Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuthandaza Kungasisiza?

Ingabe Ukuthandaza Kungasisiza?

INGABE ukuthandaza kuyazuzisa? IBhayibheli libonisa ukuthi imithandazo yezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile iyazizuzisa ngempela. (Luka 22:40; Jakobe 5:13) Empeleni, ukuthandaza kungasisiza kakhulu ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu, ngokomzwelo, ngisho nasempilweni. Kanjani?

Ake sithi unengane futhi le ngane iphiwa isipho. Ubungayifundisa yini ukuthi kwanele ukujatshuliswa yileso sipho? Noma ingabe ubungayifundisa ukuthi kuhle ukubonga? Lapho sibonisa ngezenzo indlela esizizwa ngayo, lokho kwenza kubonakale ukuthi ngempela sinokwazisa. Ingabe lesi simiso singasebenza nasekukhulumeni noNkulunkulu? Impela! Cabangela ezinye zezibonelo zalokhu.

Imithandazo yokubonga. Lapho sibonga uBaba wethu ngezinto ezinhle esizitholayo, izingqondo zethu zigxila kulezo zibusiso. Lokho kungasenza sibe abantu ababongayo, sijabule kakhudlwana futhi sibe nesimo sengqondo esihle.—Filipi 4:6.

Isibonelo: UJesu wambonga uYise ngokuzwa umthandazo wakhe nangokuwuphendula.—Johane 11:41.

Imithandazo yokucela intethelelo. Lapho sicela intethelelo kuNkulunkulu, siqinisa onembeza bethu, sijulise indlela esiphenduka ngayo futhi siqaphele nangokwengeziwe ukuthi isono esisenzile sibi kangakanani. Sithola nempumuzo kunembeza onecala.

Isibonelo: UDavide wathandaza ukuze azwakalise ukuphenduka nokudabuka.—IHubo 51.

Imithandazo yokucela isiqondiso nokuhlakanipha. Ukucela uJehova ukuba asiqondise noma asinike ukuhlakanipha esikudingayo ukuze senze izinqumo ezinhle kungasisiza ukuba sibe abathobeke ngempela. Kungasikhumbuza ukuthi sinokulinganiselwa futhi kusisize ukuba sithembele kuBaba wethu osezulwini.—IzAga 3:5, 6.

Isibonelo: Ngokuthobeka, uSolomoni wacela isiqondiso nokuhlakanipha ukuze akwazi ukubusa u-Israyeli.—1 AmaKhosi 3:5-12.

Imithandazo ngezikhathi zokucindezeleka. Uma sithulula isifuba sethu kuNkulunkulu lapho sicindezelekile ngokomzwelo, siyothola induduzo futhi siyoncika kuye kunokuba sizethembe thina.—IHubo 62:8.

Isibonelo: INkosi u-Asa yathandaza lapho ibhekene nesitha esinamandla kakhulu.—2 IziKronike 14:11.

Imithandazo yokucelela abathile abadinga usizo. Le mithandazo isisiza ukuba sigweme ubugovu futhi sibe nozwela nobubele.

Isibonelo: UJesu wathandazela abalandeli bakhe.—Johane 17:9-17.

Imithandazo yokudumisa. Lapho sidumisa uJehova ngemisebenzi nangezimfanelo zakhe ezimangalisayo, simhlonipha futhi simazise ngokwengeziwe. Le mithandazo ingase isisize ukuba sisondele kuNkulunkulu uBaba wethu.

Isibonelo: UDavide wadumisa uNkulunkulu ngendalo yakhe.—IHubo 8.

Esinye isibusiso sokuthandaza ukuthi sithola “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.” (Filipi 4:7) Kuyisibusiso esingavamile ngempela kuleli zwe eligcwele izinkathazo ukuba nenhliziyo ezolile nenokuthula. Lokhu kuzuzisa ngisho nemizimba yethu. (IzAga 14:30) Kodwa ingabe lokhu sikuthola ngemizamo yethu? Noma ingabe kukhona okuthile okuhilelekile okubaluleke kakhudlwana?

Ukuthandaza kunezinzuzo eziningi—empilweni nangokomzwelo, futhi ngaphezu kwakho konke, ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu