Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Top left: Marek M. Berezowski/​Anadolu Agency via Getty Images; bottom left: Halfpoint Images/​Moment via Getty Images; center: Zhai Yujia/​China News Service/​VCG via Getty Images; top right: Ismail Sen/​Anadolu Agency via Getty Images; bottom right: E+/​taseffski/​via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

U-2023: Unyaka Wezigigaba—Lithini IBhayibheli?

U-2023: Unyaka Wezigigaba—Lithini IBhayibheli?

 Izinto ezenzeke emhlabeni ngo-2023, zikufakazela ngokucacile okushiwo iBhayibheli ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1) Phawula ukuthi yiziphi izinto ezenzeka esikhathini sethu iBhayibheli elazibikezela.

Lithini iBhayibheli ngezinto ezenzeka emhlabeni?

 ‘Izimpi nemibiko yezimpi.’​—Mathewu 24:6.

  •    “Ziyanda izimpi ezingxenyeni eziningi zomhlaba.” a

 “Ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.”​—Marku 13:8.

  •    “Kusukela ekuqaleni kuka-2023, kube nokuzamazama komhlaba okungu-13 okunesilinganiso esingaphezu kuka-7, okungesinye sezibalo ezinkulu selokhu kwaqalwa ukuthathwa kwamarikhodi.” b

 “Imibono eyesabekayo.”​—Luka 21:11.

  •    “Isiphelile inkathi yokwenyuka kwamazinga okushisa; aseyabila manje amazinga okushisa.”​—U-António Guterres, ongunobhala-jikelele we-UN. c

 Funda isihloko esithi “Ukushisa Okunamandla Kwasehlobo Ngo-2023.”

 “Ukusweleka kokudla.”​—Mathewu 24:7.

  •    “U-2023: Uphinde waba unyaka onzima kakhulu kubantu abanenkinga yokondla imindeni yabo.” d

 Funda isihloko esithi “Indlala Ebangelwa Impi Nesimo Sezulu.”

 “Izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”​—2 Thimothewu 3:1.

  •    “Umuntu oyedwa kwabangu-8 emhlabeni uphila nokuphazamiseka kwengqondo.” e

Uza nani u-2024?

 Akekho owaziyo ukuthi u-2024 usiphatheleni. Kodwa izinto ezenzeka emhlabeni zisitshela ukuthi kungekudala uMbuso kaNkulunkulu noma uhulumeni wasezulwini, uzothatha izintambo kohulumeni babantu uqede zonke izinto ezibangela ukuhlupheka nokukhathazeka.​—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:4.

 Okwamanje, uma sifikelwa ukukhathazeka masincike kuNkulunkulu, uzosisiza. IBhayibheli lithi:

 “Lapho ngesaba, ngithembela kuwe.”​—IHubo 56:3.

 Singabonisa kanjani ukuthi siyamethemba uNkulunkulu? Sicela ufunde kabanzi ngalokho iBhayibheli elikuthembisayo ngekusasa elingenakho ukuhlupheka. Zama isifundo seBhayibheli samahhala ukuze ubone indlela wena nomndeni wakho eningazuza ngayo ezithembisweni zeBhayibheli.

a Foreign Affairs, “A World at War: What Is Behind the Global Explosion of Violent Conflict?” by Emma Beals and Peter Salisbury, October 30, 2023.

b Earthquake News, “Year 2023: Number of Major Earthquakes on Course for Record,” May, 2023.

c United Nations, “Secretary-General’s Opening Remarks at Press Conference on Climate,” July 27, 2023.

d World Food Programme, “A Global Food Crisis.”

e World Health Organization, “World Mental Health Day 2023,” October 10, 2023.