‘Ngiyokwazi Kanjani Nje Ukushumayela?’
‘Ngiyokwazi Kanjani Nje Ukushumayela?’
Emhlabeni wonke, sinezibonelo eziphawulekayo zabafowethu nodadewethu abahlanganyela ngokwethembeka emsebenzini wokushumayela naphezu kwezinkinga zempilo ezingathi sína. Ngokwesibonelo, cabanga ngoDalia, ohlala eVilnius, inhloko-dolobha yaseLithuania.
UDalia ungudade owevile eminyakeni engu-30. Wazalwa enokukhubazeka okuthile ebuchosheni (cerebral apoplexy). Lesi sifo samshiya efe uhlangothi futhi engakwazi ukukhuluma kahle kangangokuthi abakubo kuphela abakwaziyo ukumuzwa kahle. UDalia uhlala nonina, uGalina, okunguye omnakekelayo. Nakuba ukuphila kukaDalia kugcwele ubunzima nokukhathazeka, uhlale enombono oqondile. Ukwazi kanjani?
UGalina uyachaza: “Ngo-1999, savakashelwa umzala wami u-Apolonija. Saphawula ukuthi u-Apolonija, ongomunye woFakazi BakaJehova, ulazi kahle iBhayibheli, futhi uDalia waqala ukumbuza imibuzo eminingi. Kungakabiphi, waqala isifundo seBhayibheli noDalia. Ngezikhathi ezithile, ngangihlanganyela esifundweni sabo ukuze ngichaze lokho okwakushiwo uDalia. Nokho, ngaqaphela ukuthi yonke into ayeyifunda yayimzuzisa ngempela. Ngokushesha nami ngacela isifundo seBhayibheli.”
Njengoba uDalia ayeseqala ukuqonda amaqiniso eBhayibheli, kunombuzo owawulokhu umhlupha. Ekugcineni, wabhoboka wabuza u-Apolonija: “Umuntu onjengami nje—okhubazekile—angakwazi kanjani ukushumayela?” (Math. 28:19, 20) Ngomoya ozolile u-Apolonija wamqinisekisa: “Ungesabi. UJehova uzokusiza.” Nembala uJehova uyamsiza.
Ushumayela kanjani-ke uDalia? Usebenzisa izindlela eziningana. Odade bayamsiza ukuba abhale izincwadi ezinesigijimi seBhayibheli. Okokuqala, uDalia utshela lab’ odade akucabangayo. Ngemva kwalokho, babhala incwadi enemiqondo yakhe. UDalia ubuye afakaze ngokuthumela imilayezo ngomakhalekhukhwini. Lapho isimo sezulu sisihle, amalungu ebandla ahamba naye bayoshumayela kubantu abahlangana nabo emapaki nasemgwaqweni.
UDalia nonina bayaqhubeka bethuthuka ngokomoya. Bobabili bazinikezela kuJehova futhi babhapathizwa ngo-November 2004. Ngo-September 2008, kwamiswa iqembu elikhuluma isiPolish eVilnius. Ngenxa yokuthi lalinesidingo sabamemezeli boMbuso abengeziwe, uDalia nonina bahlanganyela nalo. UDalia uthi: “Ngezinye izinyanga ngiye ngikhathazeke uma ngingakayiphumi insimu. Kodwa ngemva kokuthandaza kuJehova ngakho, kube sekufika othile ahlele ukuhamba nami enkonzweni.” Udadewethu othandekayo uDalia uzizwa kanjani ngesimo sakhe? Uthi: “Lesi sifo singikhubaze umzimba, hhayi umqondo. Ngiyajabula kakhulu ngokuthi ngiyakwazi ukutshela abanye ngoJehova.”