Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kufanele Sithandaze Ngani?

Kufanele Sithandaze Ngani?

KUTHIWA umthandazo obizwa ngokuthi uBaba Wethu Osezulwini uthandazwa yiwo wonke amaKristu emazweni amaningi. Kungakhathaliseki ukuthi lokho kuyiqiniso noma cha, uwumthandazo ongaqondwa kunayo yonke. Izigidi zabantu ziwazi ngekhanda futhi ziwusho nsuku zonke, mhlawumbe kaningana ngosuku. Kodwa kwakungeyona inhloso kaJesu ukuba lo mthandazo uthandazwe ngale ndlela. Sikwazi kanjani lokhu?

Ngaphambi nje kokufundisa lo mthandazo, uJesu wathi: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo.” (Mathewu 6:7) Ingabe uJesu wabe esefundisa amazwi okwakufanele abanjwe ngekhanda futhi aphindaphindwe, kanjalo eziphikisa? Lutho neze! Kunalokho, wayesifundisa lokho okufanele sikuthandazele futhi wayesitshela izinto ezibalulekile okufanele sihlale sizikhumbula lapho sithandaza. Ake sihlolisise akusho. Umthandazo wakhe ukuMathewu 6:9-13.

“Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.”

Ngalo mthandazo, uJesu wayekhumbuza abalandeli bakhe ukuthi yonke imithandazo kufanele iyiswe kuYise, uJehova. Kodwa ingabe uyazi ukuthi kungani igama likaNkulunkulu libaluleke kangaka nokuthi kungani kudingeka lingcweliswe?

Kusukela ekuqaleni komlando wabantu, igama likaNkulunkulu elingcwele liye lahlanjalazwa. Isitha sikaNkulunkulu, uSathane, siye sabiza uJehova ngoMbusi ongumqambimanga nonobugovu, ongenalo ngempela ilungelo lokubusa indalo yaKhe. (Genesise 3:1-6) Abaningi baye bachema noSathane, bafundisa ukuthi uNkulunkulu akanamusa, unonya futhi uyaphindisela noma baphika kwakona ukuthi unguMdali. Abanye baye bahlasela ngisho igama lakhe elithi Jehova, balisusa ezinguqulweni zamaBhayibheli futhi benqabela ukusetshenziswa kwalo.

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uzokuqeda konke lokhu. (Hezekeli 39:7) Ngokwenza kanjalo, uzokwanelisa zonke izidingo zakho, axazulule nezinkinga zakho. Kanjani? Amazwi alandelayo asemthandazweni kaJesu ayasiphendula.

“Umbuso wakho mawuze.”

Namuhla kuningi ukudideka phakathi kwabefundisi benkolo ngoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa izilaleli zikaJesu zazazi ukuthi abaprofethi bakaNkulunkulu babebikezele kudala ukuthi uMesiya, uMsindisi okhethwe uNkulunkulu, wayeyoba inkosi yoMbuso eyayiyoshintsha  umhlaba. (Isaya 9:6, 7; Daniyeli 2:44) Lowo Mbuso uyongcwelisa igama likaNkulunkulu ngokudalula amanga kaSathane nangokumbhubhisa, kuhlanganise nayo yonke imisebenzi yakhe. UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda izimpi, ukugula, indlala—ngisho nokufa imbala. (IHubo 46:9; 72:12-16; Isaya 25:8; 33:24) Lapho uthandazela uMbuso kaNkulunkulu ukuba uze, uthandazela ukuba zonke lezi zithembiso zifezeke.

“Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”

Amazwi kaJesu asikisela ukuthi intando kaNkulunkulu iyokwenzeka nakanjani emhlabeni njengasezulwini, lapho kuhlala khona uNkulunkulu. Intando kaNkulunkulu iye yenzeka naphezu kwezithiyo ezulwini; iNdodana kaNkulunkulu yalwa noSathane nezingelosi zakhe, yabaphonsela phansi emhlabeni. (IsAmbulo 12:9-12) Lesi sicelo sesithathu somthandazo oyisibonelo sifana nezicelo ezimbili zokuqala ngoba sisisiza ukuba sihlale sigxile esicini esibaluleke kakhulu—intando kaNkulunkulu, hhayi eyethu. Yintando yakhe eyenza yonke indalo yakhe izuze. Yingakho ngisho nomuntu ophelele, uJesu, athi kuYise: “Makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.”—Luka 22:42.

“Siphe namuhla isinkwa sethu.”

Iphuzu likaJesu elilandelayo lithi singathandazela nezidingo zethu. Akulona icala ukuthandaza kuNkulunkulu simcele ukuba anakekele izidingo zethu zansuku zonke. Empeleni, ukwenza kanjalo kusikhumbuza ukuthi nguJehova ‘onika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.’ (IzEnzo 17:25) IBhayibheli lembula ukuthi ungumzali onothando okujabulelayo ukunika izingane zakhe izinto ezizidingayo. Nokho, wenza njenganoma imuphi umzali omuhle; akasiniki izinto ezingeke zisizuzise.

“Usithethelele amacala ethu.”

Ingabe ngempela unecala kuNkulunkulu? Ingabe udinga intethelelo yakhe? Abaningi namuhla abasakwazi okuyikonakona futhi abasabheki isono njengendaba ebalulekile. Kodwa iBhayibheli lifundisa ukuthi yisono esibangela izinkinga zethu ezinkulu ngoba siyimbangela eyisisekelo yokufa kwabantu. Njengoba sonke sizalelwe esonweni, siyona njalo futhi ithemba lokuphila phakade lixhomeke ekutholeni intethelelo kaNkulunkulu. (Roma 3:23; 5:12; 6:23) Kuyajabulisa ukwazi ukuthi iBhayibheli lithi: “Wena Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela.”—IHubo 86:5.

“Usikhulule komubi.”

Uyabona yini ukuthi usidinga kakhulu kangakanani isivikelo sikaNkulunkulu nokuthi le ndaba ibucayi kanjani? Abaningi abafuni ukukholelwa ukuthi “omubi,” uSathane, ungokoqobo. Nokho, uJesu wafundisa ukuthi uSathane ukhona ngempela, waze wambiza ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 12:31; 16:11) USathane uye wonakalisa leli zwe alilawulayo futhi nawe ufuna ukukonakalisa nokukuvimba ukuba ungabi nobuhlobo obufudumele noYihlo, uJehova. (1 Petru 5:8) Kodwa uJehova unamandla kakhulu kunoSathane futhi ufuna ukubavikela labo abamthandayo.

Lokhu kubukezwa kwamaphuzu ayinhloko asemthandazweni kaJesu oyisibonelo akuzichazanga zonke izinto okufanelekayo ukuzithandazela. Khumbula, eyoku-1 Johane 5:14 isitshela lokhu ngoNkulunkulu: “Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” Ngakho, ungacabangi ukuthi izinkinga zakho ziwubala ukuthi ungaze uzitshele uNkulunkulu.—1 Petru 5:7.

Nokho, kuthiwani ngesikhathi nendawo? Kunendaba yini ukuthi sithandaza nini futhi kuphi?