Ingabe Bewazi?
Yayiyini inhlaba eyayisetshenziswa ezikhathini zeBhayibheli?
IBhayibheli lithi inhlaba yayisetshenziselwa ukwenza amakha ezingubo nemibhede. (IHubo 45:8; IzAga 7:17; IsiHlabelelo SeziHlabelelo 4:14) Cishe inhlaba eyayisetshenziswa ezikhathini zeBhayibheli yayivela esihlahleni okuthiwa i-Agarwood (uhlobo lwezitshalo ezaziwa ngokuthi i-Aquilaria). Njengoba ukhuni lwesihlahla lubola, lukhipha amafutha anephunga elimnandi nenomfi. Lolu khuni lwalugaywa lube impuphu, eyayithengiswa “isiyinhlaba.”
IBhayibheli lihlobanisa amatende akwa-Israyeli ‘nezitshalo zenhlaba ezitshalwe uJehova.’ (Numeri 24:
Imihlatshelo enjani eyayamukeleka ethempelini eJerusalema?
UMthetho kaNkulunkulu wawuthi yonke imihlatshelo enikelwa ethempelini kwakumelwe ibe engcono kunayo yonke. UNkulunkulu wayengeke ayamukele imihlatshelo enesici. (Eksodusi 23:19; Levitikusi 22:
Isazi u-E. P. Sanders sithi kungenzeka izikhulu zasethempelini “zazigunyaza abathengisi bemihlatshelo abanokwethenjelwa ukuba bathengise kuphela izilwane nezinyoni eseziye zahlolwa abapristi. Kulokhu, umthengisi kwakufanele anikeze umthengi uhlobo oluthile lwerisidi olubonisa ukuthi isilwane esithengiwe sasingenasici.”
Ngo-2011, endaweni okwakunethempeli kuyo, abavubukuli bathola irisidi enjalo