Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI BALO MAGAZINI . . .

Ingabe UJesu Wathembisa Iselelesi Ukuthi Siyophila Ezulwini?

Ingabe UJesu Wathembisa Iselelesi Ukuthi Siyophila Ezulwini?

Lo mbuzo ubuzwa ngenxa yokuthi uJesu wathembisa iselelesi esasibethelwe eceleni kwakhe ukuthi siyophila ePharadesi. UJesu wathi: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, Uyokuba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Phawula ukuthi uJesu akashongo ukuthi iPharadesi laliyoba kuphi. Ingabe-ke uJesu wayesho ukuthi lesi selelesi sasiyoba naye ezulwini?

Okokuqala, ake sixoxe ngokuthi leso selelesi sasinazo yini izimfanelo zokuphila ezulwini. Abantu abanethemba lokuphila ezulwini babhapathizwe ngamanzi nangomoya ongcwele okubenza babe abafundi bakaJesu abagcotshwe ngomoya. (Johane 3:3, 5) Enye imfuneko iwukuphila ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu yokuziphatha nokubonisa izimfanelo ezinjengokwethembeka, ubuqotho nozwela. (1 Korinte 6:9-11) Kumelwe futhi bahlale bethembekile kuNkulunkulu nakuKristu ukuphila kwabo konke kwasemhlabeni. (Luka 22:28-30; 2 Thimothewu 2:12) Ukwenza lokhu ukuphela kwendlela ebenza bakufanelekele ukuvuswa nokwenza imisebenzi emikhulu ebalindele ezulwini, okungukuthi, ukukhonza njengabapristi nokubusa abantu noKristu iminyaka eyinkulungwane.—IsAmbulo 20:6.

Ngokuphambene nalokho, iselelesi esasibethelwe eceleni kukaJesu sasiyisigebengu futhi safela ebubini baso. (Luka 23:32, 39-41) Yiqiniso, sabonisa ukumhlonipha uJesu lapho sithi kuye: “Ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.” (Luka 23:42) Noma kunjalo, sasingabhapathiziwe, singagcotshwanga ngomoya njengomfundi kaJesu futhi sasingenawo umlando wokuziphatha kahle nokukhuthazela ngokwethembeka. Ingabe kubonakala kunengqondo ukuba uJesu athembise iselelesi ukubusa ezulwini kanye nabalandeli bakhe abathembekile, abahlala beqotho ukuphila kwabo konke?—Roma 2:6, 7.

Ngokwesibonelo: Ake sithi umuntu ucela umthethelele ngokweba imali yakho, ungase unqume ukungambophisi. Ubungamethemba yini kodwa ukuba aphathe ibhizinisi lakho noma anakekele umndeni wakho? Ubungeke umnike lowo msebenzi kodwa ubuyowunika labo obathemba kakhudlwana kuphela. Ngokufanayo, labo abanikezwa ithemba lokuphila ezulwini kumelwe banikeze ubufakazi bokuthi nakanjani bayokwazi ukunamathela emithethweni kaNkulunkulu yokulunga lapho sebebusa abantu. (IsAmbulo 2:10) Nakuba lesi selelesi sabonakala siqotho lapho sincenga uJesu ngomzuzu wokugcina, akusho ukuthi sasithembekile.

Kodwa uJesu akashongo yini kuso ukuthi sasiyoba naye ezulwini ngalo kanye lolo suku? Lokho kwakungenakwenzeka ngoba kwayena uJesu akazange aye ezulwini ngalolo suku. Kunalokho, ‘wayesenhliziyweni yomhlaba’—ithuna—izinsuku ezintathu. (Mathewu 12:40; Marku 10:34) Ngisho nangemva kokuvuswa kwakhe, wahlala emhlabeni izinsuku ezingu-40 ngaphambi kokuba anyukele ezulwini. (IzEnzo 1:3, 9) Ngakho, iselelesi sasingeke sibe sezulwini noJesu ngalolo suku.

Ngakho-ke, iliphi iPharadesi iselelesi esasiyongena kulo? Lapho sesivusiwe, siyoba sePharadesi lasemhlabeni lapho sekubusa uJesu. (IzEnzo 24:15; IsAmbulo 21:3, 4) Ukuze ufunde okwengeziwe ngePharadesi nangalokho uNkulunkulu akufunayo, khuluma nomunye woFakazi BakaJehova.