Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufuna Kwesikhathi Eside Kwavuzwa

Ukufuna Kwesikhathi Eside Kwavuzwa

Ukufuna Kwesikhathi Eside Kwavuzwa

“UJEHOVA? Ungubani uJehova?” USilvia oneminyaka engu-8 ubudala wayebone lelo gama eBhayibhelini lesi-Armenia, ingcebo yomkhaya ayiboniswa enye intombazanyana. Wayelokhu ebuza abantu, kodwa akekho eYerevan, e-Armenia, lapho ayehlala khona, owakwazi ukumtshela ukuthi ungubani uJehova—ngisho nabazali bakhe, othisha nabefundisi bamasonto endawo imbala.

USilvia wakhula, waqeda esikoleni, futhi wathola umsebenzi, kodwa wayelokhu engazi ukuthi ungubani uJehova. Lapho esekhulakhulile, kwadingeka abaleke e-Armenia, futhi ngemva kwesikhathi wazithola esesePoland, ehlala egunjini elincane nabanye ababaleki. Omunye walabo ayehlala nabo wayevakashelwa njalo. USilvia wambuza: “Zingobani lezi zivakashi zakho?” Impendulo yaba ukuthi: “OFakazi BakaJehova, bazongifundisa iBhayibheli.”

Inhliziyo kaSilvia yagxuma lapho ezwa igama elithi Jehova. Ekugcineni, waqala ukufunda ukuthi ungubani uJehova nokuthi unguNkulunkulu onothando kanjani. Nokho, kungakabiphi kwadingeka ahambe ePoland. Wakhosela eDenmark, phesheya kweBaltic Sea. Wahamba nezinto ezimbalwa, kodwa phakathi kwazo kwakunezincwadi zeBhayibheli ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ekhasini elingemuva kwenye yalezo zincwadi, uSilvia wathola uhlu lwamakheli amahhovisi amagatsha e-Watch Tower Society. Leyo kwakungenye yezinto ezibaluleke kakhulu ayenazo—indlela yokuxhumana noJehova!

EDenmark, uSilvia wayiswa ekamu lababaleki, futhi ngokushesha waqala ukufuna oFakazi BakaJehova. Ngokohlu lwakhe lwamakheli, wayazi ukuthi ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society laseDenmark lalisedolobheni laseHolbæk. Kodwa yayikuphi leyo ndawo? USilvia wayiswa kwelinye ikamu ngesitimela, futhi isitimela sadlula eHolbæk! Inhliziyo yakhe yaphinde yachichima injabulo.

Ngemuva nje kwalokho, likhiphe umkhovu etsheni, uSilvia wagibela isitimela wabuyela emuva eHolbæk, wahamba ngezinyawo esuka esiteshini eya ehhovisi legatsha. Uyakhumbula: “Lapho ngingena engadini, ngahlala phansi ebhentshini ngathi enhliziyweni yami, ‘Leli ipharadesi!’” Wamukelwa ngokufudumele egatsheni futhi wagcina esephumelele ukuba nesakhe isifundo seBhayibheli.

Kodwa washintshwa kaningana ngemva kwalokho. Esikhungweni sababaleki esilandelayo ngasinye, uSilvia kwakudingeka afune oFakazi BakaJehova abese eqala kabusha isifundo sakhe seBhayibheli. Nokho, ngemva kweminyaka emibili, wayesefunde okwanele ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuJehova. Wabhapathizwa futhi ngemva kwalokho wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngo-1998 iziphathimandla zaseDenmark zamkhoselisa khona.

Manje uSilvia uneminyaka engu-26 ubudala futhi ukhonza endaweni eyamkhumbuza ipharadesi, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eDenmark. Manje uthi: “Ngingathini nje? Ngiye ngafuna uJehova kusukela ngiseyintombazanyana encane. Manje sengimtholile. Nganginephupho lokusebenzisa ukuphila kwami enkonzweni yakhe, futhi nakhu sengiseBethel. Ngithandazela ukuthi ibe ikhaya lami iminyaka eminingi!”