SONDELA KUNKULUNKULU
Ingabe UJehova Uyakukhathalela Ngempela?
“Imizwa yokuzenyeza cishe yisona sithiyo esikhulu engizama ukusinqoba.” Washo kanjalo owesifazane owayekuthola kunzima ukukholelwa ukuthi kunento engenza uJehova amkhathalele. Ingabe nawe uzizwa njengaye? Uma kunjalo, ungase uzibuze, ‘Ingabe ngempela uJehova ukhathalela ngamunye wabakhulekeli bakhe?’ Impendulo ingu-yebo! Sithola ubufakazi bokukhathalela kukaJehova emazwini kaJesu.—Funda uJohane 6:44.
Wathini uJesu, yena obazi kangcono kunanoma ubani omunye ubuntu nentando kaJehova? (Luka 10:22) Wachaza: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” Ngakho ngeke sibe abalandeli bakaKristu—nabakhulekeli bakaBaba osezulwini, uJehova—ngaphandle kokuba uJehova asidonse. (2 Thesalonika 2:13) Uma sikuqonda okwakushiwo uJesu, nakanjani siyobubona ubufakazi obunamandla bokukhathalela kukaNkulunkulu emazwini kaJesu.
Kusho ukuthini ukuthi uJehova uyasidonsa? Isenzo sesiGreki esisho “ukudonsa” siyasetshenziswa futhi uma kubhekiselwa ekudonseni inetha lezinhlanzi. (Johane 21:6, 11) Ingabe uJehova usidonsa ngenkani, asiphoqe ukuba simkhonze? Cha. UJehova wasinikeza inkululeko yokuzikhethela, ngakho akazivuli ngenkani izinhliziyo zethu. (Duteronomi 30:19, 20) UJehova uhlolisisa izigidi zezigidi zezinhliziyo zabantu emhlabeni, efuna labo abathambekele ngakuye. (1 IziKronike 28:9) Lapho emthola umuntu onjalo, uyamdonsa. Kanjani?
UJehova uyayikhanga noma ayidonse inhliziyo yomuntu ‘othambekele ngokufanele.’ (IzEnzo 13:48) Ukwenza ngezindlela ezimbili lokhu—ngesigijimi seBhayibheli sezindaba ezinhle esikwaziyo sonke ukusithola, nangomoya wakhe ongcwele. Lapho uJehova ebona inhliziyo esabelayo eqinisweni leBhayibheli, usebenzisa umoya wakhe ukuze asize lowo muntu ukuba aliqonde futhi alisebenzise lelo qiniso ekuphileni kwakhe. (1 Korinte 2:11, 12) Ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu, ngeke sikwazi ukuba abalandeli abaqotho bakaJesu nabakhulekeli abazinikele bakaJehova.
UJehova wasinikeza inkululeko yokuzikhethela, ngakho akazivuli ngenkani izinhliziyo zethu
Asifundisani-ke amazwi kaJesu akuJohane 6:44 ngoJehova uNkulunkulu? UJehova udonsa abantu ngoba ebona okuthile okuhle ezinhliziyweni zabo futhi uyabakhathalela. Ukuqonda leli qiniso eliqinisa idolo kwaduduza owesifazane okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Uthi: “Ukuba isikhonzi sikaJehova kuyilungelo elikhulu kakhulu umuntu angaba nalo. Futhi uma uJehova angikhetha ukuba ngibe isikhonzi sakhe, kumelwe ukuba ngiyigugu kuye.” Kuthiwani ngawe? Ingabe ukwazi ukuthi uJehova ukhathalela ngamunye wabakhulekeli bakhe kukushukumisela ukuba ufune ukusondela kuye?
Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-May