Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Unesizathu Sokujabula

Unesizathu Sokujabula

Unesizathu Sokujabula

KUSUKELA engqamuzaneni elincanyanyana eliphilayo kuya emithaleni emikhulu kakhulu ehlelwe yaba amaqoqo amancane namakhulu kakhulu, indalo ibonisa ukuhleleka. Lokhu akusimangazi ngoba uMdali ‘akayena uNkulunkulu wesiyaluyalu.’ (1 Kor. 14:33) Enye into esishiya sibambe ongezansi yilungiselelo uNkulunkulu alenzile lendlela yokumkhulekela. Cabanga ngalokho uJehova aye wakwenza. Uye wenza amakhulu ezigidi zezidalwa ezihlakaniphile—zenyama nezomoya ezinenkululeko yokuzikhethela—zaba inhlangano eyodwa yendawo yonke enobunye ekukhulekeleni okuhlanzekile. Yeka ubuhle!

Kwa-Israyeli wasendulo, ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaNkulunkulu yayifanekiselwa iJerusalema, lapho kwakukhona khona ithempeli likaNkulunkulu nenkosi yakhe egcotshiwe. Omunye umIsrayeli owayethunjelwe eBhabhiloni wayizwakalisa ngala mazwi imizwa yakhe ngalo muzi ongcwele: “Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingalenzi iJerusalema lenyukele ngaphezu kwembangela yami eyinhloko yokujabula.”—IHu. 137:6.

Ingabe nawe uzizwa ngale ndlela ngenhlangano kaNkulunkulu namuhla? Ingabe ikulethela injabulo ngaphezu kwanoma yini enye? Izingane zakho ziyawazi yini umlando nomsebenzi wengxenye yenhlangano kaNkulunkulu esemhlabeni? Ingabe ziyaqonda ukuthi ziyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke boFakazi BakaJehova? (1 Pet. 2:17) Kunganjani usebenzise ukusikisela okulandelayo ngobusuku bokuKhulekela Komkhaya wakho ukuze uthuthukise ulwazi nokwazisa umkhaya wakho onakho ngenhlangano kaJehova?

Landisa ‘Ngezinsuku Zakudala’

Njalo ngonyaka, imikhaya yama-Israyeli yayihlangana ukuze igubhe iPhasika. Lapho lo mkhosi umiswa, uMose wayala abantu: “Kuyothi uma indodana yakho ikubuza kamuva, ithi, ‘Kusho ukuthini lokhu?’ wena-ke uyothi kuyo, ‘UJehova wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, endlini yezigqila.’” (Eks. 13:14) Ama-Israyeli kwakungafanele akhohlwe umlando wendlela uJehova ayesebenzelane ngayo nawo. Ngokuqinisekile, obaba abaningi bama-Israyeli bawugcina umyalo kaMose. Ezizukulwaneni eziningi kamuva, umIsrayeli othile wathandaza: “O Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho bethu bawulandisile kithi umsebenzi owawenza ezinsukwini zabo, ezinsukwini zakudala.”—IHu. 44:1.

Kumuntu osemusha namuhla, umlando woFakazi BakaJehova weminyaka engaba yikhulu edlule nawo ungase ubonakale ‘ungowezinsuku zakudala.’ Ungenza kanjani ukuba lezi zenzakalo ziphile ezinganeni zakho? Ukuze benze kanjalo, abanye abazali baye basebenzisa incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, INcwadi Yonyaka, izindaba zokuphila ezinyatheliswa komagazini bethu nemibiko yomlando womsebenzi ongokwasezulwini, kuhlanganise ne-DVD entsha elandisa ngabantu bakaNkulunkulu bezikhathi zanamuhla. Ama-video alandisa ngokushushiswa kwabafowethu ezweni elaliyiSoviet Union naseJalimane lamaNazi afundisa imikhaya ukuba ithembele kuJehova ezikhathini zobunzima. Hlanganisani nalokho kwaziswa phakathi nokuKhulekela kwenu Komkhaya kwakusihlwa. Lokho kuyoqinisa ukholo lwezingane zenu uma kwenzeka ubuqotho bazo bubekelwa inselele.

Nokho, ukumane ulande umlando omude kungasheshe kuzicike izingane. Ngakho yenza izingane zakho zibe nengxenye. Ngokwesibonelo, ungase ucele indodana yakho ukuba ikhethe izwe engathanda ukwazi ngalo, icwaninge umlando womsebenzi ongokwasezulwini walelo zwe, bese ixoxela umkhaya lokho ekutholile. Ebandleni lenu kungase kube namaKristu asenesikhathi eside ekhonza ngokwethembeka okungaba okuzuzisayo ukuwacela ngelinye ilanga ukuba ahlanganyele nani ekukhulekeleni komkhaya kwakusihlwa. Mhlawumbe ningahlela ukuba kube indodakazi yenu ewabuza imibuzo ngokuhlangenwe nakho kwawo. Noma ningase nicele ingane yenu ukuba idwebe izithombe zezenzakalo eziyingqopha-mlando zezinto ezingokwasezulwini, njengokwakhiwa kwegatsha, umhlangano wezizwe, noma ukusetshenziswa kwegilamafoni enkonzweni yendlu ngendlu.

Funda Ngendlela ‘Ilungu Ngalinye Elenza Ngayo Umsebenzi Walo’

Umphostoli uPawulu wafanisa ibandla lobuKristu nawo “wonke umzimba, uhlanganiswe ndawonye yiyo yonke imisipha ewubambile, okhula futhi uzakhe othandweni, njengoba ilungu ngalinye lenza umsebenzi walo.” (Efe. 4:16, New International Version) Ukufunda ngendlela umzimba womuntu osebenza ngayo kwandisa ukwazisa kwethu nenhlonipho esinayo ngoMdali wethu. Ngokufanayo, lapho sihlola indlela ibandla lomhlaba wonke elisebenza ngayo, siyamangala ‘ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu okuhlukahlukene kakhulu.’—Efe. 3:10.

UJehova uchaza indlela inhlangano yakhe, kuhlanganise nengxenye esezulwini, esebenza ngayo. Ngokwesibonelo, usitshela ukuthi uJehova waqale wanika uJesu Kristu isambulo, owabe ‘esethuma ingelosi yakhe, wasethula ngayo ngezibonakaliso encekwini yakhe uJohane, owafakaza.’ (IsAm. 1:1, 2) Uma uNkulunkulu eyembula indlela inhlangano yakhe engabonakali esebenza ngayo, ubengeke yini afune ukuba siqonde indlela ‘ilungu ngalinye elenza ngayo umsebenzi walo’ emhlabeni?

Ngokwesibonelo, uma umbonisi wesifunda ezohambela ibandla lakini maduze, kunganjani uxoxe nomkhaya wakho ngemisebenzi nangamalungelo ajatshulelwa ababonisi abajikelezayo? Basisiza kanjani thina ngabanye? Eminye imibuzo eningase niyicabangele yile: Kungani kubalulekile ukubika inkonzo yasensimini? Inhlangano kaNkulunkulu isekelwa kanjani ngokwezimali? INdikimba Ebusayo ihlelwe kanjani, futhi ikulungiselela kanjani ukudla okungokomoya?

Lapho siqonda indlela abantu bakaJehova abahlelwe ngayo, sizuza okungenani ngezindlela ezintathu: Ukwazisa kwethu ngalabo abazikhandlayo ngenxa yethu kuyakhula. (1 Thes. 5:12, 13) Sishukumiseleka ukuba sisekele amalungiselelo angokwasezulwini. (IzE. 16:4, 5) Okokugcina, ukubethemba kwethu labo abaholayo kuyaqina lapho sibona ukuthi izinqumo namalungiselelo abawenzayo kusekelwe emiBhalweni.—Heb. 13:7.

“Hlolani Imibhoshongo Yalo Yokuhlala”

“Zungezani iZiyoni, nina bantu, nihambahambe kulo, nibale imibhoshongo yalo. Bekani izinhliziyo zenu egoqweni lalo lokuvikela. Hlolani imibhoshongo yalo yokuhlala, ukuze nilandise ngalo esizukulwaneni sesikhathi esizayo.” (IHu. 48:12, 13) Lapha umhubi wayenxusa ama-Israyeli ukuba alibukele eduze iJerusalema. Ungacabanga yini ngezingxoxo zezinkumbulo eziyigugu zemikhaya yama-Israyeli eyayithathe uhambo oluya emzini ongcwele, emikhosini yaminyaka yonke futhi yabona ithempeli lawo elihle kakhulu? Kumelwe ukuba yayishukumiseleka ukuba “ilandise ngalo esizukulwaneni sesikhathi esizayo.”

Cabanga ngendlovukazi yaseSheba, eyaqale yangayethemba imibiko yokubusa kukaSolomoni okuhle ngokumangalisayo nokuhlakanipha kwakhe okukhulu. Yini eyayenza yakholelwa ukuthi izinto eyayizizwile zaziyiqiniso? Yathi: “Angizange ngibe nokholo emazwini abo kwaze kwaba yilapho sengifikile ukuze ngizibonele ngamehlo ami.” (2 IziKr. 9:6) Yebo, esikubona ‘ngamehlo ethu’ kungasithinta ngokujulile.

Ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zibone izimangaliso zenhlangano kaJehova ‘ngamehlo azo’? Uma kunehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova endaweni yakini, yenzani umzamo wokulivakashela. Ngokwesibonelo, indawo uMandy noBethany abakhulela kuyo yayiqhele ngamakhilomitha angu-1 500 ukusuka eBethel yasezweni lakubo. Nokho, abazali babo babehlela ukuba kuvakashelwe khona njalo kuyobonwa izakhiwo, ikakhulu ngesikhathi besakhula. Bathi: “Ngaphambi kokuba sivakashele eBethel, sasicabanga ukuthi iyindawo ezothe kakhulu neyabantu abadala kuphela. Kodwa sahlangana nabantu abasha ababezikhandla enkonzweni kaJehova futhi beyijabulela! Sabona ukuthi inhlangano kaJehova yayingapheleli nje endaweni yakithi encane, futhi isikhathi ngasinye lapho sivakashela eBethel sasivuseleleka ngokomoya.” Ukuyibukela eduze inhlangano kaNkulunkulu kwakhuthaza uMandy noBethany ukuba baqale ukuphayona, futhi baze bamenyelwa ngisho nokuba bazokhonza eBethel isikhashana.

Sinenye indlela ‘esingabona’ ngayo inhlangano kaJehova, eyayingekho kwa-Israyeli wasendulo. Kule minyaka yamuva, abantu bakaNkulunkulu baye bathola ama-video nama-DVD akhuluma ngezici ezihlukahlukene zenhlangano kaNkulunkulu, njengalawa: Jehovah’s Witnesses—Organized to Share the Good News, Our Whole Association of Brothers, To the Ends of the Earth nethi United by Divine Teaching. Lapho wena nomkhaya wakho nibona umsebenzi onzima owenziwa izikhonzi zaseBethel, izisebenzi zangezikhathi zezinhlekelele, izithunywa zevangeli nabazalwane abalungiselela futhi bahlele imihlangano yesigodi, ngokuqinisekile, ukubazisa kwenu lobu buzalwane bomhlaba wonke kuyokhula ezinhliziyweni zenu.

Ibandla ngalinye labantu bakaNkulunkulu linendima ebalulekile ekushumayeleni izindaba ezinhle nasekusekeleni amaKristu endawo. Nokho, zinike isikhathi nomkhaya wakho sokukhumbula “yonke inhlangano yabazalwane benu ezweni.” Lokhu kuyosiza wena nezingane zakho ukuba nihlale “niqinile okholweni,” niqaphela ukuthi ninesizathu sokujabula.—1 Pet. 5:9.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]

Inhlangano KaNkulunkulu—Isihloko Okunganizuzisa Ukufunda Ngaso

Sinamalungiselelo amaningi okusisiza sifunde okwengeziwe ngomlando nangendlela inhlangano kaJehova esebenza ngayo. Ningaqala ngale mibuzo elandelayo.

Umsebenzi wababonisi abajikelezayo bosuku lwethu waqala kanjani?—OFakazi BakaJehovaAbamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 222-227.

Isiphi isenzakalo esiphawulekayo esenzeka ‘ngoSuku Lwabantwana’ eMhlanganweni Ongokwasezulwini wango-1941?—OFakazi BakaJehovaAbamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 86, 88.

INdikimba Ebusayo izenza kanjani izinqumo?—‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 108-114.