“Amanxeba Omngane”
“Amanxeba Omngane”
UMPHOSTOLI UPAWULU wabona isidingo sokuyala amaKristu ekhulu lokuqala eGalathiya. Cishe ukuze agweme noma ikuphi ukungamukeleki, wabuza: “Pho-ke, ingabe sengibe isitha senu ngoba nginitshela iqiniso?”—Galathiya 4:16.
‘Ngokuwatshela iqiniso,’ uPawulu akazange abe isitha sawo. Empeleni, wayenza ngokuvumelana nesimiso seBhayibheli esithi: “Amanxeba omngane athembekile.” (IzAga 27:6, King James Version) Wayazi ukuthi kwakungase kuphele ukuzihlonipha kwabonayo. Noma kunjalo, wayeqaphela ukuthi ukungasiniki isoni iseluleko esisidingayo kwakungase kusilahlekisele uthando lukaJehova uNkulunkulu. (Heberu 12:5-7) Ngakho-ke, njengomngane othembekile nonesithakazelo esihlala njalo ngebandla, uPawulu akazange adebesele ukukhipha iseluleko esilungisayo.
Namuhla, oFakazi BakaJehova bafeza umsebenzi wabo ‘wokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . , bebafundisa ukugcina zonke izinto [uJesu Kristu abayale] ngazo.’ Ngokwenza kanjalo, la maKristu aqotho awayeki ukukhuluma ngamaqiniso eBhayibheli adalula futhi alahle iphutha elingokwezimfundiso ezinephutha nokuziphatha okungekona okobukristu. (Mathewu 15:9; 23:9; 28:19, 20; 1 Korinte 6:9, 10) Kunokuba abheke abanye njengezitha zokwaliwa, empeleni abonakalisa isithakazelo sabangane beqiniso.
Ngokuqonda okuphefumulelwe ngokwaphezulu, umhubi wabhala: “Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi.”—IHubo 141:5.