Ukutadisha IBhayibheli—Ingabe Kukufanele?
Ukutadisha IBhayibheli—Ingabe Kukufanele?
“AKUMELWE lifundwe engekho umpristi.” Lesi sixwayiso sisekuqaleni emaBhayibhelini athile amaKatolika. UKay Murdy we-Bible Institute eLos Angeles uthi: “NjengamaKatolika, iBhayibheli belingeyona into esiyijwayele, kodwa lokho sekuyashintsha.” Uthi amaKatolika athi angaqaphela ukuthi imiBhalo Engcwele ingakuthonya kanjani ukuphila kwawo, “azizwe elambele futhi omele iBhayibheli.”
Ngokuphathelene nalolu shintsho, umagazini i-U.S. Catholic, ucaphuna umqondisi wemfundo engokwenkolo owathi amaKatolika angenela amakilasi okufunda ngeBhayibheli ayenomuzwa wokuthi “njengamaKatolika ancishwa, nokuthi kunengcebo eningi eseBhayibhelini. Afuna ukuthola enye yaleyo ngcebo anomuzwa wokuthi aphuthelwa yiyo.”
Noma ngabe yikuphi, iyiphi le “ngcebo” engatholwa umfundi weBhayibheli? Cabanga: Ungathanda yini ukwazi ukuthi ungabhekana kanjani ngokuphumelelayo nezinkathazo zokuphila kwansuku zonke? Ungakugcina kanjani ukuthula emkhayeni? Kungani kunabantu abaningi kangaka abadelelayo nabaphazamisa inhlalakahle yomphakathi? Yini eyenza intsha yanamuhla ibe nobudlova kangaka? Izimpendulo ezinokwethenjelwa zale mibuzo neminye exakayo zingatholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi ziyoba “ingcebo” ngempela, hhayi nje kumaKatolika noma amaProthestani kuphela, kodwa ziyoba yingcebo nakumaBuddha, amaHindu, amaSulumane, amaShinto, ngisho nakulabo abaphika ubukhona bukaNkulunkululu nalabo abathi uNkulunkulu akaziwa. Njengoba umhubi akubeka, ‘izwi likaNkulunkulu laliyisibani ezinyaweni zakhe nokukhanya endleleni yakhe.’ Lingaba njalo nakuwe.—IHubo 119:105.