Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ungawethemba Unembeza Wakho Ukuba Ukuqondise?

Ingabe Ungawethemba Unembeza Wakho Ukuba Ukuqondise?

“Injongo yalo myalo luthando oluvela enhliziyweni ehlanzekile nakunembeza omuhle.”—1 THIMOTHEWU 1:5.

IZINGOMA: 57, 48

1, 2. Ubani owasinikeza unembeza, futhi kungani singabonga ngokuba nawo?

UJEHOVA UNKULUNKULU wadala abantu benenkululeko yokuzikhethela, okungukuthi inkululeko yokuzenzela izinqumo. Ukuze asisize sikhethe okulungile, uJehova usinike umqondisi. Lo mqondisi ubizwa ngokuthi unembeza, futhi ungumuzwa wokulungile nokungalungile ongaphakathi kithi. Lapho sisebenzisa unembeza wethu ngendlela efanele, ungasisiza senze okuhle futhi sigweme okubi. Unembeza wethu uwubufakazi bokuthi uJehova uyasithanda futhi ufuna siphumelele.

2 Abanye abantu namuhla benza okuhle futhi bazonda okubi nakuba bengazazi izindinganiso zeBhayibheli. (Funda eyabaseRoma 2:14, 15.) Kungani kunjalo? Kungenxa kanembeza wabo. Uvikela abantu abaningi ekwenzeni izinto ezimbi. Cabanga nje ukuthi izwe beliyoba libi kangakanani ukube bekungekho muntu ononembeza! Cishe besiyozwa ngezinto ezimbi kakhulu kunalezi esizizwayo kakade. Kufanele simbonge uJehova ngokuthi wanikeza abantu unembeza!

Unembeza oqeqeshwe kahle ungasisiza kanjani lapho kudingeka senze izinqumo?

3. Unembeza wethu ungasisiza kanjani ebandleni?

3 Abantu abaningi abacabangi ngokuqeqesha unembeza wabo. Nokho, abantu bakaJehova bafuna unembeza wabo usebenze kahle ngoba ungaba usizo olukhulu ekuthuthukiseni ubunye ebandleni. Sifuna ukuba unembeza wethu usikhumbuze izindinganiso zeBhayibheli zokulungile nokungalungile, zokuhle nokubi. Nokho, ukuze siqeqeshe futhi sisebenzise unembeza wethu, kumelwe singagcini nje ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo. Kumelwe sithande izindinganiso zikaNkulunkulu futhi sibe nokholo lokuthi zizosisiza. UPawulu wabhala: “Injongo yalo myalo luthando oluvela enhliziyweni ehlanzekile nakunembeza omuhle nasokholweni olungenabuzenzisi.” (1 Thimothewu 1:5) Lapho siqeqesha unembeza wethu futhi siwulalela, uthando lwethu ngoJehova nokholo lwethu kuye kuyokhula. Indlela esisebenzisa ngayo unembeza wethu iwubufakazi bokuthi sisondelene kangakanani noJehova futhi ibonisa ukuthi sifuna kangakanani ukumjabulisa. Unembeza wethu uphinde wembule uhlobo lomuntu esiyilo ngempela.

4. Singawuqeqesha kanjani unembeza wethu?

4 Kodwa singawuqeqesha kanjani unembeza wethu? Kudingeka sitadishe iBhayibheli nsuku zonke, sizindle ngalokho esikufundayo, bese sicela uJehova ukuba asisize sisebenzise lokho esikufundile. Lokhu kusho ukuthi kumelwe singagcini nje ngokufunda amaqiniso nemithetho. Lapho sitadisha iBhayibheli, umgomo wethu uwukuba simazi kangcono uJehova. Lokhu kusenza sazi uhlobo loMuntu ayilo futhi sazi akuthandayo nangakuthandi. Njengoba sifunda okwengeziwe ngoJehova, unembeza wethu uyogcina usukwazi ukuziqaphela ngokushesha izinto azibheka njengezilungile nazibheka njengezingalungile. Lapho siqeqesha unembeza wethu ngokwengeziwe, siyoya ngokuya sicabanga ngendlela uJehova acabanga ngayo.

5. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

5 Nokho, singase sizibuze: Unembeza oqeqeshwe kahle ungasisiza kanjani lapho kudingeka senze izinqumo? Singawuhlonipha kanjani unembeza womunye umKristu? Futhi unembeza wethu ungasishukumisela kanjani ekwenzeni okuhle? Ake sixoxe ngezinto ezintathu lapho kudingeka khona unembeza oqeqeshwe kahle: (1) ekunakekeleni impilo, (2) ekuzilibaziseni, kanye (3) nasemsebenzini wethu wokushumayela.

LINGANISELA

6. Yiziphi izinqumo esizenzayo ngokuphathelene nokunakekela impilo?

6 IBhayibheli lisitshela ukuba sigweme izinto ezizosilimaza futhi silinganisele ezintweni ezinjengokudla nokuphuza. (IzAga 23:20; 2 Korinte 7:1) Lapho silalela iseluleko seBhayibheli, singasisiza ukuze sivikele impilo yethu. Kodwa siyaqhubeka sigula futhi siguga. Yiziphi izinqumo okungase kudingeke sizenze? Kwamanye amazwe, kunezindlela ezivamile zokwelapha kanye nezinye izindlela ezihlukahlukene ongakhetha kuzo. Amahhovisi egatsha avame ukuthola izincwadi ezivela kubazalwane nodade bebuza ngezindlela ezihlukahlukene zokwelapha. Abaningi babo bayabuza, “Umkhulekeli kaJehova angalwamukela yini lolu noma loluya hlobo lokwelapha?”

7. Singazenza kanjani izinqumo eziphathelene nokusetshenziswa kwegazi?

7 Ihhovisi legatsha noma abadala bebandla abanalo igunya lokwenzela umKristu izinqumo zezokwelapha, ngisho noma ebacela ukuba bamnqumele. (Galathiya 6:5) Nokho, abadala bangabonisa umKristu lokho uJehova akushoyo ukuze bamsize enze isinqumo esihlakaniphile. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu usiyala ukuba sidede egazini. (IzEnzo 15:29) Ngokucacile, lo myalo usiza umKristu aqonde ukuthi akanakukwazi ukwamukela izindlela zokwelapha ezihilela ukumpontshelwa igazi noma enye yezingxenye zalo ezine eziyinhloko. Lolu lwazi lungathinta unembeza womKristu ngisho nalapho esenquma ukuthi uzozamukela yini izingxenyana zegazi, okuyizingxenyana ezincane eziphuma kulezi zingxenye ezine eziyinhloko. * Yisiphi esinye iseluleko seBhayibheli esingasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile mayelana nezokwelapha?

8. EyabaseFilipi 4:5 ingasisiza kanjani siyikhethe ngokuhlakanipha indlela yokunakekela impilo?

8 IzAga 14:15 zithi: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Namuhla, kungenzeka lingabi bikho ikhambi elaziwayo lezinye izifo. Ngakho kudingeka siziqaphele ezokwelapha ezithi ziyakwazi ukwelapha isifo esithile kodwa kube kungekho bufakazi bokuthi ziye zaphumelela. UPawulu wabhala: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Ukulinganisela kuyosisiza sihlale sigxile ekukhulekeleni uJehova kunokugxilisa ukuphila kwethu ezinkingeni zempilo. Uma ukunakekela impilo kungaba yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu, singagcina sesizicabangela thina kuphela. (Filipi 2:4) Siyazi ukuthi akunakwenzeka ukuba singaguli kulesi simiso sezinto. Ngakho-ke, qiniseka ukuthi wenza ukukhonza uJehova kube yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho.—Funda eyabaseFilipi 1:10.

Ingabe uzama ukuphoqelela imibono yakho kwabanye abantu? (Bheka isigaba 9)

9. EyabaseRoma 14:13, 19 izithinta kanjani izinqumo zethu mayelana nezempilo, futhi ubunye bethu bungaba kanjani sengcupheni?

9 UmKristu olinganiselayo ngeke azame ukucindezela abanye ukuba benze lokho acabanga ukuthi kungcono. Kwelinye izwe, abanye abashadikazi babekhuthaza abanye ukuba basebenzise amaphilisi amavithamini futhi badle izinhlobo ezithile zokudla. Abanye abazalwane basilalela iseluleko sabo kodwa abanye bakhetha ukungasilaleli. Lapho la maphilisi nalezi zinhlobo zokudla zingasizi, abazalwane nodade abaningi bacasuka. Laba bashadikazi babenalo ilungelo lokuzenzela esabo isinqumo sokuthi bawasebenzise yini amaphilisi amavithamini nezinhlobo ezithile zokudla noma cha. Nokho, kwakunengqondo yini ukubeka ubunye bebandla engcupheni ngenxa nje yokunakekelwa kwempilo? ERoma lasendulo, amanye amaKristu ayenemibono ehlukahlukene mayelana nokudla nemikhosi ethile. Isiphi iseluleko uPawulu abanikeza sona? Wathi: “Omunye umuntu wahlulela olunye usuku njengolungaphezu kolunye; omunye umuntu wahlulela olunye usuku njengazo zonke ezinye; yilowo nalowo muntu makaqiniseke ngokugcwele engqondweni yakhe.” Asiqaphele singabakhubi abanye.—Funda eyabaseRoma 14:5, 13, 15, 19, 20.

Qiniseka ukuthi wenza ukukhonza uJehova kube yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho

10. Kungani kufanele sihloniphe izinqumo zabanye? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

10 Ngezinye izikhathi, singase singaqondi ukuthi kungani omunye ebandleni enza isinqumo esithile endabeni yomuntu siqu. Yini okufanele siyenze? Akufanele sisheshe simahlulele noma simcindezele ukuba ashintshe umqondo. Mhlawumbe kudingeka aqeqeshe unembeza wakhe ngokwengeziwe noma kungenzeka ukuthi unembeza wakhe uzwela ngokweqile. (1 Korinte 8:11, 12) Noma mhlawumbe unembeza wethu awuqeqeshekile kahle. Ngamunye wethu kudingeka azenzele ezakhe izinqumo mayelana nokunakekela impilo nakwezinye izinto futhi akulungele ukubhekana nemiphumela yazo.

KUJABULELE UKUZILIBAZISA

11, 12. IBhayibheli lisisiza kanjani ukuba sikhethe ezokuzilibazisa?

11 UJehova wasidala ngendlela yokuba sikujabulele ukuzilibazisa futhi sizuze kukho. USolomoni wabhala ukuthi ‘kunesikhathi sokuhleka’ kanye ‘nesikhathi sokutshakadula.’ (UmShumayeli 3:4) Nokho, akukona konke ukuzilibazisa okuzuzisayo, okuphumuzayo nokuqabulayo. Kudingeka sigweme nokuchitha isikhathi esiningi kakhulu ekuzilibaziseni. Unembeza wethu ungasisiza kanjani ukuba sijabulele ukuzilibazisa okwamukelwa uJehova futhi sizuze kukho?

‘Ingabe unembeza wami uyangikhuza lapho ngilingeka?’

12 IBhayibheli lisixwayisa ‘ngemisebenzi yenyama.’ Le misebenzi ihlanganisa “ubufebe, ukungcola, ukuziphatha okubi, ukukhonza izithombe, umkhuba wokusebenzisa imimoya, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, amahlelo, umona, izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo, nezinto ezifana nalezi.” UPawulu wabhala ukuthi “labo abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” (Galathiya 5:19-21) Ngakho singazibuza: ‘Ingabe unembeza wami uyangisiza ngigweme ezemidlalo ezinodlame, ezinokuncintisana, ezikhuthaza ukushisekela ubuzwe noma ezinobudlova? Ingabe unembeza wami uyangikhuza lapho ngilingeka ukubuka ibhayisikobho eveza ukuziphatha okungcolile noma ekhuthaza ukuziphatha okubi, ukudakwa noma ukusebenzelana nemimoya?’

13. Iseluleko esikweyoku-1 Thimothewu 4:8 nasencwadini yezAga 13:20 singasisiza kanjani ngokuphathelene nokuzilibazisa?

13 Izimiso zeBhayibheli zingasisiza siqeqeshe unembeza wethu ngokuphathelene nokuzilibazisa. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi “ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane.” (1 Thimothewu 4:8) Abantu abaningi banomuzwa wokuthi ukuzivocavoca njalo kuyaqabula futhi kubenza babe nempilo. Nokho, kuthiwani uma sifuna ukuzivocavoca neqembu? Ingabe kubalulekile ukuthi sizivocavoca nobani? IzAga 13:20 zithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” Ngokusobala, kubalulekile ukuba sisebenzise unembeza wethu oqeqeshwe yiBhayibheli lapho sikhetha ezokuzilibazisa.

14. Omunye udade osemusha wayisebenzisa kanjani eyabaseRoma 14:2-4?

14 UChristian noDaniela banamadodakazi amabili asevile eminyakeni eyishumi nambili. UChristian uthi: “Phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya, saxoxa ngokuzilibazisa. Savumelana ngokuthi ezinye izindlela zokuzijabulisa ziyamukeleka kanti ezinye azamukeleki. Ubani esingambheka njengomngane omuhle? Indodakazi yethu yakhala ngokuthi ngesikhathi sekhefu lesikole, enye intsha engoFakazi iziphatha ngendlela indodakazi yethu eyayicabanga ukuthi ayifaneleki. Futhi yayizizwa icindezelekile ukuba nayo iziphathe ngendlela efanayo. Sabonisana nayo ngokuthi ngamunye wethu unonembeza, futhi kumelwe siqondiswe yiwo ekukhetheni esikwenzayo nokuthi sikwenza nobani.”—Funda eyabaseRoma 14:2-4.

Unembeza wakho oqeqeshwe yiBhayibheli ungakusiza ugweme izingozi (Bheka isigaba 14)

15. UMathewu 6:33 ungasisiza kanjani lapho sihlela ezokuzilibazisa?

15 Singakanani isikhathi osichitha uzilibazisa? Ingabe ubeka izinto ezinjengemihlangano, inkonzo nokutadisha iBhayibheli kuqala ekuphileni kwakho, noma ingabe ngukuzilibazisa okuza kuqala? Yini ebaluleke kakhulu kuwe? UJesu wathi: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Mathewu 6:33) Lapho unquma indlela ozosisebenzisa ngayo isikhathi sakho, ingabe unembeza wakho uyakukhumbuza ngeseluleko sikaJesu?

SISHUKUNYISELWA UKUBA SISHUMAYELE

16. Unembeza wethu usikhuthaza kanjani ukuba sishumayele?

16 Unembeza oqeqeshiwe awugcini nje ngokusixwayisa ngokwenza okubi, kodwa futhi usishukumisela ukuba senze okuhle. Okunye kwakho ukushumayela endlini ngendlu nakulabo esithuka sihlangana nabo. Yilokho uPawulu akwenza. Wabhala: “Kubekwé isidingo phezu kwami. Empeleni, maye kimi uma ngingazimemezelanga izindaba ezinhle!” (1 Korinte 9:16) Njengoba silingisa uPawulu, siyoba nonembeza omuhle, sazi ukuthi senza okulungile. Futhi lapho sishumayela izindaba ezinhle kwabanye, sizama ukuthinta onembeza babo. UPawulu wathi: “Ngokulenza libe sobala iqiniso sizitusa kubo bonke onembeza babantu emehlweni kaNkulunkulu.”—2 Korinte 4:2.

17. Omunye udade osemusha wawulalela kanjani unembeza wakhe oqeqeshwe yiBhayibheli?

17 Lapho uJacqueline eneminyaka engu-16, wayenza izifundo ze-biology esikoleni. Kwabe sekuxoxwa kabanzi ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Uthi: “Unembeza wami awuzange ungivumele ukuba ngihlanganyele ngokugcwele ezingxoxweni zekilasi njengoba ngihlale ngenza. Ngangingenakukwazi ukusekela imfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Ngaya kuthisha futhi ngamchazela ngalokhu. Ngamangala lapho evele eba nobungane futhi enginikeza ithuba lokuba ngikhulume phambi kwekilasi ngendalo.” UJacqueline wazizwa anelisekile ngokwazi ukuthi wayelalele unembeza wakhe oqeqeshwe yiBhayibheli. Ingabe unembeza wakho uyakushukumisa yini ukuba wenze okulungile?

18. Kungani kufanele sifune ukuba nonembeza omuhle nesingawethemba?

18 Umgomo wethu uwukuphila ngezimiso nangezindinganiso zikaJehova. Futhi unembeza wethu ungasisiza sifinyelele lowo mgomo. Lapho sitadisha iZwi likaNkulunkulu njalo futhi sizindla ngalo bese sikusebenzisa lokho esikufundayo, onembeza bethu bayoqeqesheka. Khona-ke, lesi sipho esimangalisayo siyoba isiqondiso esingasethemba ekuphileni kwethu kobuKristu!