IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
Yini indoda yaseScotland eyayithola ingcono ukwedlula ibhizinisi layo eliphumelelayo? Yini eyasiza indoda yaseBrazil ukuba iyeke ukuziphatha okubi nokubhema i-crack cocaine? Indoda yaseSlovenia yona yakwazi kanjani ukuyeka umkhuba wayo wokuzitika ngotshwala? Zizwele njengoba belandisa.
“Ukuphila Kwami Kwakubonakala Kujabulisa.”—UJOHN RICKETTS
UNYAKA AZALWA NGAYO: 1958
IZWE AZALELWA KULO: ISCOTLAND
UMLANDO: WAYENGUSOMABHIZINISI OPHUMELELAYO
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela phakathi komhlane nembeleko. Ubaba wayeyisikhulu ebuthweni lezempi laseBrithani, ngakho umndeni wakithi wawuhlala usendleleni. Uma ngingayibali iScotland, sahlala eNgilandi, eJalimane, eKenya, eMalaysia, e-Ireland naseCyprus. Kusukela ngineminyaka engu-8, ngafunda ezikoleni okuhlalwa kuzo eScotland. Ngagcina ngiphothule izifundo zami eCambridge University.
Ngineminyaka engu-20, ngaqala umsebenzi weminyaka engu-8 ebhizinisini likawoyela. Lo msebenzi ngawuqala eNingizimu Melika, kwathi kwamuva ngaya e-Afrika ngagcina eNtshonalanga ye-Australia. Ngemva kokuthuthela e-Australia ngavula imboni yabatshali-zimali nayo engagcina ngiyidayisile.
Imali engayithola lapho yangenza ngathatha umhlalaphansi ngineminyaka engu-40. Ngasebenzisa leso sikhathi ngivakasha. Ngayizungeza kabili i-Australia ngesithuthuthu, futhi ngathatha uhambo lokuzungeza umhlaba. Ukuphila kwami kwakubonakala kujabulisa.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngisho nangaphambi kokuba ngithathe umhlalaphansi, ngangifuna indlela yokubonga uNkulunkulu ngokuphila kwami engangikujabulela. Ngaqale ngaya eSontweni laseSheshi, okuyisonto lasekhaya. Kodwa alizange lingifundise okungako ngeBhayibheli. Ngabe sengiqala ukufunda namaMormon, kodwa ngayekiswa ukungathembeli kwawo eBhayibhelini.
Langa limbe, oFakazi BakaJehova bafika emzini wami. Kwasheshe kwahlaluka ukuthi basekela izimfundiso zabo eBhayibhelini. Omunye umBhalo abangifundela wona kwaba eyo-1 Thimothewu 2:3, 4. La mavesi athi kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” Okwangihlaba umxhwele ukuthi oFakazi babengagcizeleli nje ukuba nolwazi, kodwa ulwazi olunembile olusekelwe eBhayibhelini.
Ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova kwangisiza ngathola lolo lwazi olunembile. Ngokwesibonelo, ngafunda ukuthi uNkulunkulu Johane 14:28; 1 Korinte 11:3) Ukufunda lelo qiniso elilula kwangijabulisa. Ngabuye ngacasulwa ukuthi ngichithe isikhathi eside ngizama ukuqonda into engekho nakuba bikho!
noJesu abayona ingxenye eyindida kaZiqu-zintathu; kunalokho bangabantu ababili abahlukene. (Ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Kwangijabulisa kakhulu ukubona indlela abanobungane ngayo nezinga eliphakeme bonke abaziphatha ngalo—wawungathi izingelosi. Uthando lwabo olungenabuzenzisi lwangenza ngabona ukuthi ngithole inkolo yeqiniso.—Johane 13:35.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngemva kokubhapathizwa, ngahlangana nentokazi enhle egama layo nguDiane. Yayikhuliswe njengomunye woFakazi BakaJehova futhi inezimfanelo ezinhle ezangenza ngakhangeka. Ngokuhamba kwesikhathi sashada. Ukuba noDiane eduze nokusekela kwakhe kuye kwaba yisibusiso sangempela esivela kuJehova.
Sobabili saba nesifiso esijulile sokuthuthela endaweni edinga kakhulu abashumayeli bezindaba ezinhle zeBhayibheli. Ngo-2010, sathuthela eBelize, eMelika Ephakathi. Kule ndawo sishumayela kubantu abathanda uNkulunkulu nabalomele ngempela ulwazi lweBhayibheli.
Ekugcineni senginokuthula kwengqondo ngokwazi iqiniso ngoNkulunkulu neZwi lakhe, iBhayibheli. Njengesikhonzi sesikhathi esigcwele ngiye ngajabulela ukufundisa abantu abaningi iBhayibheli. Akukho okungcono ukwedlula ukubona iBhayibheli lithuthukisa ukuphila komuntu—njengoba nje lenza nakimi. Ekugcineni ngiyitholile indlela engcono yokubonga uNkulunkulu ngokuphila engikujabulelayo.
“Babengeve Benomusa Kimi.”—UMAURÍCIO ARAÚJO
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1967
IZWE AZALELWA KULO: IBRAZIL
UMLANDO: WAYEZIPHATHA KABI
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela e-Avaré, idolobha elincane elithule elisesifundeni saseSão Paulo. Abantu abaningi lapha bayasebenza.
Ubaba washona umama esangikhulelwe. Ngisengumfanyana ngangithanda kabi ukugqoka izingubo zikamama uma engekho. Ngaqala ukuziphathisa okwentombazane, futhi abantu baqala ukungibheka njengongqingili. Ngokuhamba kwesikhathi ngalala namadoda nabanye abafana.
Lapho ngineminyaka ecela kwengu-20 ngangishabasheka ngifuna abantu engizolala nabo (kokubili abesilisa nabesifazane) nomaphi lapho engangingabathola khona—ezindaweni zokuphuza utshwala, ema-nightclub ngisho nasemasontweni. Ngezikhathi zemigidi, ngangigqokisa okwentombazane bese sihamba siyiqembu sidansa emigwaqweni sibukisa. Ngangiwundabuzekwayo.
Phakathi kwabangane bami kwakukhona ongqingili, abadayisa ngemizimba nemilutha yezidakamizwa. Abanye babo bathi kufanele ngizame ukubhema i-crack cocaine, kungakabiphi ngase ngiwumlutha wayo. Ngezinye izikhathi sasibhema kuze kuse. Kanti ngezinye ngangizivalela ngedwa bese ngiyibhema usuku lonke. Ngehla emzimbeni ngaze ngaba ngangothi
lokuvungula okwabangela amahebezi okuthi nginengculaza.INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Phakathi naleso sikhathi, ngahlangana noFakazi BakaJehova. Babengeve benomusa kimi. Omunye umBhalo weBhayibheli abangifundela wona owamaRoma 10:13, othi: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” Lawo mazwi agxilisa kimi ukubaluleka kokusebenzisa igama likaJehova. Izikhathi eziningi, ngemva kokuba sengibheme i-crack cocaine ubusuku bonke, ngangivula ifasitela ngilunguze ngibheke phezulu ezulwini bese ngithandaza kuJehova ngikhala izinyembezi, ngimcela ukuba angisize.
Ngikhathazwe ukubuka umama egcwele usizi ngokungibuka ngonakalisa ukuphila kwami ngezidakamizwa, nganquma ukuziyeka. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngamukela isifundo seBhayibheli koFakazi ababecele ukungifundisa. Bangiqinisekisa ukuthi ukufunda kwami kuzoqinisa ukuzimisela kwami ukuyeka izidakamizwa—futhi nempela kwaba njalo!
Njengoba ngangiqhubeka ngitadisha iBhayibheli ngabona ukuthi kudingeka ngishintshe indlela engiphila ngayo. Okwaba nzima nakakhulu kwaba ukuyeka imikhuba yami yobungqingili, ngoba selokhu kwathi nhló ngangiwungqingili . Nokho, enye into eyangisiza kwaba ukuhlukana namathonya amabi. Ngahlukana nabangane bami bakudala futhi ngayeka ukuya kuma-nightclub.
Nakuba kwakungelula ukwenza lezi zinguquko, ngaduduzeka lapho ngifunda ukuthi uJehova uyangikhathalela futhi uyaqonda ukuthi ngilwa kanzima. (1 Johane 3:19, 20) Ngo-2002, ngase ngiyiyeke yonke imikhuba yobungqingili, futhi ngawo lowo nyaka ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Umama wahlabeka umxhwele ngezinguquko engazenza naye waqala ukutadisha iBhayibheli. Ngokudabukisayo, usenesikhathi enenkinga kanhlangothi. Noma kunjalo, uyaqhubeka ekhulisa uthando lwakhe ngoJehova nangeqiniso leBhayibheli.
Sekuyiminyaka eyisishiyagalombili ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele, ngichitha isikhathi sami esiningi ngifundisa abanye iBhayibheli. Uma ngikhuluma iqiniso, zikhona izikhathi lapho okuye kwadingeka ngilwe nezifiso ezingafanele. Kodwa ngiduduzwa ukwazi ukuthi uma ngikhetha ukunganqotshwa yilezo zifiso, ngisuke ngijabulisa uJehova.
Ukusondela kuJehova nokuphila ngendlela emjabulisayo kungenze ngazihlonipha kakhudlwana. Namuhla ngiyindoda ejabule.
“Ngangiwumgodi Ongagcwali.”—ULUKA ŠUC
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1975
IZWE AZALELWA KULO: ISLOVENIA
UMLANDO: WAYEZITIKA NGOTSHWALA
UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eLjubljana, idolobha elikhulu laseSlovenia. Ngangikhula kahle kodwa izinto zonakala lapho ngineminyaka emine. Ubaba wazibulala. Ngemva kwale nhlekelele, umama kwadingeka asebenze kanzima ukuze ondle abafana ababili, mina nomfowethu omdala.
Lapho sengineminyaka engu-15, ngahamba ngayohlala nogogo. Ngangikujabulela ukuhlala naye ngoba abangane bami abaningi babehlala ngalapho.
Nganginanenkululeko enkudlwana kwagogo. Lapho ngineminyaka engu-16, ngaqala ukuba nabangane ababephuza ngezimpelasonto. Ngayeka izinwele zakhula zaba isihluthu, ngaqala ukugqokisa okomdlwembe futhi kamuva ngaqala nokubhema.Nakuba ngazama izidakamizwa eziningi, ukuphuza yikona okwakuhamba phambili, ngoba ngangikuzwa kumnandi kakhulu. Kungakabiphi ngangingasaphuzi nje izingilazi ezimbalwa zewayini kodwa ibhodlela lonke nangaphezulu ngesikhathi. Ngaba ungoti ekufihleni ukuthi ngidakwe kangakanani. Ngokuvamile, wawuzwa ngephunga kuphela ukuthi kade ngiphuza. Noma wawungalizwa wawungeke ucabange ukuthi ngiqede amabhodlela amaningana ewayini noma kabhiya—ngiwaxuba nogologo!
Yimina engangivame ukusiza abangane bami bakwazi ukuma ngemva kobusuku bonke sise-disco, yize ngangisuke ngiphuze kakhulu ukwedlula bonke. Ngelinye ilanga, ngezwa omunye umngane wami ethi ngiwumgodi ongagcwali—igama lokuchwensa lesiSlovenia elisho umuntu ophuza ukudlula abanye. Kwangiphatha kabuhlungu kakhulu lokho.
Ngaqala ukucabanga ngalokho engangikwenza ngokuphila kwami. Ngazizwa ngingelutho. Kwakubonakala sengathi ayikho nje into engiyenzayo enengqondo.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Cishe ngaleso sikhathi ngaqaphela ukuthi enye yezingane engangifunda nazo yayisishintshile; isinomusa kakhudlwana. Ngayimemela endaweni yokudlela, ngifuna ukwazi ukuthi kungani. Njengoba sixoxa, yachaza ukuthi yayisiqale ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Yangitshela ezinye izinto eyayizifunda, engangiqala ngqá ukuzizwa ngoba angikhuliselwanga enkolweni. Ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi futhi ngafunda nabo iBhayibheli.
Ukufunda iBhayibheli kwangivula amehlo ngabona amaqiniso anamandla futhi akhuthazayo. Ngokwesibonelo, ngafunda ukuthi siphila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Ngafunda nokuthi maduze uNkulunkulu uzosusa abantu ababi emhlabeni futhi anike abalungile ithuba lokujabulela ukuphila okuphakade ePharadesi. (IHubo 37:29) Ngaba nesifiso esinamandla sokushintsha ukuphila kwami ukuze ngibe phakathi kwalabo bantu abalungile.
Ngaqala ukutshela abangane bami ngamaqiniso eBhayibheli engangiwafunda. Abaningi bangihleka, kodwa lokho kwaba isibusiso. Indlela abenza ngayo yangisiza ngabona ukuthi babengebona abangane beqiniso. Ngabona ukuthi inkinga yami yokuphuza ihlobene eduze nohlobo lwabangane engibakhethayo. Isonto lonke babeyilinda ngabomvu impelasonto ukuze badakwe futhi.
Ngahlukana nalabo bangane futhi esikhundleni sabo ngakha ubungane noFakazi BakaJehova. Ukuba noFakazi kwakungikhuthaza kakhulu—laba kwakungabantu ababemthanda ngempela uNkulunkulu futhi bezama ukuphila ngemithetho yakhe. Kancane kancane, ngawuyeka umkhuba wami wokuzitika ngotshwala.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngiyambonga uJehova ngoba angisabudingi utshwala ukuze ngijabule. Angazi ngempela ukuthi ngabe ngikuphi ukube ngaqhubeka nezindlela zami zakudala. Kodwa ngazi kahle ukuthi ukuphila kwami kungcono kakhulu manje.
Sengineminyaka engu-7 nginelungelo lokukhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSlovenia. Ukwazi uJehova nokumkhonza kuye kwanginikeza injongo yangempela yokuphila.