Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

UJehova “Akakhethi”

UJehova “Akakhethi”

Wake wabandlululwa yini? Sake senqatshwa yini isicelo sakho, wangenzelwa okuthile noma wabukelwa phansi ngenxa yebala lesikhumba sakho, uhlanga lwakho noma ngenxa yomsebenzi owenzayo? Uma kunjalo, awuwedwa. Nokho, nazi izindaba ezinhle: Lokho kubandlululwa, nakuba kuyinto evamile emhlabeni, akukho ezulwini. Umphostoli ongumKristu uPetru washo la mazwi ngokuqiniseka: “UNkulunkulu akakhethi.”—Funda izEnzo 10:34, 35.

UPetru washo la mazwi esimweni esingavamile—emzini womuntu weZizwe ogama lakhe uKorneliyu. UPetru, ongumJuda, waphila ngesikhathi lapho amaJuda ayebheka abeZizwe njengabangcolile nokungafanele azihlanganise nabo. Ngakho, kungani uPetru ayesemzini kaKorneliyu? Kalula nje, yingoba uJehova uNkulunkulu owayehlele lowo mhlangano. UPetru wayethole umbono kuNkulunkulu lapho athi kuye: “Yeka ukubiza izinto uNkulunkulu azihlanzile ngokuthi zingcolile.” Ngayizolo, uPetru engazi, uKorneliyu naye wayethole umbono, kuwo ingelosi yamqondisa ukuba abize uPetru. (IzEnzo 10:1-15) Lapho uPetru eqaphela indlela uJehova angenela ngayo kule ndaba, akakwazanga ukuzibamba.

UPetru wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi.” (IzEnzo 10:34) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “khetha” ngokwezwi nezwi lisho “ukubheka ubuso.” (The Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures) Ngokuphathelene naleli gama, esinye isazi siyachaza: “Libhekisela kumahluleli obheka ubuso bomuntu bese ekhipha isinqumo, hhayi ngokusekelwe ebufakazini obutholakalayo balelo cala kodwa ngenxa yokuthi uyamthanda yini noma akamthandi lowo muntu.” UNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu njengobungcono ngenxa yobuzwe, uhlanga, umsebenzi awenzayo nanoma iziphi izici zangaphandle.

Kunalokho, uJehova ubona lokho okusezinhliziyweni yethu. (1 Samuweli 16:7; IzAga 21:2) Ngokulandelayo, uPetru wathi: “Ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:35) Ukwesaba uNkulunkulu kusho ukumhlonipha, ukumethemba, ukugwema noma yini emcasulayo. Ukwenza ukulunga kuhilela ukuzimisela ukwenza okuhle emehlweni kaNkulunkulu. UJehova uyajabula lapho ebona umuntu onhliziyo yakhe igcwele ukumesaba okumshukumisela ukuba enze okulungile.—Duteronomi 10:12, 13.

Lapho uJehova esibheka esezulwini, ubona uhlanga olulodwa—uhlanga lwabantu

Uma wake wabandlululwa, unesizathu esizwakalayo sokududuzwa amazwi uPetru awasho ngoNkulunkulu. UJehova udonsela abantu bezizwe zonke ekukhulekeleni kweqiniso. (Johane 6:44; IzEnzo 17:26, 27) Uyayilalela futhi ayiphendule imithandazo yabakhulekeli bakhe kungakhathaliseki ukuthi abaluphi uhlanga, isizwe noma benza msebenzi muni emphakathini. (1 AmaKhosi 8:41-43) Singaqiniseka ngokuthi lapho uJehova esibheka esezulwini, ubona uhlanga olulodwa—uhlanga lwabantu. Ingabe lokhu akukushukumisi ukuba ufunde okwengeziwe ngalo Nkulunkulu ongakhethi?

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-June

UJohane 17-21IzEnzo 1-10