Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UHULUMENI ONGENAYO INKOHLAKALO

UMbuso KaNkulunkulu—Uhulumeni Ongenayo Inkohlakalo

UMbuso KaNkulunkulu—Uhulumeni Ongenayo Inkohlakalo

Lapho echaza ukuthi kungani enomuzwa wokuthi ayisoze yaphela inkohlakalo kuhulumeni, umncwaningi mabhuku-jikelele waseNicaragua wathi: “Iqiniso liwukuthi iziphathimandla nazo ziyizakhamuzi futhi sonke singamalungu omphakathi.”

Awuvumi yini ukuthi uma umphakathi wabantu ukhohlakele, noma imuphi uhulumeni oyingxenye yawo nakanjani uyokhohlakala? Uma kunjalo, kusho ukuthi uhulumeni ongenayo inkohlakalo akufanele wakhiwe amalungu omphakathi okhohlakele. IBhayibheli likhuluma ngalowo hulumeni—uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele.—Mathewu 6:9, 10.

UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo obusa usezulwini. Uyothathela indawo bonke ohulumeni babantu. (IHubo 2:8, 9; IsAmbulo 16:14; 19:19-21) Esinye sezibusiso uMbuso oyozilethela abantu kuyoba ukuqedwa kwenkohlakalo kuhulumeni. Cabanga ngezici eziyisithupha zalo Mbuso eziqinisekisa lokhu.

1. AMANDLA

INKINGA: Ohulumeni babantu baxhaswa izakhamuzi ngokwezimali, ngokuvamile ngokukhokhwa kwentela nokwenza imisebenzi ethile. Ezinye iziphathimandla zingena esilingweni sokuyeba le mali, kuyilapho ezinye zamukela izifumbathiso kubantu abafuna ukwehliselwa intela noma ezinye izimali okufanele bazikhokhe kuhulumeni. Kungase kube nomjikelezo wenkohlakalo—uhulumeni ukhuphula intela ukuze avale igebe elivulekile, bese lokhu kubangela ukuba kube nenkohlakalo eyengeziwe. Esimweni esinjalo, abantu abathembekile bangase bahlupheke kakhulu.

ISIXAZULULO: UMbuso kaNkulunkulu uthola amandla avela kuNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova. * (IsAmbulo 11:15) Awudingi ukuqoqa intela ukuze usebenze kahle. Kunalokho, ‘amandla kaNkulunkulu ashukumisayo’ nomoya wakhe wokupha ngokungenabugovu kuqinisekisa ukuthi lo Mbuso uyokwanelisa izidingo zazo zonke izikhonzi zawo.—Isaya 40:26; IHubo 145:16.

2. UMBUSI

INKINGA: USusan Rose-Ackerman, ocashunwe esihlokweni esandulele, uthi: Umzamo wokuqeda inkohlakalo “kumelwe uqale kulabo abasezikhundleni eziphezulu.” Abantu bavele bangabethembi ohulumeni lapho bezama ukuqeda inkohlakalo emaphoyiseni noma ezisebenzini ezivamile zikahulumeni bebe beyiyeka ezikhulwini eziphakeme zikahulumeni. Ngisho noma umbusi engumuntu olunge ngempela, naye uzuze isono njengefa okumenza enze amaphutha. Njengoba iBhayibheli lisho, “akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle.”—UmShumayeli 7:20.

UJesu wenqaba isifumbathiso esikhulu kunazo zonke kwezake zathenjiswa umuntu

ISIXAZULULO: Ngokungefani nabantu abangaphelele, uJesu Kristu, uNkulunkulu amkhethele ukuba abe uMbusi woMbuso, ngeke alingeke ukuba enze okungalungile. UJesu wakubonisa lokhu ngokwenqaba isifumbathiso esikhulu kunazo zonke kwezake zathenjiswa umuntu—“yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” UJesu wathenjiswa ukunikwa lokhu uma nje ayengenza isenzo esisodwa sokukhulekela umbusi wezwe, uDeveli. (Mathewu 4:8-10; Johane 14:30) Ngisho nalapho uJesu ehlushwa kuze kube sekufeni, wayezimisele ukuhlale eqotho kangangokuba wenqaba isidakamizwa esasizodambisa izinhlungu kodwa esasingase futhi simenze angakwazi ukulawula imizwa yakhe ngokuphelele. (Mathewu 27:34) Manje, njengoba uNkulunkulu esemvusele ekuphileni kwasezulwini, uJesu uzibonakalise ekufanelekela ngokugcwele ukuba iNkosi yalo Mbuso.—Filipi 2:8-11.

3. UKUNGAGUQUKI

INKINGA: Emazweni amaningi kuba nokhetho njalo, okuye kuthiwe lunikeza abantu ithuba lokususa izikhulu zikahulumeni ezikhohlakele esikhundleni. Nokho, iqiniso liwukuthi imikhankaso nokhetho kuvame ukuba nenkohlakalo, ngisho nasemazweni okuthiwa athuthukile. Ngeminikelo eyenzelwa imikhankaso nangezinye izenzo, abacebile bangabathonya kakhulu abasezikhundleni nalabo abasazongena ezikhundleni.

UMahluleli uJohn Paul Stevens weNkantolo Ephakeme Yase-U.S. wabhala ukuthi ithonya elinjalo “alisongeli nje kuphela ukwenza izinto ngokuvumelana nomthetho kaHulumeni kodwa lingabangela nokuba abantu bangawethembi uhulumeni.” Akumangazi-ke ukuthi kungani abantu abaningi emhlabeni wonke becabanga ukuthi amaqembu ezombusazwe ayizinhlangano ezikhohlakele kunazo zonke.

ISIXAZULULO: Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu ngeke kube nemikhankaso noma ukufumbathisa okwenzeka ngokhetho ngoba lo Mbuso uyobusa kuze kube phakade. (Daniyeli 7:13, 14) Njengoba uMbusi wawo ekhethwe uNkulunkulu, lo Mbuso ngeke ube nokhetho futhi ngeke uchithwe. Ngenxa yokuthi awuguquki, izinto ozenzayo ziyohlale ziwusizo kubantu ngoba ziyohlala isikhathi eside.

4. IMITHETHO

UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo obusa usezulwini

INKINGA: Ekuqaleni ungase ucabange ukuthi ukubeka imithetho emisha kungathuthukisa izimo. Nokho, ochwepheshe baye bathola ukuthi ezimweni eziningi ukwandisa imithetho kwandisa amathuba enkohlakalo. Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile kuyabiza ukubeka imithetho ngokukhethekile ehloselwe unciphisa inkohlakalo kanti kuncane kakhulu ekufezayo.

ISIXAZULULO: Imithetho yoMbuso kaNkulunkulu iphakeme kakhulu kunemithetho yohulumeni babantu. Ngokwesibonelo, kunokuba abeke uhide lwemithetho, uJesu wanikeza abantu lokhu okuvame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Wathi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Okuphawuleka ngokukhethekile emithethweni yoMbuso ukuthi igxila kokubili ezisuseni nasezenzweni. UJesu wathi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Yiqiniso, uNkulunkulu, okwazi ukufunda izinhliziyo, angakwazi ukwenza ukuba leyo miyalo ilandelwe.—1 Samuweli 16:7.

5. IZISUSA

INKINGA: Ubugovu nokuzicabangela yikona okubangela inkohlakalo. Izikhulu zikahulumeni nezakhamuzi zivame ukubonisa lezo zimfanelo ezimbi. Isakhiwo esinezitolo saseSeoul okukhulunywe ngaso esahlukweni esandulele, sawa ngenxa yokuthi izikhulu zikahulumeni zamukela isifumbathiso kubakhi, ababazi ukuthi ukufumbathisa kuzobiza kancane kunokusebenzisa izinto ezifanele ekwakheni leso sakhiwo.

Ngakho-ke, ukuze kuqedwe inkohlakalo, abantu kumelwe bafundiswe ukulwa nezisusa ezijulile ezinjengomhawu nokuzicabangela. Nokho, ohulumeni babantu abakwazi futhi abanaso isifiso sokufundisa abantu lokho.

ISIXAZULULO: UMbuso kaNkulunkulu ulwa nomsuka wenkohlakalo ngokufundisa abantu indlela yokunqoba izisusa ezimbi eziyibangelayo. * Le mfundo ibasiza ukuba ‘benziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yabo.’ (Efesu 4:23) Bafunda ukuba nokwaneliseka nokuba nesithakazelo kwabanye abantu esikhundleni sokuhaha nokuzicabangela bona.—Filipi 2:4; 1 Thimothewu 6:6.

6. IZIKHONZI

INKINGA: Ngisho nasendaweni ekahle kakhulu enemfundo engcono kakhulu yesimilo, abanye abantu bavele bazikhethele ukungathembeki nokukhohlakala. Ochwepheshe bayavuma ukuthi lesi isizathu esenza ukuba ohulumeni babantu bahluleke ukuqeda inkohlakalo. Ohulumeni babantu bona banethemba lokuthi banganciphisa inkohlakalo nemiphumela yayo.

ISIXAZULULO: I-United Nations Convention Against Corruption ithi ukuze balwe nenkohlakalo, ohulumeni kufanele bagqugquzele “ubuqotho, ukwethembeka nokuzimisela.” Nakuba lokhu kuwumgomo omuhle, uMbuso kaNkulunkulu wenza okungaphezu nje kokukhuthaza lezi zimfanelo—uyazifuna ezikhonzini zawo. IBhayibheli lithi “abantu abahahayo” ‘nabaqambimanga’ ngeke bakufanelekele ukuzuza lo Mbuso njengefa.—1 Korinte 6:9-11; IsAmbulo 21:8.

Abantu bangafunda ukunamathela kulezi zimiso eziphakeme zokuziphatha, njengoba amaKristu okuqala enza kanjalo. Ngokwesibonelo, lapho umfundi okuthiwa uSimoni ezama ukuthenga umoya ongcwele kubaphostoli, bakwenqaba ukufumbathiswa futhi bathi kuye: “Phenduka kulobu bubi bakho.” Lapho nje uSimoni ebona ingozi yezifiso zakhe ezimbi, wacela abaphostoli ukuba bamthandazele ukuze azinqobe.—IzEnzo 8:18-24.

INDLELA ONGABA NGAYO ISIKHONZI SOMBUSO

Kungakhathaliseki ukuthi ungowasiphi isizwe, usethubeni lokuba isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu. (IzEnzo 10:34, 35) Imfundo enikezwa uMbuso—manje etholakala emhlabeni wonke—izokubonisa ukuthi ungakwenza kanjani lokho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukukubonisa ukuthi basiqhuba kanjani isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, esithatha nje imizuzu engaba yishumi ngesonto. Phakathi kokunye, ungafunda okwengeziwe ‘ngezindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu,’ kuhlanganise nendlela oyoqeda ngayo inkohlakalo kuhulumeni. (Luka 4:43) Sicela ukuba uxhumane noFakazi BakaJehova endaweni yangakini noma uvakashele ingosi yethu ethi, jw.org/zu.

Ungathanda yini ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli samahhala?

^ isig. 8 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

^ isig. 22 Ngokwesibonelo, bheka isihloko esithi “Ungakwazi Yini Ukwethembeka Ezweni Elinenkohlakalo?” kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 2012.