Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Esingaba Ngayo Amakholwa Aqotho Nezakhamuzi Ezinhle

Indlela Esingaba Ngayo Amakholwa Aqotho Nezakhamuzi Ezinhle

Indlela Esingaba Ngayo Amakholwa Aqotho Nezakhamuzi Ezinhle

YIZIPHI izinto ezimbili inkonzo kaJesu ephawuleka ngazo? Eyokuqala, uJesu wayefuna ukuguqula izinhliziyo zabantu hhayi izinhlangano zezombusazwe. Ngokwesibonelo, phawula lokho akugcizelela eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. Ngaphambi nje kokuba akhulume ngesidingo sokuba njengosawoti nokukhanya, watshela ababemlalele ukuthi injabulo yangempela itholwa yilabo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” Wanezela: “Bayajabula abanomoya omnene, . . . abahlanzekile enhliziyweni, . . . abanokuthula.” (Mathewu 5:1-11) UJesu wasiza abalandeli bakhe ukuba babone ukubaluleka kokuvumelanisa ukucabanga nemizwa yabo nalokho uNkulunkulu athi kuhle noma kubi kanye nokubaluleka kokumkhonza ngenhliziyo yonke.

Okwesibili, lapho uJesu ebona abantu behlupheka, uzwela lwamshukumisela ukuba abophule osizini lwabo. Nokho, akazange akwenze umgomo wakhe ukuqeda konke ukuhlupheka. (Mathewu 20:30-34) Welapha abagulayo kodwa akazange akuqede ukugula. (Luka 6:17-19) Wakhulula abacindezelekile kodwa ukungabi nabulungisa kwaqhubeka kubangela ukuhlupheka. Wasuthisa abalambile kodwa indlala yaqhubeka ikhona.—Marku 6:41-44.

Ukushintsha Izinhliziyo Nokunciphisa Ukuhlupheka

Kungani uJesu agxila ekushintsheni izinhliziyo nasekunciphiseni ukuhlupheka kodwa hhayi ekushintsheni izinhlangano noma ekuqedeni ukukhathazeka? UJesu wayazi ukuthi uNkulunkulu uhlose ukusebenzisa uMbuso waKhe esikhathini esizayo ukuqeda bonke ohulumeni babantu nokusiphula zonke izimpande zokuhlupheka. (Luka 4:43; 8:1) Ngakho-ke, lapho abafundi becela uJesu ukuba achithe isikhathi esengeziwe elapha abagulayo, uJesu wathi kubo: “Masiye kwenye indawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngoba ngiphumele le njongo.” (Marku 1:32-38) UJesu wakudambisa ukuhlupheka kwabaningi kodwa okwakubaluleke kakhulu kuye kwakuwukushumayela nokufundisa ngezwi likaNkulunkulu.

OFakazi BakaJehova uma beshumayela namuhla bazama ukulingisa uJesu. Bashukumiseleka ukuba badambise ukuhlupheka ngokunikeza usizo olungokoqobo kulabo abaludingayo. Kodwa abazami ukuqeda ukungabi nabulungisa okusezweni. Bakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu oyosusa imbangela yakho konke ukuhlupheka. (Mathewu 6:10) NjengoJesu, balwela ukushintsha izinhliziyo hhayi izinhlangano zezombusazwe. Ukwenza kanjalo kuwukubhekana namaqiniso ngoba izinto ezikhathaza abantu kakhulu, akuzona ezombusazwe kodwa indlela abantu abaziphatha ngayo.

Izakhamuzi Ezinhle

Ngesikhathi esifanayo, oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi banomthwalo wokuba yizakhamuzi ezinhle. Yingakho nje belalela futhi behlonipha amagunya ohulumeni. Ngezincwadi zabo nangomsebenzi wabo wokushumayela, bakhuthaza omakhelwane babo ukuba bathobele umthetho. Nokho, lapho uhulumeni ufuna ngenkani lokho okungqubuzana ngokuqondile nemiyalo kaNkulunkulu, oFakazi bakhetha ‘ukulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29; Roma 13:1-7.

OFakazi BakaJehova bavakashela bonke abasemphakathini wabo ukuze babanikeze imfundo yamahhala yeBhayibheli. Ngenxa yale mfundo, izinhliziyo zezigidi zabantu ziye zashintshwa. Unyaka ngamunye, amakhulu ezinkulungwane zabantu asizwa ukuba agqashule emikhubeni elimazayo enjengokubhema, ukudakwa, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, ukugembula nokuziphatha okubi ngokocansi. Laba bantu sebeyizakhamuzi eziziphethe kahle ngoba bafunde ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo.—Bheka isihloko esithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila,” ekhasini 18 lalo magazini.

Ngaphezu kwalokho, imfundo yeBhayibheli isiza amalungu emindeni ukuba ajulise inhlonipho yawo ngelinye nelinye futhi athuthukise ukukhulumisana—phakathi kwabashadile, abazali nezingane nasezinganeni zizodwa. Lezi zinto zibalulekile ekuqiniseni isibopho somkhaya. Uma imindeni ibumbene, kuba nemiphakathi ebumbene.

Uma ubukeza amaphuzu esixoxe ngawo kulezi zihloko, ucabangani: Ingabe iBhayibheli liyakuvumela ukuba inkolo nezombusazwe kuxubane? Impendulo icacile; alikuvumeli. Kodwa ingabe amaKristu eqiniso kufanele abe yizakhamuzi ezinhle? Yebo kufanele. Angakwenza kanjani lokho? Ngokulalela umyalo kaJesu wokuba njengosawoti nokukhanya ezweni.

Labo abalwela ukusebenzisa lezi ziqondiso zikaKristu ezisebenzayo bayozizuzisa bona nemikhaya yabo—kanye nemiphakathi abahlala kuyo. OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukuxoxa nawe okwengeziwe mayelana nemfundo yeBhayibheli eqhutshwa emphakathini wakini. a

[Umbhalo waphansi]

a Uma uthanda, thintana noFakazi BakaJehova engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]

UJesu wayefuna ukushintsha izinhliziyo hhayi izinhlangano zezombusazwe

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi banomthwalo wokuba izakhamuzi ezinhle