ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE KUYASIZA UKUTHANDAZA?
Kungani Abantu Bethandaza?
“Ngangiwumlutha wokugembula. Ngangithandazela ukuthola isizumbulu semali. Lokho akuzange kwenzeke.”—USamuel, * eKenya.
“Esikoleni sasiphindaphinda umthandazo owodwa esasiwufundisiwe.”—UTeresa, ePhilippines.
“Ngiyathandaza lapho ngibhekene nezinkinga, ngithandaze lapho ngicela ukuthethelelwa izono, ngithandazele nokuba umKristu ongcono.”—UMagdalene, eGhana.
Lokhu okwashiwo uSamuel, uTeresa noMagdalene kubonisa ukuthi abantu bathandazela izinto ezihlukahlukene, abanye bathandazela izinto ezibalulekile kanti abanye bathandazela izinto ezingabalulekile kangako. Abanye bathandaza ngokusuka enhliziyweni kanti imithandazo yabanye ayisuki enhliziyweni. Kungakhathaliseki ukuthi bathandazela ukuba babhale kahle izivivinyo esikoleni, ukuba iqembu abalithandayo lezemidlalo liphumelele, ukuba bathole isiqondiso sikaNkulunkulu ekuphileni komndeni wabo—noma bathandazela nokunye okuningi—izigidi zabantu ziyasibona isidingo sokuthandaza. Empeleni, inhlolo-vo ibonisa ukuthi ngisho nabantu abangekho ngaphansi kwenkolo ethile bathandaza njalo.
Ingabe uyathandaza? Uma kunjalo, yini oyithandazelayo? Kungakhathaliseki ukuthi uthandaza njalo noma cha, ungase uzibuze: ‘Ingabe kuyasiza ngempela ukuthandaza? Ingabe ukhona osuke elalele?’ Omunye umbhali wathi ukuthandaza kumane nje “kuyindlela yokuzelapha . . . kufana nokukhuluma nenhlanzi yakho oyifuyile.” Ezinye izazi zezokwelapha zinombono ofanayo, zibiza umthandazo ngokuthi “olunye uhlobo lokwelapha.” Ingabe abantu abathandazayo balandela inqubo engazuzisi noma mhlawumbe benza into ebasiza balulame ekuguleni okuthile?
Ngokuphambene nalokho, iBhayibheli lichaza umthandazo njengento engaphezu kohlobo oluthile lokwelapha. Lisitshela ukuthi ukhona umuntu oyizwayo imithandazo eyenziwa ngendlela efanele futhi ecela izinto ezifanele. Ingabe lokhu kuyiqiniso? Ake sihlole ubufakazi.
^ isig. 3 Amanye amagama ashintshiwe.