Ukuphila Ngezikhathi ZeBhayibheli—Umlimi
Ukuphila Ngezikhathi ZeBhayibheli—Umlimi
“[UJesu] wathi kubafundi bakhe: ‘Yebo, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.’”—MATHEWU 9:37, 38.
UJESU wayevame ukufanekisa ngezindlela nangamathuluzi okulima ezimfundisweni zakhe ezibalulekile. (Mathewu 11:28-30; Marku 4:3-9; Luka 13:6-9) Ngani? Ngoba wayehlala emphakathini othanda ukulima. Eziningi zezilaleli zakhe zazisebenzisa indlela yokulima okwase kungamakhulu eminyaka isetshenziswa. Zaziyiqonda imifanekiso yakhe ngoba ukulima kwakuwumsebenzi wazo wansuku zonke. UJesu wayekwazi lokho futhi nazo zazishukunyiswa yilokho ayekufundisa.—Mathewu 7:28.
Singajulisa ukwazisa kwethu ngemifanekiso kaJesu nangokunye ukulandisa okuseBhayibhelini uma kukhona esikwaziyo ngokuphila komlimi wangekhulu lokuqala—izinto ayezitshala, amathuluzi ayewasebenzisa nezinselele ayebhekana nazo.
Mbone ngeso lengqondo umlimi njengoba elungela ukuqala umsebenzi wakhe. Funda imiBhalo ekhonjiwe ubone ukuthi ikufundisani.
Isikhathi Sokutshala
Nangu umlimi evuka ekuseni, uyaphuma ame emnyango, asinge, ahogele umoya onomswakama. Izimvula sezithé ukuwuthambisa umhlabathi obuwonyiswe ukushisa kwelanga. Isifikile inkathi yokulima. Utshatha igeja lakhe
lokhuni bese engena indlela alibhekise ensimini yakhe.Uma efika, ubophela izinkunzi ejokeni bese usha umsebenzi. Amazinyo ensimbi asegejeni avula umhlabathi omahhadla. Awawuphenduli kodwa avula izindlela noma imisele (1). Etibila ukuze angawi, umlimi uzama ukugcina imisele iqondile—akalokothi abheke emuva ngoba uma engenza kanjalo imisele izogwegwa. (Luka 9:62) Kudingeka ahlale emzileni wakhe ukuze onge indawo.
Manje insimu isinemisele, ilungele ukuhlwanyelwa. Ubamba isikhwama sebhali ngesinye isandla, ngesinye avuvuzele imbewu eyigugu (2). Njengoba omunye umhlabathi usugxotshwe izinyawo, uyaqikelela ukuthi imbewu iwela “emhlabathini okahle.”—Luka 8:5, 8.
Ngemva kokutshala uyahhala. Ube esebophela amagatsha ameva ezinkunzini zakhe bese ziwadonsa zinqamule insimu zigqiba. Ngaleso sikhathi nezinyoni zisuke sezilá, zibanga umsindo, zeba nembewu ngaphambi kokuba igqitshwe. Kamuva, umlimi ube esesebenzisa igeja-zembe (3) ukuze athambise umhlabathi asiphule nokhula olungase luminyanise imbewu esencane.—Mathewu 13:7.
Isikhathi Sokuvuna
Kudlula izinyanga. Izimvula ziyithele. Manje izikhwebu zebhali elivuthiwe sezilokhu zinyakaza okwenza amasimu abukeke emhlophe uma ehlatshwa ilanga.—Johane 4:35.
Isikhathi sokuvuna yisikhathi esimatasa kakhulu kumlimi nasemkhayeni wakhe. Umvuni ubamba isikela ngakwesokudla, abambe isivuno sokusanhlamvu ngesandla sobunxele bese evuna (4). Abanye babutha okusanhlamvu bakubophe kube izithungo (5), bese bekukhweza ezimbongolweni noma ezinqoleni (6) zona ezibe sezikuyisa emzini lapho kuzobhulwa khona.
Namuhla ilanga libalele. Umndeni womlimi ugoba amadlangala ngaphansi kwesihlahla somkhiwane. Uyahleka, uxoxe njengoba uthiba iphango ngesinkwa, okusanhlamvu okugazingiwe, iminqumo, amakhiwane omisiwe namagilebhisi omisiwe. Wehlisa ngamanzi aphuma eziphethwini.—Duteronomi 8:7.
Bude buduze nensimu, abakhothozi bacosha okusanhlamvu okusalile (7). Abanye babo bampofu futhi abanawo amasimu.—Kamuva, uya emzini afike endlale izithungo endaweni ethé ukuphakama lapho zizobhulwa khona. Izinkunzi zibhula ngesihlibhi (8). (Duteronomi 25:4) Ngaphansi kwesihlibhi kufakwa amatshe acijile nezinsinjana ukuze kufihlize izithungo zokusanhlamvu.
Umlimi ulinda kuze kube nomoyana wasebusuku. (Ruthe 3:2) Lapho sekuhwalele, wela okusanhlamvu ngemfoloko yokhuni noma ‘ifosholo lokwela’(9). (Mathewu 3:12) Okusanhlamvu kuwela phansi—amakhoba ayaphephuka. Umlimi ulokhu ekwela kuze kuphele amakhoba.
Ekuseni, umkakhe namadodakazi akhe baqala ukusefa okusanhlamvu (10). Bakhushuzisa izisefo ezinokusanhlamvu namatshana. Ibhali liwela kobhasikidi, izibi zibuyela emaceleni. Kubé nesivuno esikhulu. Izisebenzi zibuthela okusanhlamvu okusalile kojeke (11). Okunye okusele kufakwa emigodini yokugcina ukudla.
Enhla nalapho bekubhulwa khona, umlimi uyazelula futhi abuke amasimu akhe azungeze umuzi. Ubuka indawo embozwe izinhlanga ngokwaneliseka—ubufakazi bomsebenzi onzima wezinsuku eziningi. Uyabuka njengoba izisebenzi zisebenza ezivinini, ezihlahleni zomnqumo, ezamahalananda nezamakhiwane. Buqamamana nangu umakhelwane emvayizela njengoba ecentacenta engadini yakhe. Kule ngadi kuzomila okhukhamba, udali, ubhontshisi amalikhi, uphizi no-anyanisi. Umlimi uyama kancane aphakamisele amehlo akhe ezulwini, bese enza umthandazo omncane ebonga uNkulunkulu ngezipho ezinhle azinikezayo.—IHubo 65:9-11.
[Izithombe emakhasini 28-30]
(Bheka encwadini)