe “sigijime ngokubekezela” kuze kube sekupheleni. (Heberu 12:1) Umphostoli uPetru wagcizelela ukubaluleka kwalemfanelo lapho enxusa amaKristu akanye nawo: “Nelekele . . . ekukholweni . . . ukukhuthazela.” (2 Petru 1:5, 6) Kodwa kuyini ngempela ukukhuthazela?
Ukukhuthazela—Lokho Okukushoyo
3, 4. Kusho ukuthini ukukhuthazela?
3 Kusho ukuthini ukukhuthazela? Isenzo sesiGreki esithi “khuthazela” (hy·po·meʹno) ngokwezwi nezwi sisho “ukuqhubeka noma ukungayeki.” Sivela izikhathi ezingu-17 eBhayibhelini. Ngokwabalobi bezichazamazwi uW. Bauer, F. W. Gingrich, noF. Danker sisho “ukuqhubeka esikhundleni sokubaleka . . . , ukuma uqinile, ukuqhubeka ungahlulwa.” Ibizo lesiGreki elisho “ukukhuthazela” (hy·po·mo·neʹ) livela izikhathi ezingaphezu kuka-30. Ngokuphathelene nakho, i-New Testament Wordbook, kaWilliam Barclay, ithi: “Kuwumoya ongabekezelela izinto, hhayi ngokuzilahla amathambo nje, kodwa ngethemba elivuthayo . . . Kuyimfanelo egcina umuntu emile ebhekene nomoya ovunguzayo. Kungubuhle obungaguqula uvivinyo olunzima lube udumo ngoba ngalé kobuhlungu kubona umgomo.”
4 Khona-ke, ukukhuthazela kusenza sikwazi ukuma siqinile futhi singalahlekelwa yithemba naphezu kwezithiyo noma ubunzima. (Roma 5:3-5) Kubheka ngalé kobuhlungu besikhathi samanje, emgomweni—umklomelo, noma isipho sokuphila okuphakade, kungakhathaliseki ukuthi ezulwini noma emhlabeni.—Jakobe 1:12.
Ukukhuthazela—Kungani?
5. (a) Kungani wonke amaKristu ‘edinga ukukhuthazela’? (b) Ukuvivinywa kwethu kungahlukaniswa ngaziphi izigaba ezimbili?
5 NjengamaKristu, sonke ‘sidinga ukukhuthazela.’ (Heberu 10:36, NW) Ngani? Ngokuyinhloko ngoba ‘sehlelwa yizilingo ngezilingo.’ Umbhalo wesiGreki lapha kuJakobe 1:2 usikisela ukubhekana nesimo esingalindelekile noma esingathandeki, njengalapho umuntu enqwamana nomphangi. (Qhathanisa noLuka 10:30.) Sihlangabezana nokuvivinywa okungase kuhlukaniswe izigaba ezimbili: lokho okuvamile kubantu ngenxa yesono esizuzwe ngefa, nalokho okulethwa ukuzinikela kwethu kokwesaba uNkulunkulu. (1 Korinte 10:13; 2 Thimothewu 3:12) Yikuphi okunye kwalokhu kuvivinywa?
6. Omunye uFakazi wakhuthazela kanjani lapho ebhekene nesifo esibuhlungu?
6 Ukugula okungathi sína. NjengoThimothewu, amanye amaKristu kumelwe akhuthazelele ‘ubuthakathaka obuvamile.’ (1 Thimothewu 5:23) Sidinga ukukhuthazela, ukuma siqinile, ngosizo lukaNkulunkulu futhi singalahlekelwa umbono wethemba lethu lobuKristu ikakhulukazi lapho sibhekene nokugula okungamahlalakhona, mhlawumbe okubuhlungu kakhulu. Cabangela isibonelo somunye uFakazi oseminyakeni yakhe yokweva emashumini amahlanu owalwisana kanzima isikhathi eside nesimila esasikhula ngokushesha. Phakathi nokuhlinzwa kabili wama eqinile esinqumweni sakhe sokungakwamukeli ukumpontshelwa igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Kodwa lesimila savela futhi kwesingezansi sakhe futhi saqhubeka sikhula eduze komhlandla wakhe. Njengoba sasikhula, wayezwa ubuhlungu obungokomzimba obungenakuqhathaniswa okwakungekho muthi owawungabudambisa. Nokho, wayebheka ngalé kobuhlungu bamanje emklomelweni wokuphila ezweni elisha. Waqhubeka ehlanganyela ithemba lakhe elivuthayo nodokotela, abahlengikazi, nezivakashi. Wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni—ekupheleni kokuphila kwakhe. Inkinga yakho yempilo ingase ingabi esongela ukuphila noma ebuhlungu njengaleyo lowomzalwane othandekayo abhekana nayo, kodwa isengaletha ukuvivinywa okukhulu kokukhuthazela.
7. Ukukhuthazela kuhilela luphi uhlobo lobuhlungu kwabanye abafowethu nodadewethu abangokomoya?
7 Ubuhlungu obungokomzwelo. Ngezinye izikhathi, abanye babantu bakaJehova babhekana ‘nosizi lwenhliziyo’ oluphumela ‘emoyeni ochotshoziwe.’ (IzAga 15:13) Ukucindezeleka okukhulu kuvamile ‘kulezikhathi ezinzima.’ (2 Thimothewu 3:1) I-Science News ka-December 5, 1992, yabika: “Amazinga okucindezeleka okukhulu, ngokuvamile okuthena amandla aye anda esizukulwaneni ngasinye esilandelayo esazalwa kusukela ngo-1915.” Izimbangela zokucindezeleka okunjalo ziyahlukahluka, zisukela ezicini ezingokomzimba kuya kokuhlangenwe nakho okubuhlungu ngendlela engathandeki. Kwamanye amaKristu, ukukhuthazela kuhilela umzabalazo wansuku zonke wokuma eqinile lapho ebhekene nobuhlungu obungokomzwelo. Nokho, awadangali. Ahlala ethembekile kuJehova naphezu kwezinyembezi.—Qhathanisa neHubo 126:5, 6.
8. Yikuphi ukuvivinywa okungokwezimali esingase sibhekane nakho?
8 Ukuvivinywa okuhlukahlukene esibhekana Mathewu 6:25-34.
nakho kungase kuhlanganise izinkinga ezingokomnotho ezingathi sína. Lapho umzalwane othile eNew Jersey, e-U.S.A., ezithola elahlekelwa umsebenzi ngokungalindelekile, ngokuqondakalayo wayekhathazeke ngokondla umkhaya wakhe nokungalahlekelwa umuzi wakhe. Nokho, akazange alahlekelwe umbono wethemba loMbuso. Lapho esafuna omunye umsebenzi, walisebenzisa ngokunenzuzo lelithuba ukuze akhonze njengephayona elisizayo. Ekugcineni, wawuthola umsebenzi.—9 .(a) Ukulahlekelwa othandekayo ngokufa kungakubizela kanjani ukukhuthazela? (b) Yimiphi imibhalo ebonisa ukuthi akukhona okungalungile ukukhala izinyembezi zosizi?
9 Uma uye wabhekana nokulahlekelwa othandekayo ngokufa, udinga ukukhuthazela okuhlala njalo ngemva kokuba labo abakuzungezile bebuyele enqubweni yabo evamile. Ungase ukuthole kunzima ngisho nakakhulu ngawe unyaka ngamunye ngesikhathi othandekayo wakho afa ngaso. Ukukhuthazelela ukulahlekelwa okunjalo akusho ukuthi akulungile ukukhala izinyembezi zosizi. Kungokwemvelo ukulila ngenxa yokufa kothile esimthandayo, futhi lokhu akukubonisi nakancane ukuntula ukholo ethembeni lovuko. (Genesise 23:2; qhathanisa namaHeberu 11:19.) UJesu “wakhala izinyembezi” ngemva kokufa kukaLazaru, nakuba ayetshele uMarta ngesibindi ukuthi: “Umnewenu uzakuvuka.” Futhi uLazaru wavuka!—Johane 11:23, 32-35, 41-44.
10. Kungani abantu bakaJehova benesidingo esiyingqayizivele sokukhuthazela?
10 Ngaphandle kokukhuthazelela ukuvivinywa okuvamile kubo bonke abantu, abantu bakaJehova banesidingo esiyingqayizivele sokukhuthazela. “Niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami,” kuxwayisa uJesu. (Mathewu 24:9) Futhi wathi: “Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela.” (Johane 15:20) Kungani kunalenzondo nokushushiswa? Ngoba njengezinceku zikaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi kulomhlaba, uSathane uzama ukwephula ubuqotho bethu kuJehova. (1 Petru 5:8; qhathanisa nesAmbulo 12:17.) Ukuze afeze lokhu uSathane ngokuvamile uye wabangela ukushushiswa okunzima, ebeka ukukhuthazela kwethu ekuvivinyweni okukhulu.
11, 12. (a) OFakazi BakaJehova nezingane zabo babhekana nakuphi ukuvivinywa kokukhuthazela ngawo-1930 nasekuqaleni kwawo-1940? (b) Kungani oFakazi BakaJehova bengasishayeli isifanekiselo sezwe indesheni?
11 Ngokwesibonelo, ngawo-1930 nasekuqaleni kwawo-1940, oFakazi BakaJehova nezingane zabo e-United States naseCanada baba yizisulu zokushushiswa ngoba benqaba ukushayela isifanekiselo sezwe indesheni ngenxa yezizathu zikanembeza. OFakazi bayasihlonipha isifanekiselo sezwe abahlala kulo, kodwa balalela isimiso esibekwe eMthethweni kaNkulunkulu ku-Eksodusi 20:4, 5: “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina-Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu.” Lapho ezinye izingane zesikole ezingoFakazi zixoshwa ngenxa yokuthi zazifisa ukuqondisa ukukhulekela kwazo kuJehova uNkulunkulu kuphela, oFakazi bamisa ama-Kingdom School ukuze zifundiswe. Labafundi babuyela ezikoleni zomphakathi lapho iNkantolo Ephakeme yase-United States iqaphela ukuma kwabo okungokwenkolo, njengoba amazwe akhanyiselwe enza namuhla. Nokho, ukukhuthazela ngesibindi kwalentsha kusebenza njengesibonelo esihle kakhulu, ikakhulukazi entsheni engamaKristu namuhla engase ibhekane nokugconwa nokuhlekwa usulu ngoba izama ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli.—1 Johane 5:21.
12 Izinhlobonhlobo zokuvivinywa esibhekana nakho—lokho okuvamile kubantu nalokho esibhekana nakho ngenxa yokholo lwethu lobuKristu—kubonisa isizathu esenza ukuba sidinge ukukhuthazela. Kodwa singakhuthazela kanjani?
Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni—Kanjani?
13. UJehova ukunikeza kanjani ukukhuthazela?
13 Abantu bakaNkulunkulu banenzuzo eqinisekile kunalabo abangamkhulekeli uJehova. Ukuze sithole usizo, singanxusa “uNkulunkulu Roma 15:5) Nokho, uJehova ukunikeza kanjani ukukhuthazela? Enye indlela akwenza ngayo lokho ingezibonelo zokukhuthazela ezilotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli. (Roma 15:4) Njengoba sicabanga ngalezi, asikhuthazwa nje kuphela ukuba sikhuthazele kodwa futhi sifunda okuningi ngendlela esingakhuthazela ngayo. Cabangela izibonelo ezimbili ezivelele—ukukhuthazela ngesibindi kukaJobe nokukhuthazela okungenasici kukaJesu Kristu.—Heberu 12:1-3; Jakobe 5:11.
wokubekezela.” (14, 15. (a) Yikuphi ukuvivinywa uJobe akukhuthazelela? (b) UJobe wakwazi kanjani ukukhuthazelela ukuvivinywa abhekana nakho?
14 Yiziphi izimo ezavivinya ukukhuthazela kukaJobe? Wabhekana nezinkinga ezingokomnotho lapho elahlekelwa yimpahla yakhe eningi. (Jobe 1:14-17; qhathanisa noJobe 1:3.) UJobe wezwa ubuhlungu bokulahlekelwa lapho zonke izingane zakhe eziyishumi zibulawa isivunguvungu. (Jobe 1:18-21) Waphathwa isifo esingathi sína, esibuhlungu kakhulu. (Jobe 2:7, 8; 7:4, 5) Umkakhe wamcindezela ukuba ashiye uNkulunkulu. (Jobe 2:9) Abangane bakhe abaseduze basho izinto ezilimazayo, ezingenamusa, nezingelona iqiniso. (Qhathanisa noJobe 16:1-3 noJobe 42:7.) Nokho, kukho konke lokhu uJobe wama eqinile, egcina ubuqotho. (Jobe 27:5) Izinto azikhuthazelela ziyefana nokuvivinywa abantu bakaJehova abahlangabezana nakho namuhla.
15 UJobe wakwazi kanjani ukukhuthazelela konke lokho kuvivinywa? Enye into eyaqinisa uJobe ngokukhethekile kwakuyithemba. Wathi: “Kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, ungabuye uhlume, nehlumela lawo aliyikuphela.” (Jobe 14:7) UJobe wayenaliphi ithemba? Njengoba kuphawulwe emavesini ambalwa kamuva, wathi: “Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? . . . Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela [noma ufise] umsebenzi wezandla zakho.” (Jobe 14:14, 15) Yebo, uJobe wabona ngalé kobuhlungu bakhe bangalesosikhathi. Wayazi ukuthi ukuvivinywa kwakhe kwakungayikuhlala phakade. Wayengakhuthazela kuze kube sezingeni lokufa. Ayekulindele ngethemba kwakungukuthi uJehova, onesifiso sothando sokuvusa abafileyo, wayeyomvusa.—IzEnzo 24:15.
16. (a) Yini esiyifundayo ngokukhuthazela esibonelweni sikaJobe? (b) Kumelwe libe ngokoqobo kangakanani kithi ithemba loMbuso, futhi ngani?
16 Yini esiyifundayo ngokukhuthazela kukaJobe? Ukuze sikhuthazele kuze kube sekupheleni, akumelwe silahlekelwe umbono wethemba lethu. Futhi, khumbula ukuthi ukuqinisekiswa kwethemba 2 Korinte 4:16-18) Ithemba lethu eliyigugu lisekelwe ngokuqinile esithembisweni sikaJehova sesikhathi esizayo esiseduze lapho ‘eyokwesula izinyembezi zonke emehlweni [ethu]; ukufa kungasayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu kungasayikuba-khona.’ (IsAmbulo 21:3, 4) Lelothemba ‘elingajabhisi,’ kumelwe lilondoloze ukucabanga kwethu. (Roma 5:4, 5; 1 Thesalonika 5:8) Kumelwe libe ngokoqobo kithi—libe ngokoqobo kangangokuba ngamehlo okholo, sizibone sisezweni elisha—singasalwisani nokugula nokucindezeleka kodwa usuku ngalunye sivuka sinempilo enhle nengqondo ekhululekile; singasakhathazekile ngezinkinga ezinkulu ezingokomnotho kodwa sihlala ngokulondeka; singasakhaleli ukufa kwabathandekayo kodwa sijabulela umuzwa ovusa amadlingozi wokubabona bevusiwe. (Heberu 11:1) Ngaphandle kwethemba elinjalo singase sinqotshwe kakhulu ukuvivinywa kwethu kwesikhathi samanje size sidangale. Njengoba sinethemba lethu, yeka isisusa esinamandla esinaso sokuqhubeka silwa, siqhubeke sikhuthazela kuze kube sekupheleni!
loMbuso kusho ukuthi noma yikuphi ukuhlupheka esihlangabezana nakho ‘kungokomzuzwana.’ (17. (a) Yikuphi ukuvivinywa uJesu akukhuthazelela? (b) Cishe kungabonakala kuliphi iqiniso ukuhlupheka okukhulu uJesu akukhuthazelela? (Bheka umbhalo waphansi.)
17 IBhayibheli lisinxusa ukuba ‘sibheke’ kuJesu futhi ‘simqonde.’ Yikuphi ukuvivinywa akukhuthazelela? Okunye kwakho kwakubangelwa isono nokungapheleli kwabanye. UJesu akazange nje akhuthazelele ‘ukuphikwa yizoni’ kodwa futhi nezinkinga ezaziphakama phakathi kwabafundi bakhe, kuhlanganise nezimpikiswano zabo ezivuthayo zokuthi ngubani owayemkhulu kunabo bonke. Ngaphezu kwalokho, wabhekana nokuvivinywa kokholo okungenakuqhathaniswa. “Wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa.” (Heberu 12:1-3, NW; Luka 9:46; 22:24) Kunzima ngisho nokucabanga ngokuhlupheka okungokwengqondo nokungokomzimba okuhilelekile ebuhlungwini bokubethelwa nehlazo lokubulawa njengomhlambalazi. *
18. Ngokukamphostoli uPawulu, yiziphi izinto ezimbili ezaqinisa uJesu?
18 Yini eyenza ukuba uJesu akwazi ukukhuthazela kuze kube sekupheleni? Umphostoli uPawulu uphawula izinto ezimbili ezaqinisa uJesu: ‘imikhuleko, nokunxusa’ kanye ‘nentokozo ayeyibekelwe.’ UJesu, iNdodana kaNkulunkulu ephelele, wayengenamahloni okucela usizo. Wathandaza ‘ngokudazuluka okukhulu nezinyembezi.’ (Heberu 5:7; 12:2) Wakuthola kudingekile ukuthandazela amandla ngokuphindaphindiwe nangobuqotho ikakhulukazi lapho ukuvivinywa kwakhe okukhulu kakhulu kwakusondela. (Luka 22:39-44) Lapho ephendula imikhuleko kaJesu, uJehova akazange akususe ukuvivinywa, kodwa waqinisa uJesu ukuze akukhuthazelele. UJesu wakhuthazela futhi ngoba wayebheke ngalé kwesigxobo sokuhlushwa emvuzweni wakhe—injabulo ayezoba nayo ekuhlanganyeleni ekukhazinyulisweni kwegama likaJehova nokuhlengwa komkhaya wesintu ekufeni.—Mathewu 6:9; 20:28.
19, 20. Isibonelo sikaJesu sisisiza kanjani ukuba sibe nombono wangempela walokho ukukhuthazela okukuhilelayo?
19 Esibonelweni sikaJesu, sifunda izinto eziningana ezisisiza ukuba sibe nombono wangempela 1 Petru 5:7) Futhi ngenxa yalokho uJehova akuthembisile eZwini lakhe, uye waqinisekisa ukunikeza ‘amandla angaphezu kwavamile’ kulabo abacela kuye ngokholo.—2 Korinte 4:7-9, qhathanisa ne-NW.
walokho ukukhuthazela okukuhilelayo. Inkambo yokukhuthazela ayilula. Uma sikuthola kunzima ukukhuthazelela ukuvivinywa okuthile, kuyinduduzo ukwazi ukuthi kwakungokufanayo ngisho nangoJesu. Ukuze sikhuthazele kuze kube sekupheleni, kumelwe sithandazele amandla ngokuphindaphindiwe. Ngezinye izikhathi lapho singaphansi kokuvivinywa singase sizizwe singafaneleki ukuba sithandaze. Kodwa uJehova usimema ukuba sithululele izinhliziyo zethu kuye ‘ngoba uyasikhathalela.’ (20 Ngezinye izikhathi kumelwe sikhuthazele ngezinyembezi. NgoJesu ubuhlungu besigxobo sokuhlushwa ngokwabo babungesona isizathu sokujabula. Kunalokho, injabulo yayisemvuzweni owawubekwe phambi kwakhe. Endabeni yethu akulona iqiniso ukulindela ukuthi ngaso sonke isikhathi sizozizwa sijabule futhi sizigqaja lapho singaphansi kokuvivinywa. (Qhathanisa namaHeberu 12:11.) Nokho, ngokubheka phambili emvuzweni, singase sikwazi ‘ukuthi kungukuthokoza kodwa’ ngisho noma sibhekana nezimo ezivivinya kakhulu. (Jakobe 1:2-4; IzEnzo 5:41) Into ebalulekile ukuthi sihlale siqinile—ngisho noma ngabe kumelwe kube ngezinyembezi. Phela, uJesu akazange athi, ‘Lowo okhala izinyembezi uyakusindiswa’ kodwa, “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.”—Mathewu 24:13.
21. (a) Kweyesi-2 Petru 1:5, 6, yini esinxuswa ukuba siyelekele ekukhuthazeleni kwethu? (b) Yimiphi imibuzo ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
21 Ngakho ukukhuthazela kubalulekile ukuze sisindiswe. Nokho, kweyesi-2 Petru 1:5, 6, sinxuswa ukuba selekele ekukhuthazeleni kwethu ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Kuyini ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu? Kuhlobene kanjani nokukhuthazela, futhi ungakuzuza kanjani? Lemibuzo izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 17 Ukuhlupheka okukhulu uJesu akukhuthazelela cishe kungabonakala eqinisweni lokuthi umzimba wakhe ophelele wafa ngemva nje kwamahora ambalwa esigxotsheni, kuyilapho abenzi bobubi ababebethelwe eceleni kwakhe kwadingeka ukuba baphulwe imilenze ukuze basheshe bafe. (Johane 19:31-33) Babengazange babhekane nokuhlupheka okungokwengqondo nokungokomzimba uJesu akuzwiswa phakathi nosizi lokuqwasha ubusuku bonke bangaphambi kokubethelwa, mhlawumbe kuze kube seqophelweni lapho ayengenakukwazi ngisho nokuthwala isigxobo sakhe sokuhlushwa.—Marku 15:15, 21.
Ubungaphendula Kanjani?
□ Kusho ukuthini ukukhuthazela?
□ Kungani abantu bakaJehova benesidingo esiyingqayizivele sokukhuthazela?
□ Yini eyenza ukuba uJobe akwazi ukukhuthazela?
□ Isibonelo sikaJesu sisisiza kanjani ukuba sibe nombono wangempela wokukhuthazela?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 10]
Ama-Kingdom School amiswa ukuze kufundiswe izingane ezingamaKristu ezaxoshwa esikoleni ngenxa yokuqondisa ukukhulekela kwazo kuJehova kuphela
[Isithombe ekhasini 12]
Ezimisele ukudumisa uYise, uJesu wathandazela amandla okukhuthazela