Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yiba Okulungele!

Yiba Okulungele!

Yiba Okulungele!

“Yibani abakulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.”—MATH. 24:44.

1, 2. (a) Isiprofetho seBhayibheli sabikezela ziphi izenzakalo ezifana nokuhlasela kwengwe? (b) Lokhu kuhlasela okuzayo kukuthinta kanjani?

 KWASE kuyiminyaka umdlali odumile ejabulisa izibukeli ngokudlala ngokuthula nezingwe zakhe zaseBengal eziqeqeshiwe. Wathi: “Lapho isilwane sikwethemba, uzizwa sengathi uphiwe isipho esihle kunazo zonke emhlabeni.” Kodwa ngo-October 3, 2003, lokho kwethembana kwaphela. Enye ingwe yakhe emhlophe, enesisindo esingamakhilogremu angu-172 yamhlasela ngaphandle kwesizathu. Yamhlasela ngokuzumayo futhi lo mqeqeshi wayengalindele.

2 Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli libikezela ngokuhlasela ‘kwesilo sasendle’ okuseza, futhi kudingeka sihlale sikulungele. (Funda isAmbulo 17:15-18.) Lesi silo siyohlasela bani? Izinto ziyojika ngokumangalisayo, izwe likaDeveli liyohlukana phakathi. Lesi silo esibomvu tebhu simelela iZizwe Ezihlangene, futhi “izimpondo eziyishumi” zimelela yonke imibuso yezombusazwe. Lesi silo nezimpondo zaso zizophendukela iBhabhiloni Elikhulu elinjengesifebe, umbuso wezwe wenkolo yamanga, futhi ziyolibhubhisa ngonya. Kuyokwenzeka nini lokhu? Asilwazi usuku nehora. (Math. 24:36) Esikwaziyo ukuthi kuyokwenzeka ngehora esingalilindele nokuthi isikhathi esisele ngaphambi kwalokhu kuhlaselwa sesinciphile. (Math. 24:44; 1 Kor. 7:29) Ngakho, kubalulekile ukuba sihlale sikulungele ngokomoya ukuze lapho lokho kuhlasela kwenzeka futhi uKristu eza ukuzokhipha isahlulelo, abe uMkhululi wethu! (Luka 21:28) Ukuze sifinyelele lelo zinga lokuba abakulungele, singafunda ezincekwini zikaNkulunkulu ezithembekile ezazibonakalisa zikulungele futhi zaba ofakazi bokuzibonela bokugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu. Ingabe siyozithatha ngokungathí sina lezi zibonelo ezingokoqobo?

Yiba Okulungele NjengoNowa

3. Iziphi izimo ezenza kwaba inselele ngoNowa ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka?

3 Naphezu kwezimo ezinyantisayo ezazigcwele emhlabeni ngesikhathi sakhe, uNowa wazibonakalisa ekulungele ukubona ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu. Cabanga ngezinselele uNowa okwadingeka abhekane nazo njengoba izingelosi eziyizihlubuki zigqoka imizimba yabantu futhi zizithathela abesifazane abahle! Lokhu kuhlangana okungekhona okungokwemvelo kwaveza abantu abangavamile “abanamandla” ababesebenzisa amandla abo amakhulu ukuze baxhaphaze abanye. (Gen. 6:4) Cabanga ngobudlova obabuba khona njengoba lezi zidlakela zibangela isiphithiphithi nomaphi lapho zaziya khona. Ngenxa yalokho, ububi banda futhi imicabango yomuntu nokuziphatha kwakhe konakala ngokuphelele. INkosi EnguMbusi uJehova yabe isikhipha umyalo owaphawula ukuqala kwenkathi yokuphela kwezwe elingamhloniphi uNkulunkulu.—Funda uGenesise 6:3, 5, 11, 12. a

4, 5. Izimo osukwini lwethu zifana kanjani nezangosuku lukaNowa?

4 UJesu wabikezela ukuthi izimo osukwini lwethu zaziyofana nezangezinsuku zikaNowa. (Math. 24:37) Ngokwesibonelo, nathi siyalibona ithonya lemimoya emibi. (IsAm. 12:7-9, 12) Lezi zingelosi ezingamademoni zagqoka imizimba yabantu ngezinsuku zikaNowa. Nakuba manje zivinjelwe ukuba ziziguqule abantu, zilwela ukulawula abasha nabadala. Nakuba kungabonakali kubantu, lezi zingelosi ezihlanyiswa ubulili zijatshuliswa izenzo ezimbi nezingamanyala zalabo eziphumelela ukubonakalisa emhlabeni.—Efe. 6:11, 12.

5 IZwi likaNkulunkulu lichaza uDeveli ‘njengombulali wabantu’ futhi lithi ‘unendlela yokubangela ukufa.’ (Joh. 8:44; Heb. 2:14) Amandla akhe alinganiselwe endabeni yokubangela ukufa ngokuqondile. Noma kunjalo, lesi sidalwa somoya esinonya sibhebhezela ukukhohlisa nokuyenga. Sitshala umoya wokubulala ezinhliziyweni nasezingqondweni zabantu. Ngokwesibonelo, ingane eyodwa kwezingu-142 ezizalwa e-United States ifa ngokubulawa. Njengoba ubudlova obungenangqondo budlange kangaka, ucabanga ukuthi uJehova ngeke yini akunake nakakhulu lokho okwenzeka namuhla njengoba enza ngosuku lukaNowa? Ngeke yini athathe isinyathelo?

6, 7. UNowa nomkhaya wakhe balubonisa kanjani ukholo nokwesaba uNkulunkulu?

6 Ngesikhathi esifanele, uNowa watshelwa ngesinqumo sikaNkulunkulu sokuletha uzamcolo phezu komhlaba ukuze abhubhise yonke inyama. (Gen. 6:13, 17) UJehova wamyala ukuba akhe umkhumbi owawunjengebhokisi elikhulu. UNowa nomkhaya wakhe babhukula bawenza umsebenzi. Yini eyabasiza ukuba balalele futhi batholakale bekulungele lapho kufika isahlulelo sikaNkulunkulu?

7 Ukholo oluqinile nokwesaba uNkulunkulu kwashukumisela uNowa nomkhaya wakhe ukuba benze njengoba uNkulunkulu ayebayalile. (Gen. 6:22; Heb. 11:7) Njengenhloko yomkhaya, uNowa wayephapheme ngokomoya futhi wakugwema ukonakala kwalelo zwe lasendulo. (Gen. 6:9) Wayazi ukuthi umkhaya wakhe kwakudingeka uqaphe ukuba ungathonywa umoya wobudlova nesimo sengqondo sokudelela sabantu ababewuzungezile. Kwakubalulekile ukuba bangalibali iminako yokuphila yansuku zonke. UNkulunkulu wayebanike umsebenzi ayefuna bawenze futhi kwakubaluleke kakhulu ukuba umkhaya wonke ugxilise ukuphila kwawo ekwenzeni lowo msebenzi.Funda  uGenesise 6:14, 18.

UNowa Nomkhaya Wakhe Bazibonakalisa Bekulungele

8. Yini ebonisa ukuthi amalungu omkhaya kaNowa ayenokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu?

8 Ukulandisa kweBhayibheli kugxila kuNowa njengenhloko yomkhaya, kodwa umkakhe namadodana akhe nomkawo nabo babengabakhulekeli bakaJehova. Umprofethi uHezekeli wakuqinisekisa lokhu. Wathi ukube uNowa wayephila ngesikhathi sikaHezekeli, abantwana bakhe babengeke bakhululwe ngenxa yokulunga kukayise. Babekhule ngokwanele ukuba balalele noma bangalaleli. Ngakho, ngamunye kubo wayebunikeze ngokwakhe ubufakazi bokuthi uyamthanda uNkulunkulu nezindlela zakhe. (Hez. 14:19, 20) Umkhaya kaNowa wakwamukela ukuqondisa kwakhe, waba nokholo njengaye futhi wangavumela ithonya labanye ukuba liwuphazamise emsebenzini owawuwunikwe uNkulunkulu.

9. Iziphi izibonelo zosuku lwethu zokholo olunjengolukaNowa?

9 Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani namuhla ukubona phakathi kwabafowethu emhlabeni wonke izinhloko zemikhaya ezenza konke ezingakwenza ukuze zilingise uNowa! Ziyaqaphela ukuthi akwanele nje ukunika imikhaya yazo ukudla, izingubo, indawo yokuhlala nemfundo. Kumelwe zibuye zinakekele nezidingo zayo ezingokomoya. Ngokwenza kanjalo, zizibonakalisa zikulungele lokho uJehova azokwenza maduze.

10, 11. (a) Ngesikhathi besemkhunjini, cishe uNowa nomkhaya wakhe bazizwa kanjani? (b) Imuphi umbuzo esenza kahle ngokuzibuza wona?

10 Kungenzeka ukuthi uNowa, umkakhe, amadodana akhe namakhosikazi awo kwabathatha iminyaka engaba ngu-50 ukwakha umkhumbi. Njengoba babewakha kumelwe ukuba babephuma bengena kuwo izikhathi eziningi. Bawuhuqa ukuze ungangenwa amanzi, bawugcwalisa ngokudla, bafaka nezilwane kuwo. Ake ubone ngeso lengqondo lesi senzakalo. Usuku olulindelwe luyafika ekugcineni. Zingu-17 enyangeni yesibili ngonyaka ka-2370 B.C.E., futhi bangena emkhunjini. UJehova uvala umnyango futhi liqale ukuyidliva. Lesi akusona nje isikhukhula esivamile. Kubhoboka amanzi ayengaphezu komkhathi, noma ulwandle olwalusemazulwini, athululele izikhukhula zamanzi phezu komkhumbi. (Gen. 7:11, 16) Abantu abangaphandle komkhumbi bayafa, kuyilapho labo abangaphakathi besindiswa. Kumelwe ukuba umkhaya kaNowa wazizwa kanjani? Ngokuqinisekile wambonga kakhulu uNkulunkulu. Kodwa cishe wacabanga, ‘Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi siye sahamba noNkulunkulu weqiniso futhi saba abakulungele!’ (Gen. 6:9) Ungazibona yini nawe usungalé kwe-Armagedoni, inhliziyo yakho ichichima ukwazisa okufanayo?

11 Akukho lutho olungavimba uMninimandla onke ukuba agcwalise isithembiso sakhe sokuqeda lesi simiso sezinto sikaSathane. Zibuze, ‘Ingabe ngiyaqiniseka ukuthi azikho izithembiso zikaNkulunkulu eziyoshaya phansi, nokuthi ziyogcwaliseka zonke ngesikhathi sakhe esimisiwe ngisho nomniningwane omncane kakhulu?’ Uma kunjalo, zibonakalise ukulungele ngokulukhumbula njalo ‘usuku lukaJehova’ olusondela ngokushesha.—2 Pet. 3:12.

UMose Wahlala Eqaphile

12. Yini eyayingafiphaza umbono kaMose ongokomoya?

12 Ake sicabangele esinye isibonelo. Ngombono ongokwenyama, uMose wayebonakala esesikhundleni esasiyomzuzisa kakhulu ezweni laseGibhithe. Njengengane yokutholwa yendodakazi kaFaro, kumelwe ukuba wayehlonishwa kakhulu futhi ejabulela ukudla kwekhethelo, ingqephu ephambili nokuhlala endaweni ethokomele kunazo zonke. Wathola imfundo ephakeme kakhulu. (Funda izEnzo 7:20-22.) Kungenzeka ukuthi wayesethubeni lokuthola ifa elikhulu.

13. UMose wakwazi kanjani ukuhlale egxile ezithembisweni zikaNkulunkulu?

13 Cishe ukuqeqeshwa uMose akuthola kubazali bakhe esemncane kwamenza wabona ubuwula bokukhulekela izithombe kwabaseGibhithe. (Eks. 32:8) Imfundo yaseGibhithe nobukhazikhazi basebukhosini akuzange kumenze ashiye ukukhulekela kweqiniso. Kumelwe ukuba wazindla ngokujulile ngezithembiso zikaNkulunkulu kokhokho bakhe futhi wayenesifiso esiqotho sokuzibonakalisa ekulungele ukufeza intando kaNkulunkulu. Ingani uMose watshela ama-Israyeli: “UJehova . . . uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe, ungithumé kini.”—Funda u-Eksodusi 3:15-17.

14. Ukholo nesibindi kukaMose kwavivinywa kanjani?

14 Ngokungefani nazo zonke izithombe ezazimelela onkulunkulu baseGibhithe abangaphili, uJehova uNkulunkulu weqiniso, wayengokoqobo kuMose. Waphila njengokungathi uyambona “Lowo ongabonakali.” UMose wayenokholo lokuthi abantu bakaNkulunkulu bazokhululwa, kodwa engazi ukuthi nini. (Heb. 11:24, 25, 27) Isifiso sakhe esinamandla sokubona amaHebheru ekhululekile sabonakala lapho evikela isigqila esingumIsrayeli esasihlukunyezwa. (Eks. 2:11, 12) Noma kunjalo, kwakungakabi isikhathi sikaJehova, ngakho uMose kwadingeka ukuba aphile njengombaleki ezweni elikude. Akungabazeki ukuthi kwakunzima kuye ukushiya ukuphila okunethezekile kwasebukhosini baseGibhithe ayohlala ehlane. Noma kunjalo, uMose wazibonakalisa ekulungele ngokuhlala ephaphamele noma isiphi isiqondiso uJehova ayemnika sona. Ngakho, ngemva kokuchitha iminyaka engu-40 kwaMidiyani, uNkulunkulu wakwazi ukumsebenzisa ukuze akhulule abafowabo. Lapho uNkulunkulu emyala, uMose walalela wabuyela eGibhithe. Sasesifikile isikhathi sokuba uMose afeze umsebenzi kaNkulunkulu futhi awenze ngendlela yaKhe. (Eks. 3:2, 7, 8, 10) Esebuyele eGibhithe, uMose, ‘umuntu omnene ukubadlula bonke abantu,’ wayedinga ukholo nesibindi ukuze avele phambi kukaFaro. (Num. 12:3) Akavelanga kanye nje kodwa ngokuphindaphindiwe njengoba izinhlupho ziqhubeka, engazi lapho kuphela inhlupho ngayinye ukuthi kwakusazodingeka avele kangaki.

15. Nakuba abhekana nezimo ezidumazayo, yini eyashukumisela uMose ukuba ahlale ephaphamele amathuba okukhazimulisa uYise osezulwini?

15 Eminyakeni engu-40 eyalandela, kusukela ngo-1513 B.C.E. kuya ku-1473 B.C.E., uMose wabhekana kaningi nokudumazeka. Noma kunjalo, wafuna amathuba okukhazimulisa uJehova futhi ngenhliziyo yakhe yonke wakhuthaza nama-Israyeli akubo ukuba enze kanjalo. (Dut. 31:1-8) Kungani? Ngenxa yokuthi wayethanda igama likaJehova nobukhosi bakhe ngaphezu kwegama lakhe. (Eks. 32:10-13; Num. 14:11-16) Naphezu kwezimo ezidumazayo esingase sibhekane nazo, nathi kumelwe siqhubeke sisekela ububusi bukaNkulunkulu, siqiniseka ngokuthi indlela yakhe yokwenza izinto ihlakaniphe, ilunge futhi ingcono kakhulu kunanoma iyiphi enye. (Isaya 55:8-11; Jer. 10:23) Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo?

Hlale Uphapheme!

16, 17. Kungani uMarku 13:35-37 enencazelo ejulile kuwe?

16 “Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe.” (Marku 13:33) UJesu wanikeza leso sixwayiso lapho ekhuluma ngesibonakaliso esasiyophawula ukuphela kwalesi simiso sezinto esibi. Cabanga ngamazwi okuphetha esiprofetho sikaJesu esikhulu njengoba abhalwa uMarku: “Hlalani nilindile, ngoba anazi ukuthi inkosi yendlu iyobuya nini, ilanga selishonile noma phakathi kwamabili noma ekukhaleni kwezinkukhu noma ekuseni kakhulu; ukuze kuthi lapho ifika kungazelelwe, inganitholi nilele. Kodwa lokho engikusho kini ngikusho kubo bonke, Hlalani nilindile.”—Marku 13:35-37.

17 Isixwayiso sikaJesu sishukumisa ingqondo. Wabhekisela emilindweni emine yasebusuku ehlukahlukene. Umlindo wokugcina kwakuyoba nzima ukuhlala uphapheme ngawo ngoba wawuqala entathakusa ngo-3 kuze kube sekuphumeni kwelanga. Osomaqhinga bezempi babheka leso sikhathi njengesikhathi esihle kakhulu sokuhlasela isitha, esikunikeza ithuba elihle kakhulu lokusifica ‘silele.’ Namanje, ngomqondo ongokomoya, izwe lilele ubuthongo obumnandi futhi lokhu kungenza kube umzukuzuku ngathi ukuhlale siphapheme. Ingabe siyakungabaza ukuthi kudingeka ‘sihlale siphapheme futhi sihlale sibheke’ ukuphela okwabikezelwa kanye nokukhululwa kwethu?

18. NjengoFakazi BakaJehova, iliphi ilungelo elingenakuqhathaniswa esinalo?

18 Umqeqeshi wezilwane okukhulunywe ngaye ekuqaleni wasinda ekuhlaselweni kwakhe yileya ngwe yaseBengal. Nokho, isiprofetho seBhayibheli sibonisa ngokucacile ukuthi inkolo yamanga naso sonke lesi simiso sezinto esibi ngeke kuphunyuke kulesi siphelo esisondelayo. (IsAm. 18:4-8) Sengathi zonke izinceku zikaNkulunkulu, ezisencane nesezikhulile zingakubona ukubaluleka kokwenza konke ezingakwenza ukuze zizibonakalise zilulungele usuku lukaJehova njengoba kwenza uNowa nomkhaya wakhe. Siphila ezweni elihlambalaza uNkulunkulu lapho abafundisi benkolo yamanga kuhlanganise nabantu abathi uNkulunkulu akaziwa nabathi akekho, behlekisa khona ngoMdali ngezinkulumo zabo. Kodwa thina asinakulokotha sizifake engozini yokuba sithonyeke. Asizithathe ngokungathi sina izibonelo esiye saxoxa ngazo futhi sihlale siphaphamele amathuba okuvikela nokukhazimulisa uJehova ‘njengoNkulunkulu wonkulunkulu’ yebo “uNkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo.”—Dut. 10:17.

[Umbhalo waphansi]

a Mayelana ‘neminyaka eyikhulu namashumi amabili’ okukhulunywa ngayo kuGenesise 6:3, bheka INqabayokulinda ka-December 15, 2010, ikhasi 30.

Uyakhumbula?

• Kungani kwadingeka ukuba uNowa abeke kuqala izidingo zomkhaya wakhe ezingokomoya?

• Izikhathi zethu zifana kanjani ngokuphawulekayo nezosuku lukaNowa?

• Naphezu kwezimo ezidumazayo abhekana nazo, kungani uMose agcina amehlo akhe egxile ezithembisweni zikaJehova?

• Iziphi iziprofetho zeBhayibheli ezikushukumisela ukuba uhlale uphapheme ngokomoya?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 25]

UNowa nomkhaya wakhe bahlala begxile emsebenzini kaJehova

[Isithombe ekhasini 26]

Izithembiso zikaNkulunkulu eziqinisekile zasiza uMose ukuba ahlale elindile