AmaVangeli—Impikiswano Isaqhubeka
AmaVangeli—Impikiswano Isaqhubeka
Ingabe ukulandisa kwamaVangeli ngokuphathelene nokuzalwa kukaJesu Kristu kuyiqiniso?
Ingabe wayinikeza iNtshumayelo YaseNtabeni?
Ingabe uJesu wavuswa ngempela?
Ingabe washo ngempela ukuthi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila”?—Johane 14:6.
IZINDABA ezinjengalezi ziye zadingidwa izazi ezingaba ngu-80 eMhlanganweni Wokucwaninga NgoJesu, obulokhu uba khona kabili ngonyaka kusukela ngo-1985. Leli qembu lezazi liye layiphendula ngendlela engavamile imibuzo enjalo. Ababa nengxenye kulo mhlangano baye bavotela amazwi ngamanye okuthiwa ashiwo uJesu emaVangelini. Ubuhlalu bokuvota obubomvu bunikeza umbono wokuthi lawo mazwi ashiwo nguJesu ngempela. Obubomvu ngokuphaphathekile busho ukuthi lawo mazwi afana nalokho okungenzeka kwashiwo uJesu.
Obumpunga bubonisa ukuthi leyo miqondo ingase ihlobane kakhulu nekaJesu, kodwa lawo mazwi awazange ashiwo nguye. Ubuhlalu bokuvota obumnyama buwachitha ngokuphelele lawo mazwi ngokuthi avela esikweni lamuva.Belandela le ndlela, laba ababa nengxenye kulo Mhlangano Wokucwaninga NgoJesu baye bawalahla womane amaphuzu abekwe samibuzo esingenisweni. Empeleni, baye bavota ngephepha elimnyama emazwini angamaphesenti angu-82 okuthiwa ashiwo uJesu emaVangelini. Ngokwabo, ngamaphesenti angu-16 kuphela ezenzakalo ezalandiswa ngokuphathelene noJesu emaVangelini nakweminye imibhalo abonakala eyiqiniso.
Ukugxekwa okunjalo kwamaVangeli akukusha. Ukuhlaselwa kwamaVangeli kwaqala ukubonakala ngo-1774 lapho kunyatheliswa umbhalo wesandla onamakhasi angu-1 400 kaHermann Reimarus, uprofesa wezilimi zaseMpumalanga eHamburg, eGermany ngemva kokushona kwakhe. Kuwo uReimarus wabonisa ukukungabaza kakhulu ukuba ngokomlando kwamaVangeli. Iziphetho afinyelela kuzo zazisekelwe ekucwaningweni kolimi nalokho okwakubonakala kuwukuphikisana ekulandiseni kwamaVangeli amane okuphathelene nokuphila kukaJesu. Kusukela ngaleso sikhathi, ngokuvamile abacusumbuli baye bakungabaza ukuba yiqiniso kwamaVangeli, ngezinga elithile belulaza ukuthembela kwabantu kule mibhalo.
Iningi lezazi ezinjalo libheka ukulandisa kwamaVangeli njengendaba engokwenkolo eyaqanjwa abantu abahlukahlukene. Imibuzo evame ukubuzwa izazi ezingabazayo yilena: Kungenzeka yini ukuthi izinkolelo zabo ziye zabangela ukuba abalobi bamaVangeli amane bahlobise amaqiniso angokoqobo? Ingabe umphakathi wezombangazwe amaKristu okuqala ayephila phakathi kwawo wabangela ukuba abalobi bashintshe noma banezele endabeni kaJesu? Iziphi izingxenye zamaVangeli okungenzeka zilandisa izinto ezenzeka ngempela kunokulandisa inganekwane?
Abantu abakhulele emphakathini ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu noma ogxile ezintweni zezwe bakholelwa ukuthi iBhayibheli—kuhlanganise namaVangeli—liyincwadi egcwele izindaba eziqanjiwe nezinganekwane. Kanti abanye bashaqiswa umlando weLobukholwa wokuchitha igazi, ukucindezela, ukungabi nabunye nokuziphatha okubonisa ukungamhloniphi uNkulunkulu. Abantu abanjalo abasiboni isidingo sokunaka imibhalo eLobukholwa eliyibheka njengengcwele. Banomuzwa wokuthi imibhalo eye yenza kwaba nenkolo enobuzenzisi kumelwe ukuba isekelwe ezinganekwaneni ezingenalusizo nje.
Ucabangani wena? Ingabe kufanele uvumele izazi ezithile ezingabaza ukuba ngokomlando kwamaVangeli zikwenze ube nokungabaza okufanayo engqondweni? Lapho uzwa abalobi bamaVangeli besolwa ngokwenza izinganekwane, ingabe kufanele ukuvumele lokhu ukuba kuntengantengise ukuthembela kwakho emibhalweni yabo? Ingabe umlando weLobukholwa wokungamhloniphi uNkulunkulu kufanele ukwenze ungabaze ukwethenjelwa kwamaVangeli? Sikumema ukuba uhlole amanye amaphuzu.
[Isithombe ekhasini 4]
Ingabe amaVangeli aqukethe izinganekwane noma amaqiniso?
[Umthombo]
Jesus Walking on the Sea/The Doré Bible Illustrations/Dover Publications
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Background, pages 3-5 and 8: Courtesy of the Freer Gallery of Art, Smithsonian Institution, Washington, D.C.