Abenzi Bezwi LikaNkulunkulu Bathola Injabulo
Abenzi Bezwi LikaNkulunkulu Bathola Injabulo
“Lo mhlangano siwubheka njengelinye lamalungiselelo kaJehova okusihlomisela umsebenzi woMbuso owengeziwe,” kusho esinye isikhulumi ekuqaleni koMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova ‘Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu.’ Saqhubeka sathi: “Siye sazilungiselela ukuba sifundiswe ngokuphila komkhaya okujabulisayo, sikhuthazwe ukuba sihlale eduze neNhlangano kaJehova, sikhuthazwe ukuba silondoloze intshiseko yethu enkonzweni yoMbuso futhi sikhunjuzwe ngesidingo sokuhlala siqaphile.”
KUSUKELA ngasekupheleni kuka-May 2000, izigidigidi zabenzi bezwi likaNkulunkulu nabangane bazo ziye zathutheleka ezinkulungwaneni zezindawo emhlabeni wonke ukuze zithole imfundo ebalulekile yeBhayibheli. Yini ezayifunda phakathi nomhlangano wesigodi owathatha izinsuku ezintathu?
Usuku Lokuqala—Ungakhohlwa Imisebenzi KaJehova
Enkulumweni yokuvula, usihlalo wacela izilaleli ukuba zijabulele izibusiso ezitholakala ngokukhulekela uJehova ngobunye emihlanganweni. Bonke ababelapho baqinisekiswa ukuthi ukholo lwabo luzokwandiswa nobuhlobo babo bomuntu siqu noJehova buqiniswe.
‘UNkulunkulu ojabulayo’ uyakwazi esikudingayo ukuze sijabule ngabanye. (1 Thimothewu 1:11) Ngakho, inkulumo ethi “Ukwenza Intando KaNkulunkulu Kuletha Injabulo” yagcizelela ukuthi iZwi likaJehova, iBhayibheli, lisinikeza indlela engcono kakhulu yokuphila. (Johane 13:17) Izingxoxo ezimbalwa nalabo asebenesikhathi eside bengoFakazi BakaJehova zabonisa indlela ukwenza intando kaNkulunkulu ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene okuyenezela ngayo injongo ekuphileni kwethu. Inkulumo eyalandela ethi, “Jabula Ngobuhle BukaJehova,” yagcizelela ukuthi, ‘njengabalingisi bakaNkulunkulu,’ amaKristu afuna ukuveza “zonke izinhlobo zobuhle” ekuphileni kwawo. (Efesu 5:1, 9) Ukushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi kungenye indlela evelele yokwenza lokhu.—IHubo 145:7.
Inkulumo ethi “Qhubeka Ugxilile Sengathi Uyambona Lowo Ongabonakali” yabonisa indlela ukholo oluqinile olusisiza ngayo ukuba ‘sibone’ uNkulunkulu ongabonakali. Isikhulumi sachaza indlela abantu abangokomoya abaziqaphela ngayo izimfanelo zikaNkulunkulu, kuhlanganise nekhono lakhe lokwazi ngisho lokho esikucabangayo. (IzAga 5:21) Labo okwaxoxwa nabo bakhuluma ngezinyathelo abaye bazithatha ukuze bakhe ukholo oluqinile futhi babeke izithakazelo ezingokomoya kuqala ekuphileni kwabo.
Isimiso sasekuseni saphetha ngenkulumo eyisihluthulelo ethi, “Dumisani UJehova—UMenzi Wezinto Ezimangalisayo.” Yasiza izilaleli ukuba zibone ukuthi lapho sifunda okwengeziwe ngoJehova, kuba yilapho sithola khona izizathu ezengeziwe zokumdumisa njengoMenzi wezinto ezimangalisayo. Isikhulumi sabe sesithi: “Lapho sizindla ngemisebenzi kaNkulunkulu yendalo emangalisayo kanye
nazo zonke izinto ezimangalisayo asenzela zona manje, ukwazisa okusuka ekujuleni kwenhliziyo kusishukumisela ukuba simdumise. Lapho sizindla ngezinto ezimangalisayo azenzela abantu bakhe esikhathini esidlule, sifuna ukumdumisa. Futhi lapho sicabanga ngezithembiso zezinto ezimangalisayo uJehova asazozenza, siye sifune futhi izindlela zokubonakalisa ukwazisa kwethu.”Isimiso santambama savula ngenkulumo ethi “Ungayeki Ukwenza Okuhle,” eyakhumbuza bonke ababekhona ukuthi izingcindezi zaleli zwe ziqinisekisa ukuthi isiphelo sesiseduze. (2 Thimothewu 3:1) Nokho, uma singadangali, singakwazi ukubonisa ukuthi “siwuhlobo olunokholo kube ukulondolozwa komphefumulo uphila.”—Heberu 10:39.
Isiphi iseluleko seBhayibheli esanikezwa ngokuphathelene nokuphila komkhaya? Inkulumo yokuqala ewuchungechunge kulo mhlangano ethi—“Lalela Izwi LikaNkulunkulu”—yaqala ngengxenye ethi “Lapho Ukhetha Umngane Womshado.” Ukukhetha umngane womshado kungesinye sezinqumo ezingathi sína kakhulu abantu abazenzayo. Ngakho, amaKristu afuna ukulinda aze avuthwe ngaphambi kokuba ashade futhi ashade “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39) Ingxenye elandelayo yale nkulumo ewuchungechunge yakhuluma ngesifiso sikaJehova sokuba yonke imikhaya yamaKristu iphumelele njengemikhaya eqinile ngokomoya futhi yakhuluma ngezindlela ezingokoqobo lokhu okungafezwa ngazo. Ingxenye yokugcina yakhumbuza abazali ukuthi ukufundisa izingane zabo ukuthanda uNkulunkulu kuqala ngokuba abazali ngokwabo bamthande.
Amaphuzu avezwa enkulumweni ethi “Qaphela Inzwabethi Nenhlebo” abasiza bonke ukuba babone ukuthi nakuba kuyiqiniso ukuthi izimanga ziyenzeka, kufanele sisabele ngokuhlakanipha, singakhohliseki kalula lapho sizwa imibiko evusa umzwelo. Kungcono ukuba amaKristu akhulume ngalokho akwaziyo ukuthi kuyiqiniso—izindaba ezinhle zoMbuso. Yabaduduza kakhulu futhi yabakha abaningi inkulumo eyalandela ethi, “Ukukhuthazelela ‘Iva Enyameni.’” Yabasiza ukuba babone ukuthi naphezu kwezilingo esingase sibhekane nazo, uJehova angasiqinisa ngomoya wakhe ongcwele, iZwi lakhe kanye nobuzalwane bethu bobuKristu. Okuhlangenwe nakho komphostoli uPawulu kwaba isikhuthazo esikhulu ngokuphathelene nale ndaba.—2 Korinte 12:7-10; Filipi 4:11, 13.
Usuku lokuqala lwaphetha ngenkulumo ethi “Ukuhambisana Nenhlangano KaJehova.” Kwacatshangelwa izingxenye ezintathu lapho inhlangano kaNkulunkulu iye yathuthuka khona ngokukhethekile: Heberu 3:14) Impendulo yayisobala. Lokho kwaholela ekukhululweni kwencwajana entsha enesihloko esithi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Izosebenza njengethuluzi lokufundisa elinamandla ekusizeni abantu abanemfundo elinganiselwe noma abangakwazi ukufunda kahle ukuba bafunde ngoJehova.
(1) ukwanda okuqhubekayo kokuqonda ukukhanya okungokomoya okuvela kuJehova, (2) inkonzo uNkulunkulu asiphathise yona (3) nezinguquko zezinqubo ezingokwenhlangano ezifika ngesikhathi. Khona-ke isikhulumi ngokuzethemba sathi: “Sijabula kakhulu ngalokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo.” Sabuza: “Ingabe kukhona yini ukungabaza kokuthi sinezizathu ezinhle zokulondoloza ithemba lethu esasinalo ekuqaleni liqinile kuze kube sekupheleni?” (Usuku Lwesibili—Qhubeka Ukhuluma Ngemisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo
Ngemva kokucabangela itekisi losuku, usuku lwesibili lomhlangano lwaqhubeka ngenkulumo ewuchungechunge ethi “Izikhonzi Zezwi LikaNkulunkulu.” Ingxenye yokuqala yagxila empumelelweni yomsebenzi wethu wokushumayela wembulunga yonke ekhona manje. Nokho, ukukhuthazela kwethu kulo msebenzi, kubekelwa inselele abaningi, abenqaba isigijimi soMbuso. Idlanzana labamemezeli asebenesikhathi eside lachaza indlela eliye layilondoloza ngayo injabulo enkonzweni ngokuhlomisa ingqondo yalo nenhliziyo ukuze libhekane nenselele yokunganakwa noma ukuphikiswa. Ingxenye yesibili yakhumbuza ababesemhlanganweni ukuthi oFakazi BakaJehova balwela ukufinyelela abantu kuyo yonke indawo, kokubili ngokuqondile nangokwethukela. Futhi ingxenye yokugcina yachaza izindlela ezinhlobonhlobo wonke amaKristu angayandisa ngayo inkonzo yawo siqu. Isikhulumi sagcizelela ukuthi ukuze sikwazi ukukwenza lokhu, kufanele senze uMbuso kaNkulunkulu uze kuqala ekuphileni, ngisho noma ukwenza kanjalo kuhilela ukuphazamiseka nokuzincisha.—Mathewu 6:19-21.
Njengoba siphila ezweni elingamesabi uNkulunkulu ngokunganeliswa elihlale lifuna izinto ezibonakalayo, inkulumo ethi “Hlakulela Ukuzinikela Kokuhlonipha UNkulunkulu Okunokwaneliseka” yayifike ngesikhathi. Sisekela amazwi aso kweyoku-1 Thimothewu 6:6-10, 18, 19, isikhulumi sabonisa indlela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okuwasiza ngayo amaKristu ukuba agweme ukuthanda imali, okungawadukisa futhi kubangele iminjunju eminingi. Sagcizelela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sinjani isimo sethu ngokwezimali, injabulo ixhomeke ebuhlotsheni bethu obuhle noJehova nempilo yethu engokomoya. Abashukumisa ngokujulile abaningi amaphuzu okwakhulunywa ngawo enkulumweni ethi “Ukwenza UNkulunkulu Angabi Nasizathu Sokuba Namahloni.” Kwagcizelelwa iqiniso lokuthi uJehova akabakhohlwa oFakazi bakhe abathembekile. Isibonelo esingenakuqhathaniswa sikaJesu Kristu—‘ofanayo izolo nanamuhla, kuze kube phakade’—sizosiza abaningi ukuba baqhubeke begijima ngokukhuthazela emncintiswaneni wokuphila.—Heberu 13:8.
Inkulumo yobhapathizo yaphetha isimiso sasekuseni—ehlale iyinkulumo evelele emibuthanweni yoFakazi BakaJehova. Yeka injabulo okwakuyiyo ukubona abasanda kuzinikezela behamba ezinyathelweni zikaJesu ngokubhapathizwa ngamanzi! (Mathewu 3:13-17) Bonke labo abathatha lesi sinyathelo kakade sebefeze okuningi njengabenzi bezwi likaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, lapho bebhapathizwa baba izikhonzi ezigcotshiwe zezindaba ezinhle, bethola injabulo ngokwazi ukuthi bahlanganyela ekungcweliseni igama likaJehova.—IzAga 27:11.
Kwanikezwa iseluleko esicacile enkulumweni ethi “Kudingeka Ukuvuthwa Ukuze ‘Sahlukanise Okuhle Nokubi.’” Izindinganiso zezwe zokulungile nokungalungile ziphansi ngokudabukisayo. Ngakho kudingeka sethembele ezindinganisweni zikaJehova. (Roma 12:2) Bonke bakhuthazwa ukuba basebenze kanzima ukuze bazuze ukuziqonda kahle izindlela zikaNkulunkulu futhi bakhulele ekuvuthweni. Khona-ke ngokuwasebenzisa, amandla ethu okuqonda ayoqeqeshelwa “ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.”—Heberu 5:11-14.
Ngemva kwalokho kwalandela inkulumo ewuchungechunge ethi “Zikhandle Ekuhlakuleleni Ingokomoya.” AmaKristu eqiniso ayakuqaphela ukubaluleka kokuthuthukisa nokulondoloza ingokomoya. Lokhu kuhilela umsebenzi onzima—ukufunda, ukutadisha nokuzindla. (Mathewu 7:13, 14; Luka 13:24) Futhi abantu abangokomoya “baqhubeka bethandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa.” (Efesu 6:18) Siyaqaphela ukuthi imithandazo yethu yembula ukujula kokholo lwethu nokuzinikela, izinga lengokomoya lethu kanye nalokho esikubheka ‘njengezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.’ (Filipi 1:10) Kwagcizelelwa ukubaluleka kokwakha ubuhlobo obufudumele, obunothando noJehova njengobuhlobo obuphakathi kwengane elalelayo noyise onomusa. Akukhona nje ukuthi sinenkolo—nakuba kungeyeqiniso—kodwa sifuna ukwakha ukholo oluqinile, ‘sengathi siyambona uNkulunkulu.’—Heberu 11:6, 27.
Enkulumweni ethi “Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale,” kwabuye kwakhulunywa kabanzi ngentuthuko engokomoya. Kwacatshangelwa izingxenye ezintathu zentuthuko enjalo: (1) ukwandisa ulwazi, ukuqonda nokuhlakanipha, (2) ukuveza izithelo zomoya kaNkulunkulu (3) nokufeza imithwalo yethu yemfanelo njengamalungu omkhaya.
Enkulumweni yokuphetha ethi, “Ukuhamba Ekukhanyeni Okwandayo KweZwi LikaNkulunkulu,” labo ababekhona emhlanganweni bajabulela ukuthola incwadi entsha ethi, Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I. Lona umqulu wokuqala kwemibili okhuluma ngesahluko ngasinye sencwadi yeBhayibheli ka-Isaya. “Incwadi ka-Isaya isiphathele isigijimi nathi namuhla,” kuphawula isikhulumi. Saqhubeka: “Yebo, iziprofetho zayo eziningi zagcwaliseka ezinsukwini zika-Isaya. . . . Nokho, eziningi zeziprofetho zika-Isaya zigcwaliseka namuhla, kanti ezinye ziyogcwaliseka ezweni likaNkulunkulu elisha.”
Usuku Lwesithathu—Yibani Abenzi Bezwi LikaJehova
Usuku lokugcina lomhlangano lwaqala ngengxoxo yetekisi losuku. Kwabe sekulandela inkulumo ewuchungechunge ethi “Isiprofetho SikaZefaniya Esinenjongo Kulabo Abenza Intando KaNkulunkulu.” Izinkulumo ezintathu zalolu chungechunge zabonisa ukuthi, njengoba enza ezinsukwini zikaJuda odukayo, uJehova uyobalethela usizi labo manje abenqabayo ukulalela isixwayiso sakhe. Ngenxa yokuthi bayona kuNkulunkulu, bayoba imizulane kuhle kwabantu abayizimpumputhe, bengayitholi insindiso. Nokho, ngokwethembeka amaKristu eqiniso ayaqhubeka efuna Zefaniya 3:9, NW) Isikhulumi saphawula sathi: “Ukukhuluma ulimi oluhlanzekile akuhlanganisi ukukholwa iqiniso nokufundisa abanye nje kuphela kodwa kuhlanganisa nokuvumelanisa ukuziphatha kwethu nemithetho kanye nezimiso zikaNkulunkulu.”
uJehova futhi ayositshekelwa ngosuku lolaka lukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ajabulela izibusiso eziningi kwamanje. Anethuba elibusisekile lokukhuluma ‘ulimi oluhlanzekile,’ lweqiniso leBhayibheli. (Labo ababekhona emhlanganweni babeyilinde ngamehlo abomvu idrama ethi “Izibonelo Eziyisixwayiso Zosuku Lwethu.” Le drama eyayigqokelwe ezasendulo yabonisa indlela izinkulungwane zama-Israyeli ezalahlekelwa ngayo ukuphila kwazo emngceleni weZwe Lesithembiso ngoba zakhohlwa uJehova futhi zanxenxelwa ebufebeni nasekukhulekeleni kwamanga abesifazane abangamaqaba. Omunye wabalingiswa abavelele—uJamini—ekuqaleni wazithola ehlukene kabili phakathi kokuheha kwabesifazane bakwaMowabi nokuzinikela kwakhe kuJehova. Ukucabanga okungamanga nokukhohlisayo kukaZimri ongamesabi uNkulunkulu kwaba sobala, njengoba kwaba njalo ngokholo nangokuzinikela kukaFinehasi. Yavezwa obala ingozi yokuzihlanganisa nalabo abangamthandi uJehova.
Idrama yabeka isisekelo senkulumo eyalandela ethi, “Ningabi Abezwayo Abayizikhohlwa.” Ukuningilizwa kweyoku-1 Korinte 10:1-10 kwabonisa ukuthi uJehova uvivinya ukulalela kwethu ukuze abone ukuthi siyakufanelekela yini ukuthola ifa emhlabeni omusha. Kwabanye, izifiso ezingokwenyama ziminyanisa imigomo engokomoya ngisho kwamanje, eduze nokungena kwethu esimisweni esisha. Bakhuthazwa bonke ukuba bangaliyeki ithuba ‘lokungena ekuphumuleni kukaJehova.’—Heberu 4:1.
Inkulumo yeningi yayinesihloko esithi “Isizathu Sokuba Siqaphele Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo.” “Imisebenzi emangalisayo” kaJehova ibonisa ukuhlakanipha negunya lakhe endalweni ebonakalayo esizungezile. (Jobe 37:14) Imibuzo embalwa yokuzihlola evela kuJehova yayanele ukuba igcizelele kuJobe amandla oMdali ophakeme. UJehova uyophinde enzele izinceku zakhe “imisebenzi emangalisayo” esikhathini esizayo. Isikhulumi saphetha ngokuthi: “Sinezizathu eziningi zokuqaphela imisebenzi kaJehova emangalisayo—lokho akwenza esikhathini esidlule, lokho akwenzayo manje endalweni esizungezile nalokho athembisa ukukwenza esikhathini esizayo esiseduze.”
Ngemva kokubukezwa kwesihloko sesifundo se-Nqabayokulinda sangalelo sonto, kwaba nenkulumo yokugcina yomhlangano. Inkulumo eshukumisayo enesihloko esithi “Lazise Ngokujulile Ilungelo Lakho Njengomenzi Wezwi LikaNkulunkulu,” yagcizelela ukuthi kuwudumo ukuba abenzi bezwi likaNkulunkulu. (Jakobe 1:22) Izilaleli zakhunjuzwa ukuthi kuyilungelo eliyingqayizivele kithi ukuba abenzi bezwi futhi uma siqhubeka silisebenzisa, yilapho esiyoqhubeka khona silazisa kakhulu. Bonke ababekhona bakhuthazwa ukuba babonise izinzuzo ezishukumisayo zalo mhlangano wesigodi njengoba befisa ukuba abenzi bezwi likaNkulunkulu ngokugcwele. Leyo ukuphela kwendlela yokujabulela injabulo enkulu engatholakala!
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 25]
Ungaba Umngane KaNkulunkulu!
NgoLwesihlanu ntambama kwakhululwa incwajana enesihloko esithi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Kunesidingo esikhulu semfundo yeBhayibheli elula ezingxenyeni zomhlaba eziningi futhi le ncwajana izosetshenziselwa ukugcwalisa leso sidingo. Iyoba yisibusiso esikhulu kubantu abanemfundo noma ikhono lokufunda elilinganiselwe.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 26]
Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu
Labo ababekhona emhlanganweni bajabula ukuthola Umqulu I weqoqo lemiqulu emibili wethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu. Kule ncwadi, kuye kwagcizelelwa ukuba inzuzo kwesiprofetho sika-Isaya osukwini lwethu.