Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | YIMAPHI AMANGA AQHELISA ABANTU KUNKULUNKULU?

Amanga Athi UNkulunkulu Uyimfihlakalo

Amanga Athi UNkulunkulu Uyimfihlakalo

LOKHO ABANINGI ABAKUKHOLELWAYO

Izinkolo zobuKristu “ezintathu ezinkulu, ubuRoma Katolika, ubu-Orthodox baseMpumalanga nobuProthestani zithi kunoNkulunkulu oyedwa kuBantu abathathu: uNkulunkulu uBaba, uNkulunkulu iNdodana noNkulunkulu uMoya Ongcwele. Ngokwemfundiso yenkolo yobuKristu, lokhu akusho ukuthi kunonkulunkulu abathathu kodwa laba bantu abathathu empeleni bangumuntu oyedwa.”—The New Encyclopædia Britannica.

IQINISO ELIVELA EBHAYIBHELINI

UJesu, iNdodana kaNkulunkulu, akakaze athi ulingana noYise noma athi unesimo esifana nesaKhe. Kunalokho wathi: “Ngiyahamba ngiya kuBaba, ngoba uBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) Wabuye watshela omunye wabalandeli bakhe: “Nginyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”—Johane 20:17.

Umoya ongcwele awuyena umuntu. AmaKristu okuqala ‘agcwala umoya ongcwele,’ futhi uJehova wathi: “Ngiyothululela omunye womoya wami phezu kwayo yonke inyama.” (IzEnzo 2:1-4, 17) Umoya ongcwele awuyona ingxenye kaZiqu-zintathu. Ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo.

OKWENZA KUBALULEKE

Izazi ezingamaKatolika uKarl Rahner noHerbert Vorgrimler, zithi imfundiso kaZiqu-zintathu “yayingeke yaziwe ngaphandle kokuba yambulwe, futhi ngisho nangemva kokwambulwa ayinakuqondakala ngokuphelele.” Ungamthanda yini ngempela umuntu okungenakwenzeka ukuba umazi noma umqonde? Ngakho, imfundiso kaZiqu-zintathu iyisithiyo ekwazini nasekuthandeni uNkulunkulu.

UMarco, ocashunwe esihlokweni esisekuqaleni, wabona ukuthi imfundiso kaZiqu-zintathu iyisithiyo. Uthi: “Ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu uyangifihlela ukuthi ungubani, futhi lokho kwamenza waqhela kakhulu, waba yimfihlakalo futhi wangangeneka.” Nokho “uNkulunkulu akayena uNkulunkulu obangela ukudideka.” (1 Korinte 14:33, American Standard Version) Uzembulile kithi. Ufuna simazi. UJesu wathi: “Thina sikhulekela esikwaziyo.”—Johane 4:22.

UMarco uthi: “Lapho ngifunda ukuthi uNkulunkulu akayena uZiqu-zintathu, ngagcina ngikwazile ukwakha ubuhlobo naye.” Uma sibheka uJehova njengoMuntu ongokoqobo hhayi umuntu oyimfihlakalo nje, kuba lula kakhulu ukumthanda. IBhayibheli lithi: “Lowo ongenalo uthando akamazi uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uluthando.”—1 Johane 4:8.