Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Londoloza Unembeza Wakho

Londoloza Unembeza Wakho

Londoloza Unembeza Wakho

KUYETHUSA ukuzicabanga uhamba ngendiza ene-computer efakwe iziyalezo ezingalungile. Kunalokho, ake sithi othile uye waganga ngesimiso sokuqondisa indiza noma washintsha imininingwane yaso ngamabomu! Phela, ngomqondo ongokomfanekiso, yilokho kanye othile azama ukukwenza kunembeza wakho. Uphokophele ukonakalisa isimiso sakho sokuqondisa ukuziphatha kwakho. Umgomo wakhe uwukukwenza ungqubuzane noNkulunkulu!—Jobe 2:2-5; Johane 8:44.

Ubani lo mcekeli phansi ononya? EBhayibhelini, ubizwa ngokuthi “inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe.” (IsAmbulo 12:9) Wazibonakalisa ensimini yase-Edene lapho, ngokusebenzisa ukucabanga kobuqili, anxenxa khona u-Eva ukuba akushaye indiva lokho ayekwazi ukuthi kulungile, ahlubuke kuNkulunkulu. (Genesise 3:1-6, 16-19) Kusukela ngaleso sikhathi, uSathane uye waba ngungqondongqondo ekwakheni izinhlangano zokukhohlisa ukuze aholele uquqaba lwabantu ekubeni yizitha zikaNkulunkulu. Inhlangano enecala kunazo zonke yinkolo yamanga.—2 Korinte 11:14, 15.

Inkolo Yamanga Yonakalisa Unembeza

Encwadini yeBhayibheli yesAmbulo, inkolo yamanga ivezwa iyisifebe esingokomfanekiso esibizwa ngokuthi yiBabiloni Elikhulu. Izimfundiso zayo ziye zasonta imizwa yokuziphatha yabantu abaningi zabenza bazonda labo abanezinkolelo ezihlukile baze ngisho babe nanobudlova imbala kubo. Eqinisweni, ngokwesAmbulo, uNkulunkulu ubheka inkolo yamanga njengewubhongoza ecaleni lokuchithwa kwegazi “labo bonke abaye babulawa emhlabeni,” kuhlanganise nabakhulekeli bakhe uNkulunkulu.—IsAmbulo 17:1-6; 18:3, 24.

UJesu waxwayisa abafundi bakhe ngezinga inkolo yamanga eyayiyozisonta ngalo izindinganiso zokuziphatha zabanye lapho ethi: “Ihora liyeza lapho wonke umuntu onibulalayo eyocabanga ukuthi unikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu.” Yeka ukuthi abantu abanjalo abanobudlova baphuphuthekiswe kangakanani ngokokuziphatha! UJesu wathi: “Abakamazi uBaba noma mina.” (Johane 16:2, 3) Kungakapheli sikhathi esitheni uJesu ekhulume lawo mazwi, naye wabulawa ngomyalo wabaholi benkolo abathile, abakwazi ukwenza unembeza wabo uvune isenzo sabo sokwephula umthetho. (Johane 11:47-50) Ngokuphambene, uJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso babonakala ngothando abanalo phakathi kwabo. Kodwa uthando lwabo lwenabe kakhulu, ngoba lufinyelela nasezitheni zabo.—Mathewu 5:44-48; Johane 13:35.

Enye indlela inkolo yamanga eye yonakalisa ngayo unembeza wabaningi iwukusekela noma yikuphi ukuziphatha, noma ukungaziphathi kahle, okusuke kusemfashinini. Ebikezela lokhu, umphostoli uPawulu wathi: “Kuyoba khona inkathi yesikhathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso enempilo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze kukitazeke izindlebe zabo.”—2 Thimothewu 4:3.

Namuhla, abaholi benkolo bakitaza izindlebe zabantu ngokuthi ubuhlobo bobulili ngaphandle komshado bungamukeleka kuNkulunkulu. Abanye bathethelela izenzo zobungqingili. Eqinisweni, abanye abefundisi bangongqingili ngokwabo. Isihloko esithile ephephandabeni laseBrithani i-Times sathi “abefundisi abayishumi nantathu abaziwayo ukuthi bangongqingili” bakhethwe ukuba babe seMkhandlwini-jikelele WeSonto LaseSheshi. Lapho abaholi bamasonto beshiya izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli futhi amasonto abo engakushayi mkhuba lokho, yiziphi izindinganiso okufanele abantu bamasonto abo bazilandele? Shono izigidi zidideke ngokuphelele.

Yeka ukuthi kungcono kakhulu kangakanani ukuqondiswa amaqiniso okuziphatha nangokomoya anjengezimpawu zokukhanya afundiswa eBhayibhelini! (IHubo 43:3; Johane 17:17) Ngokwesibonelo, iBhayibheli lifundisa ukuthi izifebe neziphingi ‘ngeke ziwuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 6:9, 10) Lisitshela ukuthi abesilisa nabesifazane abashintsha ‘ukusetshenziswa kwabo kwemvelo bakwenze okuphambene nemvelo’ “benza okuyichilo” emehlweni kaNkulunkulu. (Roma 1:26, 27, 32) La maqiniso awazona izinto ezisungulwe abantu abangaphelele; ayizindinganiso eziphefumulelwe zikaNkulunkulu, angazange azichithe kamuva. (Galathiya 1:8; 2 Thimothewu 3:16) Kodwa uSathane unezinye futhi izindlela zokonakalisa unembeza.

Kukhethe Lokho Ozijabulisa Ngakho

Kubi ukuphoqa umuntu ukuba enze isenzo esibi, kodwa kubi ngokudlulele ukumenza afune ukusenza leso senzo. Yilo umgomo ‘wombusi walelizwe,’ uSathane. Ukuze agxilise ukucabanga kwakhe okonakele ezingqondweni nasezinhliziyweni zabayiziwula nabangasoli lutho—abasengozini nakakhulu, intsha—usebenzisa izinto ezinjengezincwadi ezingabazekayo, amabhayisikobho, umculo, imidlalo ye-computer nezingosi zezithombe ezingcolile kuyi-Internet.—Johane 14:30; Efesu 2:2.

“Intsha [yase-United States] ibuka izenzo zobudlova ezilinganiselwa kwezingu-10 000 unyaka ngamunye,” kusho umbiko othile kumagazini i-Pediatrics, “futhi iziteshi zezingane yizona ezinobudlova kunazo zonke.” Lo mbiko wabuye wembula nokuthi “unyaka ngamunye, intsha ibuka izinto ezibhekisela ebulilini, ezibugigiyelayo nezingamahlaya abo ezicishe zibe ngu-15 000.” Wathi ngisho nezinhlelo zakusihlwa “ziba nezigcawu ezihilela ubulili ezingaphezu kwezingu-8 ngehora, okuyinani eliliphinda kane elika-1976.” Akumangalisi ukuthi lokhu kuhlola kwathola nokuthi “nolimi oluyinhlamba lwanda ngendlela ethusayo.” Nokho, kokubili iBhayibheli nokuhlola okuningi kwesayensi kuyaxwayisa ngokuthi uma abantu behlala bebuka futhi bezwa izinto ezinjalo kubashintsha ngendlela embi. Ngakho, uma ufuna ngempela ukujabulisa uNkulunkulu kanjalo uzizuzise, lalela incwadi yezAga 4:23, ethi: “Gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.”—Isaya 48:17.

Umculo omningi othandwayo nawo uyawonakalisa unembeza. Umculi ozingoma zakhe zashisa izikhotha emazweni amaningana aseNtshonalanga “uzikhandla kakhulu ukuze ashaqise,” kuxwayisa umbiko osephephandabeni lase-Australia i-Sunday Mail. Lesi sihloko sithi “izingoma zakhe zidumisa izidakamizwa, ukulalana kwezihlobo nokudlwengula,” sithi futhi “ucula ngokubulala umkakhe aphonse isidumbu sakhe echibini.” Amanye amazwi ezingoma zakhe ashiwo mabi kakhulu ukuba siwasho lapha. Yize kunjalo, umculo wakhe wamzuzela umklomelo ophakeme. Ungathanda yini ukutshala engqondweni nasenhliziyweni yakho imicabango elimazayo enjengale eshiwo ngenhla, ngisho noma ihlotshiswe ngomculo? Sethemba ukuthi ngeke, ngoba labo abenza ngaleyo ndlela bangcolisa unembeza wabo futhi bagcina bakhe ngaphakathi kubo ‘inhliziyo embi,’ ebenza izitha zikaNkulunkulu.—Heberu 3:12; Mathewu 12:33-35.

Ngakho kukhethe ngokuhlakanipha lokho ozijabulisa ngakho. IBhayibheli liyasinxusa: “Noma iziphi izinto eziyiqiniso, noma iziphi izinto ezinokubaluleka okungathi sína, noma iziphi izinto ezilungileyo, noma iziphi izinto ezimsulwa, noma iziphi izinto ezithandekayo, noma iziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezizinto.”—Filipi 4:8.

Abantu Ozihlanganisa Nabo Bayawuthonya Unembeza Wakho

Beseyizingane, uNeil noFranz babejabulela ukuzihlanganisa nabantu abakahle abangamaKristu aqotho. * Kodwa uNeil uthi ngokuhamba kwesikhathi, “Ngaqala ukuzihlanganisa nabantu abangalungile.” Ngokudabukisayo, umphumela waba ukuba enze ubugebengu futhi aboshwe. NakuFranz kwaba yiso leso. “Ngangicabanga ukuthi ngingakwazi ukuba kanye nentsha yezwe kodwa ingangithonyi,” ebalisa. “Kodwa njengoba eyabaseGalathiya 6:7 isho, ‘uNkulunkulu akayena owokuhlekwa insini. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.’ Ngafunda kabuhlungu ukuthi yimi owayenephutha, uJehova wayeqinisile. Manje ngigwetshelwe ukudilikelwa yijele ngenxa yecala engilenzile.”

Abantu abanjengoNeil noFranz ngokuvamile abaphendukeli ebugebengwini ngokuphazima kweso; ekuqaleni, abakucabangi nokukucabanga ukwenza ubugebengu. Ukukhukhuleka kwenzeka ngamabanga athile, elokuqala ngokuvamile kuba ukuzihlanganisa nababi. (1 Korinte 15:33) Kungase kulandele ukusebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala. Empeleni, unembeza uye wachazwa kahle ngokuthi “yingxenye yobuntu encibilikayo otshwaleni.” Ukusuka lapho, sekuyigxathu elincane ukuya ebugebengwini noma ekuziphatheni okubi.

Usithathelani-ke leso sinyathelo sokuqala? Kunalokho, zihlanganise nabantu abahlakaniphile nabamthanda ngempela uJehova. Bayokusiza ukuba uqinise unembeza wakho ukuze ukuqondise kahle, ukusindise ezinhlungwini eziningi. (IzAga 13:20) Nakuba besaboshiwe, uNeil noFranz manje babheka unembeza wabo njengesipho saphezulu okufanele siqeqeshwe kahle, yebo, saziswe. Ngaphezu kwalokho, basebenza kanzima ukuze bakhe ubuhlobo obuhle noNkulunkulu wabo, uJehova. Hlakanipha, ufunde emaphutheni abo.—IzAga 22:3.

Nakekela Unembeza Wakho

Sibonisa ukuthi sifuna ukunakekela unembeza wethu lapho sakha uthando nokholo kuNkulunkulu, kanye nokumesaba okuhle. (IzAga 8:13; 1 Johane 5:3) IBhayibheli lembula ukuthi unembeza ongenazo lezi zici ngokuvamile awuzinzi. Ngokwesibonelo, iHubo 14:1 likhuluma ngalabo abathi enhliziyweni yabo: “Akakho uNkulunkulu.” Lokhu kuntula ukholo kukuthonya kanjani ukuziphatha kwabo? Leli vesi liyaqhubeka: “Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo.”

Abantu abangenalo ukholo lweqiniso kuNkulunkulu abanalo nethemba eliqinile lekusasa elingcono. Ngakho, bathambekele ekuphileleni olwanamuhla, banelisa izifiso zabo zenyama. Ukucabanga okubabusayo kuwukuthi: “Masidleni siphuze, ngoba kusasa sizokufa.” (1 Korinte 15:32) Ngakolunye uhlangothi, labo amehlo abo asemklomelweni wokuphila okuphakade abaphanjukiswa yizinjabulo ezidlulayo zezwe. Njenge-computer yokuqondisa umzila enembile, unembeza wabo oqeqeshiwe ubagcina besemzileni oyiwonawona wokulalela uNkulunkulu ngokwethembeka.—Filipi 3:8.

Ukuze unembeza wakho ulondoloze amandla nokunemba kwawo, kudingeka uthole isiqondiso sasikhathi sonke esivela eZwini likaNkulunkulu. IBhayibheli lisitshela ukuthi isiqondiso esinjalo siyatholakala lapho, ngolimi olungokomfanekiso, lithi: “Nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: ‘Nansi indlela; hambani ngayo,’ noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.” (Isaya 30:21) Ngakho, bekela eceleni isikhathi sokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Lokhu kuyokuqinisa futhi kukukhuthaze lapho ulwa kanzima ukuze wenze okulungile noma lapho wenganywe amafu okukhathazeka. Qiniseka ukuthi uJehova uyokuqondisa ekuziphatheni nangokomoya uma uthembela ngokugcwele kuye. Yebo, lingisa umhubi owabhala: “Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.”—IHubo 16:8; 55:22.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 16 Amagama ashintshiwe.

[Izithombe ekhasini 5]

Inkolo yamanga, echazwe eBhayibhelini ngokuthi “iBabiloni Elikhulu,” inecala lokuthuntubeza unembeza wabaningi

[Umthombo]

Priest blessing troops: U.S. Army photo

[Isithombe ekhasini 6]

Ukubuka ubudlova nokuziphatha okubi kuyowulimaza unembeza wakho

[Isithombe ekhasini 7]

Isiqondiso sasikhathi sonke esivela eZwini likaNkulunkulu siyowulondoloza unembeza wakho