Ukunisela Imbewu Yeqiniso EChile
Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukunisela Imbewu Yeqiniso EChile
OGWADULE lwasenyakatho yeChile, kungaphela iminyaka izulu lingani. Kodwa lapho lina khona, le ndawo ewugwadule negcwele amatshe ishintsha ibe ukhaphethi wangempela wezimbali ezimibalabala. Lo mbukwane ukhanga ababuki bamazwe abavela ezweni lonke.
Nokho, kunokuthile okuthakazelisa ngokwengeziwe okwenzeka kubantu baseChile. Amanzi eqiniso leBhayibheli agelezela kuzo zonke izingxenye zaleli zwe, futhi abantu abaningi abaqotho “bayaqhakaza” babe abafundi bakaJesu Kristu. Enye indlela esetshenziswayo ekusakazeni la manzi eqiniso ucingo. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa imiphumela emihle etholakala ngenxa yale ndlela yokufakaza.
• Umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele okuthiwa uKarina wacelwa ukuba enze umboniso esimisweni somhlangano wesifunda wendlela yokufakaza ngocingo. Nokho, uKarina wayengakaze ahlanganyele kuleso sici somsebenzi wokufakaza. Ukuze bakhuthaze uKarina ukuba ahlanganyele esimisweni somhlangano, umdala othile nomkakhe babukeza naye amanye amaphuzu endlela yokufakaza ngocingo. Bamnxusa nokuba athandazele isiqondiso sikaJehova kule ndaba. Wenza kanjalo, futhi ekugcineni wanquma ukuzama ukushaya ucingo.
UKarina wakhetha inombolo yocingo esedolobhaneni elingumakhelwane. Kwaphendula umxhumanisi wezingcingo, uKarina wabe esechaza injongo yokushaya kwakhe ucingo. Lo mxhumanisi wasabela kahle, kwabe sekwenziwa amalungiselelo okuba baxoxe futhi ngemva kwezinsuku ezintathu. Leyo mpindelo eyenziwa ngocingo yaphumela esifundweni seBhayibheli, kusetshenziswa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Kusukela lapho, baye baba nezifundo ezithakazelisayo neziphapheme, futhi uKarina uye wathumelela lona wesifazane izincwadi zokuphendula imibuzo yakhe.
• UBernarda wasebenzisa ithuba lokufakaza kowesilisa owashaya izinombolo zakhe zocingo ngephutha. Kunokuba abonise ukucasuka, uBernarda wamazisa ukuthi wayengomunye woFakazi BakaJehova futhi wamsiza. Kwalandela ingxoxo, futhi le ndoda yamlalela lapho echaza indlela uMbuso kaNkulunkulu oyokuqeda ngayo ngokushesha ukungalungi. Le ndoda yanika uBernarda izinombolo zayo zocingo futhi wenza izimpindelo ngocingo. Phakathi nenye yezingxoxo zabo, uBernarda wayifundela ingxenye ethile yencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Le ndoda yabuza ukuthi yayingayithola kanjani leyo ncwadi,uBernarda wayithumelela yona kanye neBhayibheli. Kwenziwa amalungiselelo okuba ivakashelwe umzalwane wendawo manje oqhubekayo ‘enisela’ lesi ‘sitshalo’ esikhula kahle.
Yebo, kule nhlabathi eyomile engokomoya yaleli zwe, kunembewu efihlekile elinde ukuqhuma lapho ithola amanzi eqiniso anikeza ukuphila. Izinkulungwane ezomile ziyaqhubeka ‘zihluma’ futhi ‘ziqhakaza’ ziba izinceku ezithembekile zikaJehova uNkulunkulu.—Isaya 44:3, 4.