Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Udinga Unembeza Oqeqeshiwe

Udinga Unembeza Oqeqeshiwe

Udinga Unembeza Oqeqeshiwe

Kwakubonakala kuzoba usuku olungalibaleki kubagibeli nezisebenzi ababesendizeni ye-Air New Zealand i-Flight 901 eya e-Antarctica. Amakhamera ayemi ngomumo, futhi kuzwakala ukuxokozela kwenjabulo njengoba i-DC-10 isondela kuleli zwekazi elimhlophe indizela phansi ukuze libonakale kahle.

UKAPUTENI, owayeseneminyaka engu-15 engumshayeli wezindiza, wayesehambe amahora angaphezu kwangu-11 000 ngezindiza. Ngaphambi kokuba kusukwe, wayefake ngokucophelela uhlelo lohambo kuyi-computer esendizeni, engazi ukuthi izilinganiso ayenikwe zona zazinganembile. Kwathi lapho bedabula efwini ebangeni elingaphansana kwamamitha angu-600 ukuphakama, i-DC-10 yaphahlazeka emithambekeni ephansi yeNtaba i-Erebus, bafa bonke abangu-257 ababekuleyo ndiza.

Njengoba nje izindiza namuhla zithembela kuma-computer ukuba aziqondise esibhakabhakeni, abantu banikwe unembeza wokubaqondisa ekuphileni. Futhi inhlekelele edabukisayo ye-Flight 901 ingasifundisa izifundo ezinkulu mayelana nonembeza wethu. Ngokwesibonelo, njengoba nje ukuphepha kwendiza kuxhomeke esimisweni esisebenza kahle sokuyiqondisa nasezilinganisweni ezinembile, ngokufanayo nenhlalakahle yethu engokomoya, engokokuziphatha ngisho nengokomzimba ixhomeke kunembeza osabelayo oqondiswa yizindinganiso ezifanele zokuziphatha.

Ngokudabukisayo, ezweni lanamuhla, lezo zindinganiso zinyamalala ngokushesha noma azinakwa. “Namuhla kukhulunywa kakhulu ngokuthi umfana wesikole ovamile wase-United States akakwazi ukufunda, akakwazi ukubhala, kunzima kuye ukuthola izwe laseFrance ebalazweni,” kusho uthisha waseMelika. “Kuyiqiniso nokuthi lo mfana ukuthola kunzima ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile. Ohlwini lwezinkinga zemfundo, kumelwe sinezele isidididi esikhona mayelana nezokuziphatha ngaphezu kokungakwazi ukufunda nokubala.” Waphawula nokuthi “intsha yanamuhla idukuza oswini mayelana nokuziphatha. Buza oyedwa kuyo ukuthi zikhona yini izinto ‘ezilungile nezingalungile,’ uzodideka, kubophane ulimi, abakaze, futhi azizwe engaqiniseki. . . . Lokhu kudideka kuya kukhula nakakhulu kunokuba kube ngcono lapho sebesekolishi.”

Enye yezimbangela zalesi sidididi umbono owandile wokuthi ukuziphatha kuyaxhomekeka, wokuthi izindinganiso ziyashintshashintsha kuye ngalokho okuthandwa umuntu noma usikompilo akhulele kulo. Cabanga obekungenzeka uma abashayeli bezindiza bebengase bashayele bengaqondiswa yizimpawu ezigxilile, kodwa beqondiswa yizimpawu zokukhanya ezigcogcoma ngendlela ongenakuyazi kusengaphambili futhi ngezinye izikhathi zimane zinyamalale ngokuphelele! Akungabazeki ukuthi izinhlekelele ezinjengalena yaseNtabeni i-Erebus beziyoba yinsakavukela. Ngokufanayo, njengoba liye lazishiya izindinganiso ezigxilile zokuziphatha, izwe livuna isivuno esibuhlungu nesandayo sosizi nokufa njengoba imikhaya ihlukaniswa ukungathembeki futhi izigidi zihlupheka ngenxa yengculaza noma esinye sezifo ezidluliselwa ngobulili.

Umbono wokuthi ukuziphatha kuyaxhomekeka ungase uzwakale uhluzekile, kodwa empeleni abalandeli bawo banjengabaseNineve yasendulo ababengakwazi ‘ukuhlukanisa isandla sokunene nesokhohlo.’ Labo abaphila ngalo mbono bafana nama-Israyeli ahlubukayo ayethi ‘okubi kungokuhle, nokuhle kungububi.’—Jona 4:11; Isaya 5:20.

Ngakho singaphendukelaphi ukuze sithole imithetho nezimiso ezicacile nezingadidi, esingaqeqesha ngazo onembeza bethu ukuze babe yiziqondiso eziphephile? Izigidi ziye zathola ukuthi iBhayibheli lisanelisa kahle kakhulu leso sidingo. Kusukela kwezokuziphatha kuya emsebenzini, ukusukela ekuqeqesheni izingane kuya ekukhulekeleni uNkulunkulu, iBhayibheli ligeqa amagula. (2 Thimothewu 3:16) Liye lazibonakalisa linokwethenjelwa emakhulwini eminyaka. Ngenxa yokuthi izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha zamiswa yigunya eliphakeme kunawo wonke, uMdali wethu, zisebenza kuwo wonke umuntu. Ngakho, asinasizathu sokuphila ukuphila kokungaqiniseki.

Nokho, namuhla unembeza wakho uhlaselwa ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili. Kwenzeka kanjani lokho? Futhi ungawulondoloza kanjani unembeza wakho? Kungaba kuhle siqale ngokwazi lowo owuhlaselayo namacebo akhe. Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.