Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

• Kungani singaqiniseka ngokuthi ukugcwaliseka kwesiprofetho ‘samazulu amasha nomhlaba omusha’ esiku-Isaya 65:17-19 kwakuhilela okungaphezu kokubuya kwamaJuda ekuthunjweni?

Yingoba umphostoli uPetru noJohane, lapho bebhala ngekhulu lokuqala C.E., bakhomba ekugcwalisekeni kwesikhathi esizayo, okuhlanganisa izibusiso eziseza. (2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4)—4/15, amakhasi 10-12.

Ungase ube yini umsuka wezinganekwane zasendulo zamaGreki eziphathelene nonkulunkulu abangabantu abanobudlova?

Lokhu kungase kube ukulandisa okuhlotshisiwe nokusontiwe kweqiniso lokuthi ngaphambi kukaZamcolo ezinye izingelosi zaba nemizimba yabantu futhi zaphila ngendlela enobudlova futhi zaziphatha kabi emhlabeni. (Genesise 6:1, 2)—4/15, ikhasi 27.

Iziphi ezinye zezingozi amaKristu avuthiwe azoziqaphela emishadweni?

Kubalulekile ukugwema imibuthano exokozelayo, engase ibe khona uma uphuzo oludakayo lukhishwa ngokukhululekile futhi kudanswa ngokungenakuzithiba kudanselwa umculo okhalela phezulu. Ngaphandle kwalapho kuye kwashiwo ngokucacile ukuthi wonke umuntu wamukelekile edilini, abangamenyiwe akufanele baye. Umkhwenyana kufanele aqiniseke ukuthi kunomKristu onokwethenjelwa ozohlala kuze kube yilapho idili liphela ngesikhathi esifanele.—5/1, amakhasi 19-22.

Yini esikiselwayo lapho iHubo 128:3 lithi amadodana omuntu ‘anjengezithombo zomnqumo’ ezizungeza itafula lakhe?

Ngokuvamile izimila ezintsha zomuthi womnqumo zihluma ekugcineni kwesiqu sawo. Lapho isiqu esiyinhloko somuthi omdala singasatheli ngendlela esasithela ngayo, amahlumela angase aphenduke iziqu ezinamandla ezisizungezile. Ngokufanayo, abazali bangakujabulela ukuba nezingane ezithela izithelo ezikhonza uJehova eduze nabo.—5/15, ikhasi 27.

Iziphi ezinye zezinzuzo izingane ezizithola esimweni esihle somkhaya?

Sibeka isisekelo sokuba nombono omuhle ngegunya, ukwazisa izindinganiso ezifanele nobuhlobo obunenjabulo nabanye. Isimo esinjalo singazisiza futhi ukuba zakhe ubuhlobo noNkulunkulu.—6/1, ikhasi 18.

Ezweni elithile eliseMpumalanga Ekude, yini eyenziwa ukuze kukhuthazwe umqondo wokuthi wonke amaKristu angabafowabo bomunye nomunye?

Wonke amabandla anxuswa ukuba angabizi abathile ngeziqu zokubahlonipha. Kunalokho, bonke kufanele babizwe ngendlela efanayo njengabafowabo bomunye nomunye.—6/15, amakhasi 21, 22.

Ingabe oFakazi BakaJehova bayayamukela imithi eyenziwe ngegazi?

Sikholelwa ukuthi umyalo weBhayibheli wokuba ‘sidede egazini’ uyakulahla ukumpontshelwa igazi lilonke noma izakhi zalo eziyinhloko (uketshezi olungenambala olusegazini, amangqamuzana abomvu, amangqamuzana amhlophe nezinhlayiya zegazi). (IzEnzo 15:28, 29) Ngokuphathelene nezingxenyana ezikhishwa ezakhini eziyinhloko, umKristu ngamunye uyazinqumela, ecabangela lokho iBhayibheli elikushoyo kanye nobuhlobo bakhe noNkulunkulu.—6/15, amakhasi 29-31.

Ingabe kungenzeka ngempela ukuthola ukuthula kwangaphakathi namuhla?

Yebo. NgeBhayibheli, uJesu Kristu uqondisa abantu endleleni yokukhulekela okumsulwa nasekuthuleni okuchazwe ku-Isaya 32:18. Ngaphezu kwalokho, labo abazuza ukuthula okunjalo banethemba lokujabulela ukuthula okuhlala njalo emhlabeni lapho kugcwaliseka iHubo 37:11, 29.—7/1, ikhasi 7.

UGeorge Young waba nayiphi indima emlandweni wanamuhla ongokwasezulwini?

Kusukela ngo-1917, waba umphathi wokukhanya kwezindaba ezinhle zoMbuso emazweni amaningi. Inkonzo yakhe yamusa eCanada, eziqhingini zaseCaribbean, eBrazil nakwamanye amazwe aseMelika Eseningizimu, eMelika Ephakathi, eSpain, ePortugal, kulokho okwakuyiSoviet Union nase-United States.—7/1, amakhasi 22-7.

Eyabase-1 Korinte 15:29 isho ukuthini uma ikhuluma ‘ngokubhapathizwa ngenjongo yokuba abafileyo’?

Iphuzu liwukuthi lapho amaKristu egcotshwa ngomoya ongcwele, afakwa enkambweni yokuphila eholela ekufeni nasekuvuselweni ekuphileni kwasezulwini kamuva.—7/15, ikhasi 17.

Umphostoli uPawulu wayenzani phakathi neminyaka eye yachazwa ngokuthi iminyaka yokuthula kwakhe?

Kungenzeka ukuthi wasiza ekumiseni nasekuqiniseni amabandla aseSiriya nawaseKhilikhiya. Ubunzima obuningi okukhulunywa ngabo kweyesi-2 Korinte 11:23-27 kumelwe ukuba kwenzeka ngale nkathi, okubonisa ukuthi wayeqhubeka nenkonzo.—7/15, amakhasi 26, 27.

Yini engasisiza ukuba sibe abalinganiselayo kulokho esikulindelayo?

Khumbula ukuthi uJehova uyaqonda. Ukuthandaza kuye kungasisiza ukuba silinganisele endleleni esicabanga ngayo futhi kubonisa ukuzithoba. Okunye okungasiza kuwukuthola omunye umbono ngokuxoxa nomngane ovuthiwe.—8/1, amakhasi 29, 30.