Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indoda YaseMpumalanga Asia E-Italy Yasendulo

Indoda YaseMpumalanga Asia E-Italy Yasendulo

Indoda YaseMpumalanga Asia E-Italy Yasendulo

ABAVUBUKULI bathola isimanga eningizimu ye-Italy ngo-2009. Bathola indoda edabuka eMpumalanga Asia eyayifike eMbusweni WaseRoma wasendulo eminyakeni engu-2 000 edlule. Bazibuza ukuthi kwenzeka kanjani lokho.

Le ndoda yatholakala ethuneni elidala kakhulu laseVagnari, eRoma, eqhele ngamakhilomitha angu-60 entshonalanga yeBari. Kwatholakala amathambo abantu abangu-75. Lapho kuhlolwa lawo mathambo, kwavela ukuthi iningi lalabo bantu lalizalelwe kuyo le ndawo. Kodwa abacwaningi bamangazwa amathambo endoda ethile. Lapho kuhlolwa i-DNA yayo, kwatholakala ukuthi yayidabuka eMpumalanga Asia. Kwatholakala ukuthi yazalwa cishe ngekhulu lokuqala noma lesibili C.E. Umbiko walolo cwaningo wathi, “cishe kuyaqala ngqa eMbusweni WaseRoma ukuba kutholakale amathambo omuntu odabuka eMpumalanga Asia.” Yayingubani le ndoda?

Umbiko wathi: “Into efika kuqala engqondweni ukuthi le ndoda yayihilelekile ekuhwebeni ngosilika phakathi kweChina neRoma, umsebenzi owawudlondlobele ngaleso sikhathi.” Kodwa kuthiwa babebaningi abantu ababesizana kulo msebenzi; kwakungenzeki ukuba umuntu oyedwa ahambe amakhilomitha angu-8 000 asuke eChina aye e-Italy.

Indawo okwatholakala kuyo la mathambo isitshelani? Endulo, iVagnari yayiyindawo yasebukhosini esemaphandleni futhi yayibuswa yinkosi. Yayinezisebenzi ezincibilikisa insimbi nezakha ama-tile obumba. Eziningi zalezo zisebenzi zaziyizigqila, futhi kungenzeka ukuthi nayo le ndoda yaseMpumalanga yayiyisigqila. Empeleni, lapho ifa yangcwatshwa njengomuntukazana nje. Ukuphela kwento eyayinayo, eyafakwa nayo ethuneni, kwakuyibhodwe elilodwa, futhi kunesinye isidumbu esasingcwatshwe phezu kwayo.

Kungani kuthakazelisa ukutholakala kwamathambo ale ndoda? Ukusabalala kwesigijimi sobuKristu ekhulwini lokuqala C.E. kwakuxhomeke ekutheni abantu bahamba baze bafike kude kangakanani. IBhayibheli lithi ngemva kwePhentekose lika-33 C.E., izihambi ezazivakasha eJerusalema zazisakaza izindaba ezinhle ezindaweni ezikude. (IzEnzo 2:1-12, 37-41) Amathambo ale ndoda asikisela ukuthi cishe ngaleso sikhathi kunabantu abathile ababesuka eMpumalanga Asia baye esifundeni saseMedithera. *

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Kukhona nobufakazi bokuthi abantu baseNtshonalanga babeya eMpumalanga Asia. Bheka isihloko esithi, “Izithunywa Zevangeli Zafinyelela Kude Kangakanani EMpumalanga?” kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 2009.

[Ibalazwe ekhasini 29]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IROMA

IVagnari

ULwandle IMedithera

IMPUMALANGA ASIA

ULWANDLE IPACIFIC

[Isithombe ekhasini 29]

Amathambo endoda yasempumalanga Asia atholakala emathuneni aseRoma yasendulo

[Umthombo]

© Su concessione del Ministero per i Beni e le Attività Culturali - Direzione Regionale per i Beni Culturali e Paesaggistici della Puglia - Soprintendenza per i Beni Archeologici della Puglia