Ingabe Uyawuvumela Umoya KaNkulunkulu Ukuba Ukuhole?
Ingabe Uyawuvumela Umoya KaNkulunkulu Ukuba Ukuhole?
“Umoya wakho muhle; kwangathi ungangihola ezweni lobuqotho.”—IHU. 143:10.
1, 2. (a) Yisho ezinye zezikhathi uJehova asebenzisa ngazo umoya ongcwele ukuba usize izinceku zakhe. (b) Ingabe umoya ongcwele usebenza kuphela ngezikhathi ezikhethekile? Chaza.
YINI efika engqondweni yakho lapho ucabanga ngokusebenza komoya ongcwele? Ingabe ucabanga ngezenzo zamandla zikaGideyoni noSamsoni? (AbaHl. 6:33, 34; 15:14, 15) Mhlawumbe ucabanga ngesibindi samaKristu okuqala noma ngokuthula uStefanu ayenakho lapho emi phambi kweSanhedrini. (IzE. 4:31; 6:15) Uthini ngenjabulo echichima emihlanganweni yethu yezizwe ezikhathini zanamuhla, ubuqotho babafowethu ababoshelwe ukungathathi hlangothi nokwanda okumangalisayo komsebenzi wokushumayela? Zonke lezi zibonelo ziwubufakazi bokusebenza komoya ongcwele.
2 Ingabe umoya ongcwele usebenza ngezikhathi ezikhethekile kuphela noma ezimweni ezingavamile? Cha. Lapho likhuluma ngamaKristu, iZwi likaNkulunkulu lisebenzisa inkulumo ethi ‘ahamba ngomoya,’ ‘aholwa umoya’ nethi ‘aphila ngomoya.’ (Gal. 5:16, 18, 25) Lezi zinkulumo zibonisa ukuthi umoya ongcwele ungaqhubeka usebenza ekuphileni kwethu. Nsuku zonke, kufanele sicele uJehova ukuba aqondise ukucabanga, amazwi nezenzo zethu ngomoya wakhe. (Funda iHubo 143:10.) Njengoba sivumela umoya ukuba usebenze ngokukhululekile ekuphileni kwethu, uyoveza kithi izithelo eziqabulayo kwabanye nezidumisa uNkulunkulu.
3. (a) Kungani kudingeka siholwe umoya ongcwele? (b) Imiphi imibuzo esizoyicabangela?
3 Kungani kubalulekile ukuba siholwe umoya ongcwele? Kungenxa yokuthi kunamanye amandla afuna ukusibusa, amandla aphikisana nokusebenza komoya ongcwele. ImiBhalo ibiza lawo mandla ngokuthi “inyama,” okubhekisele ekuthambekeleni esonweni kwenyama yethu engaphelele, ifa lokungapheleli esalithola njengenzalo ka-Adamu. (Funda eyabaseGalathiya 5:17.) Yini-ke ehilelekile ekuvumeleni umoya kaNkulunkulu ukuba usihole? Zikhona yini izinyathelo ezingokoqobo esingazithatha ukuze simelane namandla enyama yethu enesono? Ake sicabangele le mibuzo njengoba sidingida izimfanelo eziyisithupha ezisele ‘eziyizithelo zomoya,’ okungukuthi, “ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.”—Gal. 5:22, 23.
Ubumnene Nokubekezela Kuthuthukisa Ukuthula Ebandleni
4. Ubumnene nokubekezela kunamuphi umthelela ekuthuleni kwebandla?
4 Funda eyabaseKolose 3:12, 13. Ubumnene nokubekezela kuyahambisana ekuthuthukiseni ukuthula ebandleni. Zombili lezi zimfanelo eziyizithelo zomoya zisisiza ukuba siphathe abanye ngomusa, sihlale sizolile lapho sicasulwa futhi sigweme ukuziphindiselela lapho abanye besho noma benza izinto ezingabonisi umusa. Uma sixabene nomunye umKristu, ukubekezela, noma isineke, kuyosisiza ukuba singamdikili umfowethu noma udadewethu kodwa senze konke okusemandleni ukulungisa lokho kungezwani. Buyadingeka yini ngempela ubumnene nokubekezela ebandleni? Yebo, ngoba sonke asiphelele.
5. Yini eyenzeka phakathi kukaPawulu noBarnaba, futhi lokhu kugcizelelani?
5 Cabanga ngalokho okwenzeka phakathi kukaPawulu noBarnaba. Babesebenze ndawonye iminyaka eminingi bethuthukisa izindaba IzE. 15:36-39) Lesi senzakalo sigcizelela ukuthi ngisho naphakathi kwezinceku zikaNkulunkulu ezizinikele, kuyoba khona ukungaboni ngaso linye. Uma umKristu eba nokungezwani nomunye, yini angayenza ukuze avimbele ukuba isimo singabhebhetheki sibe ingxabano enkulu kakhulu engasalungiseki?
ezinhle. Ngamunye wabo wayenezimfanelo ezinhle. Nokho, ngesinye isikhathi, “kwaqhuma intukuthelo enkulu” phakathi kwabo “baze bahlukana.” (6, 7. (a) Isiphi iseluleko esingokomBhalo esingasisebenzisa ngaphambi kokuba ingxoxo yethu nesikholwa naye ishube? (b) Iziphi izinzuzo zokuba umuntu “asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela”?
6 Njengoba kuboniswa inkulumo ethi “kwaqhuma intukuthelo enkulu,” ingxabano eyaba phakathi kukaPawulu noBarnaba yenzeka ngokushesha futhi yayishubile. Uma umKristu ezwa ukuthi useyathukuthela lapho exoxa nomunye umKristu ngodaba oluthile, kuyoba ukuhlakanipha ukuba alalele iseluleko esikuJakobe 1:19, 20: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela; ngoba intukuthelo yomuntu ayikufezi ukulunga kukaNkulunkulu.” Kuye ngezimo, angazama ukushintsha ingxoxo, angacela ukuba babuye baxoxe ngalolo daba ngesinye isikhathi noma acele ukuhamba ingxoxo ingakashubi.—IzAga 12:16; 17:14; 29:11.
7 Ziyini izinzuzo zokusebenzisa lesi seluleko? Ngokuzinika isikhathi sokwehlisa umoya, athandaze ngendaba futhi acabangele indlela engcono kakhulu yokuphendula, umKristu usuke evumela ukuba aholwe umoya kaNkulunkulu. (IzAga 15:1, 28) Angakwazi ukubonisa ubumnene nokubekezela uma eqondiswa umoya ongcwele. Ngaleyo ndlela, usuke ekuhlomele ukulalela iseluleko esikweyabase-Efesu 4:26, 29: “Thukuthelani, kodwa ningoni . . . Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.” Ngempela, lapho sigqoka ubumnene nokubekezela, siba nesandla ekuthuleni nasebunyeni bebandla.
Yenza Umkhaya Wakho Uqabuleke Ngokuba Nomusa Nobuhle
8, 9. Uyini umusa nobuhle, futhi lezi zimfanelo zinamuphi umphumela emoyeni wasekhaya?
8 Funda eyabase-Efesu 4:31, 32; 5:8, 9. Umusa nobuhle kuqabula njengomoya opholile nanjengesiphuzo esibandayo ngosuku olushisayo. Lezi zimfanelo zenza kube nomoya omnandi ekhaya. Umusa uyimfanelo esenza sithandeke, eshukunyiswa ukuba nesithakazelo esiqotho kwabanye, esibonakaliswa ngezenzo eziwusizo nangamazwi okucabangela. Ubuhle, njengomusa, buyimfanelo enhle ebonakaliswa ngezenzo ezizuzisa abanye. Buphawulwa umoya wokupha. (IzE. 9:36, 39; 16:14, 15) Kodwa buhilela nokunye.
9 Ubuhle bubhekisela ezingeni eliphakeme lokuziphatha. Abuhileli nje lokho esikwenzayo, kodwa okubaluleke nakakhulu, buhilela lokho esiyikho. Cabanga ngowesifazane olungiselela umkhaya wakhe izithelo. Uhlola ucezu ngalunye alusikayo ukuze aqiniseke ukuthi lumnandi, luvuthwe kahle futhi alubole ndawo. Ngokufanayo, ubuhle obuvezwa umoya ongcwele bubonakala kukho konke ukuphila komKristu.
10. Yini engenziwa ukuze kusizwe amalungu omkhaya ahlakulele izithelo zomoya?
10 Yini engasiza amalungu omkhaya wamaKristu ukuba abonisane umusa nobuhle? Ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu lunendima ebalulekile kulokhu. (Kol. 3:9, 10) Ezinye izinhloko zomkhaya zihlanganisa nokufunda ngezithelo zomoya ekuKhulekeleni Komkhaya kwamasonto onke. Akunzima ukuhlela ukufunda ngazo. Usebenzisa amathuluzi okucwaninga atholakalayo ngolimi lwakho, khetha isihloko esikhuluma ngemfanelo ngayinye eyisithelo somoya. Ningase nicabangele izigaba ezimbalwa ngesonto, nifunde ngemfanelo ngayinye amasonto amaningana. Njengoba nifunda leso sihloko, fundani futhi nixoxe ngemiBhalo ekhonjiwe. Bhekani izindlela eningakusebenzisa ngazo lokho enikufundayo futhi nithandazele ukuba uJehova abusise imizamo yenu. (1 Thim. 4:15; 1 Joh. 5:14, 15) Ingabe isifundo esinjalo singawenza ngempela umahluko endleleni amalungu omkhaya aphathana ngayo?
11, 12. Imibhangqwana emibili yamaKristu yazuza kanjani ngokufunda ngemfanelo yomusa?
11 Umbhangqwana othile osemusha, owawufisa ukwenza umshado wawo uphumelele, wanquma ukuba nesifundo esinzulu ngezithelo zomoya. Wazuza kanjani? Inkosikazi ithi: “Ukuthola ukuthi umusa uhlanganisa ukwethembeka nokuba qotho komunye nomunye kuye kwenza umahluko omkhulu endleleni esiphathana ngayo kuze kube namuhla. Kuye kwasifundisa ukuba sihoxe lapho kudingeka futhi sithethelele. Kuye kwasisiza nokuba sifunde ukuthi ‘ngiyabonga’ nokuthi ‘ngiyaxolisa’ lapho kufaneleka.”
12 Omunye umbhangqwana ongamaKristu, owawunezinkinga emshadweni, waqaphela ukuthi wawungawubonisi umusa ebuhlotsheni bawo. Wanquma ukuba ufunde ngemfanelo yomusa ndawonye. Waba yini umphumela? Indoda iyakhumbula: “Ukufunda ngemfanelo yomusa kwasisiza ukuba sibone ukuthi kwakudingeka sethembane kunokudlinzekelana, sibheke okuhle komunye nomunye. Saqala ukuba nesithakazelo ezidingweni zomunye nomunye. Ukuba nomusa kwakuhlanganisa
nokucela umkami ukuba aveze uvo lwakhe ngokukhululekile futhi ngingakucasukeli akushilo. Kwakudingeka ngiyeke ukuqhosha. Njengoba siqala ukubonisa umusa emshadweni wethu, kancane kancane sayeka ukuthambekela kokuba omunye nomunye avikele iso lakhe. Lokhu kwasenza sakhululeka ngempela.” Ingabe umkhaya wakho ungazuza ngokufunda ngezithelo zomoya?Bonisa Ukholo Lapho Uwedwa
13. Iyiphi ingozi okumelwe siyiqaphe engalimaza ingokomoya lethu?
13 AmaKristu kudingeka avumele umoya kaNkulunkulu ukuba uwahole lapho ephambi kwabantu noma ewodwa. Namuhla, izithombe ezingcolile nokuzijabulisa okonakele kwandile ezweni likaSathane. Lokhu kungalimaza ingokomoya lethu. Yini umKristu okufanele ayenze? IZwi likaNkulunkulu liyaseluleka: “Lahlani konke ukungcola naleyo nto engadingekile, ububi, namukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi elikwaziyo ukusindisa imiphefumulo yenu.” (Jak. 1:21) Ake sicabangele indlela ukholo, olungenye yezimfanelo eziyizithelo zomoya, olungasisiza ngayo ukuba sihlale sihlanzekile phambi kukaJehova.
14. Ukuntula ukholo kungaholela kanjani ekwenzeni okubi?
14 Ngokuyinhloko, ukholo lusho ukuthi uJehova uNkulunkulu ungokoqobo kithi. Uma singambheki uNkulunkulu njengomuntu ongokoqobo, kuyoba lula ukuba sihileleke ekwenzeni okubi. Cabanga ngalokho okwenzeka mandulo kubantu bakaNkulunkulu. UJehova wembulela umprofethi uHezekeli ukuthi babenza izinto ezinengekayo ngasese, wathi: “Ukubonile yini, ndodana yomuntu, lokho abakwenzayo abadala bendlu ka-Israyeli ebumnyameni, ngamunye emakamelweni akhe angaphakathi ombukiso? Ngoba bathi, ‘UJehova akasiboni. UJehova ulishiyile izwe.’” (Hez. 8:12) Ingabe uqaphelile ukuthi yini eyabangela le nkinga? Babengakholelwa ukuthi uJehova wayekubona lokho ababekwenza. Babengambheki uJehova njengomuntu ongokoqobo.
15. Ukuba nokholo oluqinile kuJehova kusivikela kanjani?
15 Ngokuphambene, cabanga ngesibonelo sikaJosefa. Nakuba ayekude nomkhaya wakubo nabantu bakubo, uJosefa wenqaba ukuphinga nomkaPotifari. Ngani? Wathi: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” (Gen. 39:7-9) Yebo, uJehova wayengokoqobo kuye. Uma uNkulunkulu engokoqobo kithi, ngeke sizijabulise ngokubuka izinto ezingcolile noma senze ngasese noma yini esaziyo ukuthi ayimjabulisi uNkulunkulu. Siyozimisela ukuba njengomhubi owahlabelela: “Ngizohambahamba ngobuqotho benhliziyo yami ngaphakathi endlini yami. Ngeke ngibeke phambi kwamehlo ami noma yini engelusizo lwalutho.”—IHu. 101:2, 3.
Qapha Inhliziyo Yakho Ngokubonisa Ukuzithiba
16, 17. (a) Njengoba kuchazwe encwadini yezAga, “insizwa eswele inhliziyo” inqotshwa kanjani isono? (b) Njengoba kuboniswe esithombeni esisekhasini 26, into ethi ayifane ingenzeka kanjani namuhla kumuntu kungakhathaliseki ukuthi mdala kangakanani?
16 Ukuzithiba, okuyimfanelo yokugcina ezithelweni zomoya, kusenza sikwazi ukwenqaba izinto uNkulunkulu azilahlayo. Kungasisiza siqaphe inhliziyo yethu. (IzAga 4:23) Cabanga ngendaba esencwadini yezAga 7:6-23, echaza indlela “insizwa eswele inhliziyo” enqotshwa ngayo ubuqili bowesifazane oyisifebe. Iyayengeka lapho “idlula ngesitaladi ngasekhoneni elingakwakhe.” Kungenzeka ukuthi yilukuluku lokwazi elayenza yaya lapho ehlala ngakhona. Isaphithene, ayiboni ukuthi iholelwa enkambweni ewubuwula ‘ethinta wona kanye umphefumulo wayo.’
17 Le nsizwa yayingaligwema kanjani leli phutha elayiholela enhlekeleleni? Ngokulalela lesi sixwayiso ngokuphathelene nowesifazane oyisifebe: “Ninganhlanhlatheli emendweni yakhe.” (IzAga 7:25) Singafunda okuthile kulokhu: Uma sifuna ukuba umoya kaNkulunkulu usihole, kudingeka sigweme ukuzibeka ezimweni ezilingayo. Umuntu anganhlanhlatha angene enkambweni yobuwula ‘yensizwa eswele inhliziyo’ ngokulokhu eshintshashintsha izinhlelo zethelevishini ngokungenanjongo noma ngokuphuma engena ezingosini ze-Internet. Kungakhathaliseki ukuthi kungenhloso noma cha, angase azithele ezithombeni ezivusa inkanuko. Kancane kancane angangenwa umkhuba ongcolile wokubuka izithombe zobulili ezingcolile, kube nemiphumela ebuhlungu kunembeza wakhe nasebuhlotsheni bakhe noNkulunkulu. Kungamlahlekisela ngisho nokuphila kwakhe.—Funda amaRoma 8:5-8.
18. Iziphi izinyathelo umKristu angase azithathe ukuze aqaphe inhliziyo yakhe, futhi zikuhilela kanjani ukuzithiba?
18 Yiqiniso, singakwazi futhi kufanele sizithibe ngokuthatha isinyathelo esisheshayo lapho sizithela ezithombeni ezivusa inkanuko. Kodwa yeka ukuthi bekuyoba ngcono kanjani ukusigwema kwasekuqaleni leso simo! (IzAga 22:3) Ukuzibekela izindlela zokuzivikela ezifanele bese unamathela kuzo kuhilela ukuzithiba. Ngokwesibonelo, ukubeka i-computer endaweni esobala kungaba isivikelo. Abanye bakuthola kungcono kakhulu ukusebenzisa i-computer noma ukubukela ithelevishini kuphela lapho kunabanye. Abanye baye banquma ukungayisebenzisi nhlobo i-Internet. (Funda uMathewu 5:27-30.) Kwangathi singathatha noma iziphi izinyathelo ezidingekayo zokusivikela thina nemikhaya yethu ukuze sikwazi ukukhulekela uJehova ‘ngenhliziyo ehlanzekile nangonembeza omuhle nokholo olungenabuzenzisi.’—1 Thim. 1:5.
19. Iziphi izinzuzo zokuvumela umoya ongcwele ukuba usihole?
19 Izithelo ezivezwa ukusebenza komoya ongcwele ziletha izinzuzo eziningi. Ubumnene nokubekezela kunomthelela ekuthuleni kwebandla. Umusa nobuhle kuthuthukisa injabulo ekhaya. Ukholo nokuzithiba kusisiza ukuba sihlale siseduze noJehova futhi sihlanzekile phambi kwakhe. Ngaphezu kwalokho, eyabaseGalathiya 6:8 iyasiqinisekisa: “Lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okuphakade okuvela emoyeni.” Yebo, ngesisekelo sesihlengo sikaKristu, uJehova uyosebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze adlulisele ukuphila okungenasiphelo kulabo abavuma ukuholwa yiwo.
Ungaphendula Kanjani?
• Ubumnene nokubekezela kukuthuthukisa kanjani ukuthula ebandleni?
• Yini engasiza amaKristu ukuba abonise umusa nobuhle ekhaya?
• Ukholo nokuzithiba kumsiza kanjani umKristu ukuba aqaphe inhliziyo yakhe?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 24]
Ungayivimbela kanjani ingxoxo ukuba ingashubi?
[Isithombe ekhasini 25]
Ukufunda ngezithelo zomoya kungawuzuzisa umkhaya wakho
[Isithombe ekhasini 26]
Iziphi izingozi esizigwemayo lapho sibonisa ukholo nokuzithiba?