Imibuzo Evela Kubafundi
Imibuzo Evela Kubafundi
UJobe wahlupheka isikhathi esingakanani?
Abanye abantu bacabanga ukuthi ukulingwa kukaJobe kwadonsa iminyaka eminingi, kodwa incwadi kaJobe ayikhulumi ngokuhlupheka okwathatha isikhathi eside kangako.
Isiwombe sokuqala sokulingwa kukaJobe, ukulahlekelwa amalungu omkhaya wakhe nemfuyo, kubonakala sengathi kwathatha isikhathi esifushane impela. Siyafunda: “Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana [kaJobe] namadodakazi akhe edla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo.” UJobe wayethola umbiko ngemva kombiko wokuthi ulahlekelwe okuthile—izinkomo zakhe, izimbongolo zakhe, izimvu zakhe, amakameli akhe nayizinceku ezazinakekela imfuyo. Cishe ngemva nje kwalokho, uJobe wezwa ngokufa kwamadodana namadodakazi akhe ‘ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo.’ Kubonakala sengathi konke lokhu kwenzeka ngosuku olulodwa.—Jobe 1:13-19.
Isiwombe sesibili sokulingwa kukaJobe cishe sathatha isikhathi esithe xaxá. USathane waya kuJehova futhi wathi uJobe wayeyohluleka ukugcina ubuqotho uma ukuhlupheka kuthinta yena uqobo—umzimba wakhe. Khona-ke uJobe washaywa “ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.” Ukusabalala kwaleli gciwane emzimbeni wakhe wonke cishe kwathatha isikhashana. Futhi cishe kwathatha isikhashana ukuba izindaba “ngakho konke lokho okubi” ukuba zifike kulabo ababezishaya abaduduzi bakhe, abafika bezombona.—Jobe 2:3-11.
U-Elifazi wayevela eThemani ezweni lakwa-Edomi, kanti uZofari wayevela endaweni esenyakatho-ntshonalanga ye-Arabia, ngakho-ke, imizi yabo yayingekude nalapho kwakuhlala khona uJobe e-Uzi, cishe eyayisenyakatho ye-Arabia. Nokho, uBilidadi wayengumShuhi, futhi kuthiwa abantu bakubo babehlala eduze kwe-Ewufrathe. Uma uBilidadi ayesemzini wakubo ngaleso sikhathi, kungenzeka kwathatha amasonto noma izinyanga ukuba ezwe ngesimo sikaJobe futhi athathe uhambo oluya e-Uzi. Yiqiniso, kungenzeka ukuthi bobathathu babekhona lapho kuqala ukuhlupheka kukaJobe. Noma ngabe ikuphi, lapho kufika abangane bakaJobe abathathu, “bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa” bengakhulumi.—Jobe 2:12, 13.
Kwabe sekufika isiwombe sokugcina sokulingwa kukaJobe, imininingwane yako igcwalise izahluko eziningi zale ncwadi. Kwaba nohide lwezinkulumo-mpikiswano noma izinkulumo zalabo okwakufanele babe ngabaduduzi, futhi uJobe wayephendula kaningana. Ngemva kokuba lokho sekuphelile, insizwa engu-Elihu yanikeza isiyalo futhi uJehova esezulwini wamlungisa uJobe.—Jobe 32:1-6; 38:1; 40:1-6; 42:1.
Ngakho-ke, ukuhlupheka kukaJobe nokulungiswa kwakhe kungenzeka kwenzeka ezinyangeni ezimbalwa, mhlawumbe ngaphansi konyaka. Ungase wazi kokuhlangenwe nakho ukuthi izilingo ezinzima zibonakala zidonsa isikhathi eside. Nokho, akumelwe sikhohlwe ukuthi ziyaphela, njengoba kwenzeka kwezikaJobe. Kungakhathaliseki ukuthi izilingo esibhekana nazo zithatha isikhathi eside kangakanani, masikhumbule ukusekela kukaNkulunkulu njengoba kuboniswe emazwini aphefumulelwe: “Ngoba nakuba usizi lungolomzuzwana futhi lulula, lusivezela inkazimulo yesisindo esidlulele ngokwengeziwe futhi emi phakade.” (2 Korinte 4:17) Umphostoli uPetru wabhala: “Ngemva kokuba senihluphekile isikhathi esincane, uNkulunkulu wawo wonke umusa ongafanelwe, owanibizela enkazimulweni yakhe emi phakade ebunyeni noKristu, yena ngokwakhe uyoqedela ukuqeqeshwa kwenu, uyonenza niqine, uyonenza nibe namandla.”—1 Petru 5:10.